Lowo-ke osuke ekufisela unwele olude bese esho la mazwi (ukhule uze ukhokhobe), usuke ekufisela ukuba ukhule uze ufike kulelo zinga lobudala. Akukhona ukuthi usuke ekufisela ukuthi uzithole ungasakwazi ukuhamba kahle.
Kunenkulumo-ke esijwayelekile kubantu, ngisho nasemisakazweni yesiZulu imbala uzwe abantu bethi, “Ukhule ungakhokhobi.” Kuyiphutha lokhu. Kasazi noma basuke bekufisela ukuthi uma usugugile ungabe usakwazi ukuhamba kepha uhudulwe okanye uqhutshwe ngenqola, ngoba phela angeke uguge okwangempela kodwa ujike ungakhokhobi uma uzihambela ngokwakho.
Kungenzeka basuke bekufisela ukuthi ungafiki kwakufika kulelo zinga lokuguga, kepha usheshe udlule kulo mhlaba. Kasazi. Yibona (abakushoyo lokho) kuphela abanencazelo yalokho.
Asingazami ukuguqula isiZulu esiyisona, sikhulume okuthandwa yithi sibe singayazi incazelo yalokhu esikuguqulayo, futhi singakuhlaziyanga kwakhona lokhu okusha esisuke sesiqhamuka nakho.