Imilolozelo: Umzanyana Uthi

Umzanyana Uthi



We Nokuthela:
Wu, wu, wu!
Igula lomntwana:
Wu, wu, wu!
Zaqheqhe zengane:
Wu, wu, wu!
We Nomsutho:
Wu, wu, wu!
Woz’ uthule;
Nca, nca, nca bo!


Eminye imilolozelo: 

Imilolozelo We Nomathemba

We Nomathemba:


We Nomathemba 

Ushaywe ngubani ?

Yiyo lendonda.Ibiz’ ize lapha;

O, Hhayi Ngiyesaba!

Gibela nant’ ihhashi:O, 

Hhayi ngiyenqena.

Ehl’ amathamb’Ebhek’ enzansi,

Enyuk’ amathamb’Ebheke phezulu!

Ebheke phezulu!

Ebheke phezulu!


Eminye imilolozelo: 

Imilolozelo: Thula Mntwana

Imilolozelo: Thula Mntwana





Thula Mntwana
Thula thu,
Thula mntwana,
Thula sana,
Mam’ akekho,
Uzobuya ekuseni,
Owa mntwana!

Owa mntwana!


Eminye imilolozelo: 

Umzanyana uthi  




Shabangu Clan name

Shabangu Clan name

Shabangu!
Gama!
Mbhele!
Dlangamandla kwaboSothole
Mbhele oluhlaza njengenxoshana
Mdluli ngokudilizizindlovu.

Izithakazelo Zakwa Makhanya

Izithakazelo Zakwa Makhanya

Makhanya,
Mnguni,
Yeyeye,
Gumede,
Qwabe,
Phakathwayo,
Khuzwayo,
Maphithini,
Mpangazitha,
Duze kaMnengwa Gcwabaza,
Thusi, Lingela,
Zukezela, Makhutha,
Mfene,
Wena owakhanyisa ngothi lomshanelo ngoba ezonda ubumnyama,
Wakhanyisa ngothi lomshanelo kwaze kwasa luvutha MAKHANYA!!!!

Izithakazelo Zakwa Mkhonto

Izithakazelo Zakwa Mkhonto

Mkhonto-zikhali!
Hlungwane,
Mkhonto uhlaba magwala,
Magwaza kaZulu!

tags: Mkhonto clan names, izithakazelo zwakwa Mkhonto, Mkhonto clan praises

Ndlela Clan name | Izithakazelo

Ndlela Clan name praise:

Madide kaNdlela
Zikode kaNqaba
Sikhotha sawomoyakazi
Mawandla phikela mhlophe
Sihlangu gudlulaka
Nina bakaMaziyaziyana!

Nyoni kayidliwa muntu
Idliwa nguVezi
Ngoeyinkosi yamaNtshali
Phangela Jozini
Impangiso ingakagwazi
UNondela mzimba
AwunikuMandlakazi!

Mzimbunameva njengesihlahla
Phikela mhlophe
Sikhotha sawodonda
Nhlendle emathatha kaMpangela
Mgwazi kaqhaqhi
Uqhaqhelwa ezintuthwane
Lulwandle lugubelene!

Athamagwala sibonamabutho
Kantabonamagagasi
Humbu kanye nezintanga
Dilika kanye nezixhobo
Chakidomadevabomvu
Phikela mhlophe!

Izithakazelo zakwa-Sokhela

Izithakazelo zakwaSokhela

Sokhela!
Nzuza
Mahlobo
Mshazi
Nozishada kaMaqhoboza
Owaqhobozela izinkomo zamadoda
Wena owapheka amadumbe avuthwa ngoLwesihlanu .
Wena owahlaba iso leSilo ngomuso wahlaba eleNgonyama

Umuntu owanothisa umlando wabantu bakwaNzuza futhi owaduma ngokulwa izimpi ezabe ziliwa kuleyo minyaka kwaba nguNozishada indodana kaMaqhoboza .Iqhawe lakwaNzuza

Izibongo zikaNozishada kaMaqhoboza:

Umziqomela ,njengesilwane
Unqamul'abant'amaqambi
UGebhuz'izulu
Ungongo zabantu nezinkomo
Umahlungulu-ngodweni
Umali wendima kant'uyazalela
Usehla ngendawana yakhe yedwana
Umgwazi weziqananazana
Unyawo lungendlu yakwabo,kwamaSicazana
Umanqe bathi 'Adlani ngalapha kwaleziya zintaba?'
Adl'abantu bakaNozishada kaMaqoboza

UChakid'ozikhohlokhohlwana
UNtak'oduke namhlambi
Ngob'uduke nezakwaMzilikazi
UNomphanda mthombo wezinsele
Untamo kayidinwa iziqu
Njengabo bonke zibadinile

Ubehlangabez'uZulu eMaqongqo
Kwaze kwabuz'uNdlela kaSompisi
Wathi: Uzawuhamba yiphi na?
Mfana kaMqhoboza na?
Wathi -ke 'Nansi eyami,
Engizawuhamba kuyo'
Wayesethi-ke yena:'Kepha ngiyakhala
Ngoba ngibona nje iNkosi isiletha abafana
Angiboni engizakulwa nabo
Ngibona abafana bodwa

Ibinda !

Izithakazelo Zakwa Phungula

Izithakazelo Zakwa Phungula,

Phungula!
Mdlovu!
Mbangmude,
Mbandlwa,
Qhweza,
Hashaza ehlangeni,
Mnandi ongemondi,
Nomasikisiki
Nyoni esindwa isisila sayo,
Nkomo edla yodwa!
Uma idla nezinye ziyayiphangela

Myeza Clan name praise

Myeza Clan name praise

Myeza!
Mzukwase!
Mndimdwanodlumkantsha
Ninenawla ngomzungulu
Umzungulu wasala wabola
Umzaca okhombamaNgwane
Ndengezi!

Mlotshwa Clan name praises

Mlotshwa Clan name praises

Mlotshwa!
Ntumbeza kaNtanzi
KaLwandle kaluwelwa
Luwelwa zinkonjane
Zona zindiza phezulu
Cabuzela onyawo ncane
Zingabankulu zifuzekhabonina
Zitha kaMkhonto
NinenaphumoSuthu
Nehla ngesilulu Hlatshwayo!
Nkomo!
Magidla!

Izithakazelo zakwa-Mthalane

Izithakazelo zakwa-Mthalane

Mthalane!
Weza!
Fuzula!
Mngxenge!
Zimbuzi zingena ngamasangosango
Nyokana Eluhlazana umabonwa abulawe njengenyamazane
Mbulula
Nkwesheni
Nomcozama
Mbonambi

Izithakazelo Zakwa Mchunu

Izithakazelo Zakwa Mchunu

Mchunu!
Izithakazelo zakwa-Mchunu
Macingwane,
Yeyesa,
Phakade,
Mnguni wena wase Ngonyameni,
Jama kaSilwane
Wena kaNogida ngobambo ezinye izintombi zigida ngomshayelo!

Izithakazelo Zakwa Nhlapho

Izithakazelo Zakwa Nhlapho

Nhlapo!
S'gegede ....
Nongombhili! ingabayinye, weza nonima!
Mabulal' umuntu am'hleke, athi, "ngibulel' okukhahlambana".
Ndaba ....
Dub' elimthende
Nkwali zenkosi ezona ngokwendela kubafokazana
Umathunzi-made okwensim' yelala!
Umagotshw' egotshiwe kwabakwamlambo!
Wena kamavundla ...!
Mbhonani ...!
Umwelase ngokuwela impofana nothukela!
Mwelase ongaweli ngezibuko .... owawela ngezihlengela zomfula
Umadl' umkadadewabo, athi, "akanamhlehlo! onomhlehlo ngubhabhakazi!"
Umsongansimbi ayibek' ebunzi khon' amagwala azombalekela.
Kwanhlapo umgoqo kawusavalwa, sekuvalwa ngamakhanda amadoda.
Mlambo!
Nina bakwamveli!!!

Sithole Clan names

Sithole Clan names

Sithole, 
Jobe!
Mondisa!
Phumela phandle ngoba kufudumele
Ungaze ube nomngandeni
Malatshana!
Mhlakaza nhlansi zingamshisi
Ziyoshisabalondolozi
Maphitha!
Mthembu waseGubazi
AbaThembu bengabakwaMvelase
Ngqikazi kaGabela
Zitsha zimnyama
zingamankankazana
Nyama kaMaqoqo
Abayidla beyidonsisana
Nina bakaMgidi wekhohlwa
Nina bakaThakazelwayo
Nina bakaMqolo
Owadlomunyumqolo
Nina bakaDidizumkhaba
Mkhombowadleminyimikhombe
Lwandloluhambezintabeni
Nina baseQhudeni
Jozana olubomvanolundakandkana
Qomondolumantinyane
Olubukumuntu lumethembise
Sengathi luzomakhelumuzi
Kanti phinde!
Nina bethole insthwabadeyane
Mthiyane Sonomo
Nina bakaMkhawozi
Owakhawuzamadodakhawuleka
Nkomankomanekhawuzabalondolozi
Nina bakaNyawo zimthende
zimthendelezi
Ngwenyedlelohawini
Nina baseNyongweni
Chakijana kaGezindaka
Suka bekhuluma!
Bhande kaMtshiba
Mahamba!
NgokuhambuyeSwazini
Luhuluhulu!
Nyokeni!
Nina baseLenge!
Ninenabulalabathakathi
NjengoShaka
Nadlula naweluThukela
NinabakwaMgcwayiza oyinsimbi

Ongahlulwa yintengakhulumi.

Izithakazelo zakwaMyeza

Izithakazelo zakwaMyeza

Myeza!
Ndimbane;
Mpangela;
Mzukwaze!
Msani wathwalwa ngezinyanda
Madlokovu!!!

Mfusi clan names

Mfusi clan names

Mthiyane,
Linda,
Undisa,
Madanyana,
Incwadi engafundeki,
Ushevu ongababi othi ungababa ungabulali

Mdletshe Clan names

Mdletshe Clan names

Mdletshe!
Msindazwe,
Mfuyi wamatshe abanye befuya izinkom,
Singabakangomane engowaseyisayini,
Singabakamfusi kamawewe,
Singabakamsuswhana singonzamela gwaza,
Singabanomo,
Singomagida!
Singoskhumba sehlula abashuki saze sashukwa amampondo.
Thina phela singabakamagcishagcisha!

Blose Clan names

Blose Clan names

Ndelu,
Madiba,
Dimba,
Duma,
Mseleku,
Phonsel 'obusumajonjobela othunga ligcwala lingethiwanga ligcwala ukuhlakanipha,
Bohlela.
Noncengwa -wena owancengwa izintombi zathi sicela usishade blose.
Chobile - wena owachoba izintwala zenkosazana.

Gasa Clan names

Gasa Clan names

Msomi ,
Gasa,
Meyiwa,
Thabela,
Vezi,
Nophacwa wena owaphica umfazi kwasa ekuseni kwazekwa indaba,
Onondabula zixuku zakondwandwe,
Wena owehla ngomzungulu wasala wabola mndayi

Dludla Clan names

Cebisa,
Mandondo,
Sebeni (bavela kwaxulu)
Dludla,
Cebisa,
Mandondo,
Nsukungaye,
Jaja,
Nina bakasibunywana sihleli asitebi ezabanye zibomvana,
Skhakha!

Mfusi Clan names

Mfusi Clan names

mthiyane,
linda,
vundisa,
madanyana,
incwadi engafundeki,
ushevu ongababi othi ungababa ungabulali

Mbuyisa Clan names

Mbuyisa Clan names

Mcusi wasendlunkulu,
Mbhede olala abelungu
Gqagqazela,
Nhlavu azimshayi ziyamthantalaza,
Shebi,
Nonduku!

Mlaba Clan Names

Mlaba Clan Names

Ximba,
godi,
msuthu,
nodlela,
mabhoyi,
mtungwa,
nina benkosi ebhula ngehlahla amanye amakhosi ebhula ngenduku 
nina benkosi eyalwa nongangezwe yaye yalwa nonomsinekwayo 
nina enadla isicaba sisinye ngokusicazelana
nina bambewu mbili ababovana nabamnyamana,
omlamulankunzi ziyek'ezinye zibulalane mkhonto owabuya nobende emadodeni ogqumel'thethayo 
nina enehla ngesilulu ezintabeni zasosuthu dumakude mthandi wabantu bengamthandi bethi bayamthanda kanti bayamkhohlisa 
njono wena wasemdlangweni sambane phum'ehlathini kwenile kulele izingwe nezingwenyama 
nina bakamkalabane akadinwa ngamaveyisi!

Izithakazelo zakwa-Shangase

Izithakazelo zakwa-Shangase

Shangase!
Shuku
Ndaleka!
Mkheshane
Nogujwa
Thomani!



Izithakazelo zakwa-Shangase, Shangase clan names, Shangase clan praises