Nzimande | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Nzimande

Mphephetwa,
Mdluli,
Ngwekazi, Gwala,
Mancama ngesinkw'esikhulu,
Wena owasukel'isigodo simuka nomfula uth'inyama,
Manda kulandulwa,
Vilakazi,
Xam'odla ngomsingizane,
Mhlandla!

Nyembe | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Nyembe

Ncamane,
Skhandisa samakhosi,
Thwala lomzimkhulu,
Mnyamande,
Mkhont'oduma njengezulu,
Ithala lomkhonto lisemaNyamandeni,
Nhlangothi zimanxebanxeba,
Wena kaMlamulankunzi ungaziyeki zibulalane,
Wena kaSiwela owawela umfula ngesilulu,
Mnyango kawuvalwa, uvalwa ngamakhand'amadoda,
Ntshivakazi engenampondo,
Bhijela wamaMbane,
Sakade kaGemane,
Gemane kaSiwela,
Nzilagazi!