Mseleku Clan Names

Clan Names: Mseleku

Duma,
Lwandle, Ntenga,
Mthombeni!

Msani / Msane Clan Names

Clan Names: Msani / Msane

Mtimande,
Kunene, Majoka,
Nxaba kaMbhekane owabhekana nokuhlupheka,
Madl'uvalo lwengonyama abanye bedl'olwenkomo,
Mthantathwa,
Mnguni was' Ondini,
Wena kaNonqewu,
Wena kaMgobhozi,
Ntetha, Vangisa,
Mageza ngobisi abanye begeza ngamanzi,
Mvuna!

Mvelase Clan Names

Clan Names: Mvelase

Mthembu,
Qhudeni Mvelase,
Owavel’eNyandeni yemikhonto yakwaMabaso,
Mvelase kaGuda,
Ongawadl’amathibani,
Angadl’amathibane indlala ngabe iwile,
Mnisi wemvula ilanga libalele,
Ngoz’ovel’eNyandeni,
Ngoza kaMkhubukeli, kaGazi,
Nina baseMlamlankunzi!

Msimango Clan Names

Clan Names: Msimango

Thabizolo,
Nonkosi, Mlotshwa,
Wena kaSengama umuntu ngejozi,
Wena owehla ngesilulu abafokazane behla ngezinyawo,
Pembe kaLokothwayo,
Ngelengele!

Msibi Clan Names

Clan Names: Msibi

Ndlondlo,
Mabuya, Guliwe
Ndlondl'eyadl'ubulongwe yalibala,
Siwela,
Gasa!

Nzimande Clan Names

Clan Names: Nzimande

Mphephetwa,
Mdluli,
Ngwekazi, Gwala,
Mancama ngesinkw'esikhulu,
Wena owasukel'isigodo simuka nomfula uth'inyama,
Manda kulandulwa,
Vilakazi,
Xam'odla ngomsingizane,
Mhlandla!

Nyembe Clan Names

Clan Names: Nyembe

Ncamane,
Skhandisa samakhosi,
Thwala lomzimkhulu,
Mnyamande,
Mkhont'oduma njengezulu,
Ithala lomkhonto lisemaNyamandeni,
Nhlangothi zimanxebanxeba,
Wena kaMlamulankunzi ungaziyeki zibulalane,
Wena kaSiwela owawela umfula ngesilulu,
Mnyango kawuvalwa, uvalwa ngamakhand'amadoda,
Ntshivakazi engenampondo,
Bhijela wamaMbane,
Sakade kaGemane,
Gemane kaSiwela,
Nzilagazi!

Sithole Clan Names

Clan Names: Sithole

Jobe !
Mondisa!
Phumela phandle ngoba kufudumele
Matshana!
Mhlakaza nhlansi zingamshisi
Ziyoshis’ abalondolozi

Maphitha!
Mthembu waseGubazi
AbaThembu bengabakwaMvelase
Ngqikazi zimnyama zingamankankazana
Nyama kaMaqoqo
Abayidla beyidonsisana

Nina bakaMgidi wekhohlwa
Nina bakaThakazelwayo
Nina bakaMqolo
Owadl’ omuny’ umqolo
Nina bakaDidiz’ umkhaba
Mkhomb’ olwadl’ eminy’ imikhombe
Lwandl’ oluhambezintabeni
Nina baseQhudeni

Jozana olubomvan’ olundakandakana
Qomond’ olumantinyane
Olubuk’ umuntu lumethembise
Sengathi luzomakkhel’ umuzi, kanti phinde!

Nina bethole intshwabadeyane
Mthiyane Sonomo
Nina bakaMkhwawozi
Owakhawuz’ Mdod’ akhawuleka
Nkomankoman’ ekhawuz’ abalondolozi
Nina bakaNyawo zimthende, zimthendelezi.

Ngweny’ edlel’ ohawini
Nina baseNyongweni
Chakijana kaGezindaka
Suka bekhuluma!
Bhande kaMtshiba
Mahamba!
Ngokuhamb’uyeSwazini!
Luhuluhulu!

Nyokeni!
Nina baseLangeni!
Nin’ enabulal’ abathakathi njengoShaka
Nadlula nawel’ uThukela
Nina bakwaMgwayiza oyinsimbi engagobi!

Sibeko Clan Names

Clan Names: Sibeko

Maziya,
Gembe, Mkhabela,
Mcusi omhlophe izandla nezinyawo,
Wena wenjiki emnyama yasoHlelo,
Wabona ngani ukuthi injiki iwelile?
Wabona ngamanzi ukudungeka,
Wena wekunene wanginika ugaba,
Zaba mbili saphulelana!

Mchunu Clan Names

Clan Names: Mchunu

Macingwane, Yeyesa, Phakade,
Wena wase Ngonyameni,
Jama ka Silwane,
Nyanda yemi khonto,
Phakade akagugi koze kuguge izingane zakhe,
Wena kano Gida ngo Bambo,
Ezinye izintombi zigida ngomshayelo.
Ndabezitha!

Mbuyazi Clan Names

Clan Names: Mbuyazi

Mbuyazi!
Mbonambi!
Ngiba kaNomagama!
Mageza ngobisi amanzi ekhona!
Mabhodla wena owabhodl' ulwandle lugcwele!
Wawela ngaphesheya, owalamb' endleleni waze wadla ubukhwebezane!
Nkonyan' yenkosi!
Mkhosana!

Sibande Clan Names

Clan Names: Sibande

Goje  kuhlase mdlanyoka ndzenge loncama netitho takhe,
emandzenge abitiwe kangwane abitelwe umuti uyagedzagedza enkosini.

Mbatha Clan Names

Clan Names: Mbatha

Mbatha, Shandu ka Ndaba;
Gumbi Lamagwala; Sontshikazi,
Mthiya othiya ngenkomo abafokazane bethiya ngamahlahla;
Ndabezitha!

U Shandu ubengengakanani ngoba nasentendeni yesandla uyenela;
Nasothini lomkhonto uyahlala athi cababa;
Mazalankosi;
Mavungama;
Mathabathanyawo;
Makhabaluthuli;
Makhubanothuli!

Nina be Nyathi emnyama ka Nsele;
UShandu owalima insimu eyilimela izinyoni;
Zase zimbonga zathi tshiyo…tshiyo…tshiyo!

Ubhabha ku Gwaza;
UNkentenkente olwakhela izintaba zase Nhlazatshe;
Kwaze kwaphuma abafazi bengabhincile bathi;
Ingabe lolu Nkentenkente lunkenteza lwenzani;

UShandu ongayimbathi ingubo, oyimbatha ngokusibekela kwe Langa;
UShandu omuhle ngamazinyo akhe;
Wavala nge hhemu emizini yamadoda;
Uzihlabathi zolwandle;
Ebe emkhulu engange Zulu;

Wena ka Magizagiza;
Mlamlankunzi zidedele zibulalane;
Shandu uyinkosi eyabonwa nawu siShaka ka Senzangakhona;
Yena abathi uShaka akashayeki;
Wathi Shandu ka Ndaba uyi Nkosi,
Futhi uyohlala uyi Nkosi;
Ndaba ko Mkhulu!
Wo! Nyathi!

Mbeje, Mndaba, Mlotsha;
Magwaza aphindelele njenge Zulu;
Mavungama owavungamela uMvelase evela eNyandeni;

Dladla, Mpembe, Gadlela, Mhlophe, Dwala;
Mgabadeli ngokugabadela izinkomo zama doda;
Mgabadeli ngokugabadela inkundla kwa Bulawayo;

Mbatha wena owambatha isikhumba senyathi uZulu esahambaze!
Wena owaba ngu Ndabezitha kuqala;
Baze bazama ukuthatha izibongo zakho ngamaqhinga!
Wasala uzisebenzisa njengoba usazisebenzisa namanje;

Ndabezitha!
Ndaba ko Mkhulu!



Shabalala Clan Names

Clan Names: Shabalala

Mshengu
Donga kuka Mavuso
Sidwaba silu Thuli
Ngxabalala
Chagwe
Noyaba
Mabhedla
Thapo
Thingisi
Shevi
Bhuqa
Sayiwana
Bhokwe
Samanisi
Mehlwempi
Nkosikayikho
Phikindaba
Magudulela
Sagqubha
Ndleko
Moniwa!

Tembe Clan Names

Clan Names: Tembe

Mthonga
Tembe
Mlawu, Ngolanyama
Khamangathi, Khamel'abahloti
Mlawu wantshenga
Nyomfi wandawu
Kabahlomeli
Hlomela hlomela
Adingi omnyama
Kameli bahluthi
Ngwanase
Noziyingili!

Thwala Clan Names

Clan Names: Thwala

Msani
Mtimande, Kunene, Majoka, Nxaba, Mbhekane, Madluvalo, Mthantathwa, Mnguni, Nonqewu,
Mgobhozi, Ntetha, Vangisa,
Mvuna, Mageza Ngobisi…
Mqadi
Mbuyisa, Hlobose, Nobela,
Sosingathi, Jakaja…
Mpofana
Ntombela, Zulu…
Mpanza
Thabekhulu, Sandanezwe, Nongalo,
Mavundla, Siwela, Dubandlela,
Soyikasi, Mzingane, Donda…
Motha
Mvulane, Nyamande, Thwala…

Nkabinde Clan Names

Clan Names: Nkabinde

Mcusi
Mphondle kaNdlolothi
Mafuya
Ngokufuyinkabi
Nina bakaMabelemade
Oncelisumntwana
Engaphesheya komfula.
Siyobi!
Gama Mboyisa!
Abakhokhelabantu behlezi
Ubusika nenhlobo.

Ndaba Clan Names

Clan Names: Ndaba

Mwelase,
Mthiyane,
Mhlungu,
Madela,
Dubazane,
Longode,
Wena ongaweli ngazibuko,
Wela ngezimpambosi zomfula,
Masinga asilele,
Mididwa emnyama,
OMalobola mbiza zawo tshani
Nina enilobola ngezenqele abanye belobola ngezomquba.
Wena owasemhlungwini,Owagaqa wagaqa wathugwazinkomo kanti usegwazumhlana wendoda,
Ahhhhhhh ndabezitha!!!

Myeni Clan Names

Clan Names: Myeni

Mdolomba
Mzukase,
Mnguni wasenhla
Wena waseNingizimu
Mabasendleleni zombili, enye ngeyokuya , enye ngeyokubuya
Gwebeshomnyama ,ophuza amanzi okuhlalelwa
Wena owabalekela insingizi ngokusindela uthi silwane
Mdlomba kaDuma
Wena ongengakanani ngoba nasentendeni yesandla uyahlala
Ngwenya kaMalambe
Mzimela
Mziyankatha

Ngcemu Clan Names

Clan Names: Ngcemu

Makhathini!
Xulu!
Donda waseNkwalini
Owashayudaka
Kwavelizinkomo nabantu

Ngobese Clan Names

Clan Names: Ngobese!

Mqungebe
Donda
Mthinti
Ntinda

Ngubeni Clan Names

Clan Names: Ngubeni

Nkomo!
Mtungwa!
Mazodwa!
UGudlu kaDlomo
UNkala kayibulawa
Ngoba yasizanakubo eSobotsheni.

Mthiya Clan Names

Clan Names: Mthiya

Zubane,
Mbatha!

Magutshwa Clan Names

Magutshwa, Simelane

Mbonambi Clan Names
Clan Names: Mbonambi
masimula, mgidi, mlotjwa, kulungwana
mgid'akodumago,
yindumandumani eyadum'ezizweni,
yaduma nasedlomudlomu
kulungwana lekhethu lekomeni ngelaphika nemihlamb'amadoda kwaze kwadinw' imhlambi yamadoda
isebe liphezulu eqongolweni libambele ematjekeni womlomo
mlamula komagwabo,
ngowalamul'ikunzembili sisilwa, ngathana wazilisa bezizakubulalana
bath'umlotswa ngewakhuphina?,
ngowakh'esqongololweni sentaba abamfunako bamthola ngokumlalamela

Nkabinde Clan Names

Clan Names: Nkabinde 

Mcusi
Mphondle kaNdlolothi
Mafuya
Ngokufuyinkabi
Nina bakaMabelemade
Oncelisumntwana
Engaphesheya komfula.
Siyobi!
Gama Mboyisa!
Abakhokhelabantu behlezi

Malevu Clan Names

Clan Names: Malevu

Vezi,
Kunene,
Ziqunde!

Thabethe Clan Names

Clan Names: Thabethe 

Mangethe,
Gema,
Sosibo!

Ntshingila Clan Names

Clan Names: Ntshingila 

Ntshingila,
Dlabane!

Simelane Clan Names

Clan Names: Simelane

Simelane,
Magutshwa!

Mvula Clan Names

Clan Names: Mvula

Mvula,
Duma!

Ngqulunga Clan Names

Clan Names: Ngqulunga

Majola,
Phakade,
Mchunu!

Phakathi Clan Names

Clan Names: Phakathi

Nina bakwaMthentuhlabausamila
BakwaJuqulodlamahleza
BakwaNyoni kaMamasiyephi
Ibuye noNgce eSibgubudu
Yathi Mamase phumungicombele
ZinamanyayezakoSozayi
Zibuye nembewisaphethwe
Nina bakwaMthonguthongwana
UmuthodlamaNyanyambeya
Nina bakwaSigagu
Nina bakwaZikhethankomo
Nina bakwaMhlambushiyanukwayusa
Nina bakwaNdamase wasekuYeyeni
Nina bakwaLanga liphume ladela
Lakhumbuyamanyamayanga
Laze lakhumbula koMafuya
Nina bakwaMlotshwa
Nina bakwaSambane.

Zikhali Clan Names

Clan Names: Zikhali

Sangwani,
Hlongwane,
Ngwane!



izithakazelo zakwa-Zikhali , Zikhali clan praises - tags

Sishi Clan Names

Clan Names: Sishi

Sishi,
Nzimase,
Mathenjwa,
Ncwaba!

Shoba Clan Names

Clan Names: Shoba

Mpikela!
Ntshonondo!
Mathumba!
Ndina!
Ongaweli ngezibuko
Owela ngezihlenge zemifula
Wena wobaba woDwabazane
Wena Ndlovu yesiluba
Angidlanginkomo
Yaze yaba ngumandlamanda

Sangweni Clan Names

Clan Names: Sangweni

E! Sangweni
Sango elibanzi
Mangwane ngwadi
Masinga sileke
Nina eningaweli ngezibuko
Eniwela ngezimpande zomfula
Tshani bude bukaNsele
Nina bakaMabelemade
Ancelisumtwana ngaphesheya komfula
Nina bakwaManzezulu.

Nhleko Clan Names

Clan Names: Nhleko

Mgilitsha!
Nyanganduna!
Masomane!
Ngubo yengwe neyengonyama
Mbambo zenyathi
Malinga!
Owalinga izinkomo zenkosi
Mancwanga!
Nyawo zimhlophe.

Phoswa Clan Names

Clan Names: Phoswa

Phoswa,
Gemase,
Gengeshe,
Chwensi,
Nyoni, Jobo,
Sgidi nekhulu,
Mmniki,
Naswi,Mbhamuza,
Bhamu,
Ntaba Zandelaphi
Nyoni,
Gengeshe!

Ntsele Clan Names

Clan Names: Ntsele

E! Ntsele kaLinda Mkhonto
OwalindeSizungwini
Mthwalo wensimbi
Bayisonge bayenzumqhele
Nsele yenduna
Nina bakwaSiziba silala ingonyama
Madelisidumb adlumlenze
Athi amagwala azambalekele
Nina bakaLutholwa
Zingakatholwa zonkeizizwe
Ninenabambingonyamaizwa
Naxoshiswa ngezinkomo
Zwane!
Mthanti!

Ntombela Clan Names

Clan Names: Ntombela

Mahlobo!
Mpangazitha!
Ninenipheka ngembizende
Isibongesibi
Esingabizwa ngabalandakazi
Sidindi somtshiki!
Ninenishayimpukane ngesibhakela
Niyinqamulamathumbu
Nina bakwaMalandela
NinenizaluZulu
Nina bakwaLuswazi
Dlukula!
Nzuza!
Sishosho sikaPhunga noMageba.




Tags: Ntombela Clan, Ntombela izithakazelo, izithakazelo zakwaNtombela, clan name of Ntombela, Ntombela clan praises, praises for Ntombela

Nyandeni Clan Names

Clan Names: Nyandeni

Nyandeni,
Mashobana!
Gasela!
Khukhuza!

Nxele Clan Names

Izithakazelo Zawa Nxele

Nxele,
Sweli,
Semi,
Msweli!

Sikhosana Clan Names

Clan Names: Sikhosana

Isikhosana sikaMusi kaMhlanga
Ntuthezashunqemhlangeni
Izizwe zonke zabikelana
Zathi kuvelumusi kwaMhlanga
Wena kaMlomusemhlwathini
Vuyisa kaMaphanga.

Shongwe Clan Names

Clan Names: Shongwe

Mtimande
Lubambo lunye
Zingabambili weza nonina
Laqhashizeze.

Vilakazi Clan Names

Clan Names: Vilakazi

Binda!
Mphephethwa!
Mphephethe wena
Wena wakoGama
UGamuyedwa lubaphephethwa
Matshinga waseMaphephetheni
Ogwazaze ame ngeklwa
UNgwevu noNgiwavuma
Nina baseNgwede naseNgwavuma
Nina baseNdondina ngovuma
Sihlase!
Owadlumkadadewabo
Wathakananyongo
Wathakanamhlehlo
Umhlelhlo sibhbhakazane
Malinga khulu hohlo
Bamchatha ngohlanga
Bethi akafe angafi
Baze banqoba.

Sokhela Clan Names

Clan Names: Sokhela

Sokhela,
Nzuza,
Mahlobo!

Yengwa Clan Names

Clan Names: Yengwa

Gwamanda omhlophe
Mncobolo obomvu
Sochumase
Sona ngokubusa
Ngokubusa emanxulumeni
AmaYengwa ehla entengentengeni
AmaYengwa abengengakanani
Abengehla ngothi lomkhonto
Uqaba lafika muva
Lafika amaqaba esegoduka

Xaba Clan Names

Clan Names: Xaba

Nonkosi
Mashwabada
Owashwabadelizindlubu namakhasi
Washwabadelinkomo nezimpondo
Abahlephulisinkwa siyebandla
Basebethi sihleshulwe umtwana
Kanti sihleshulwe nguMlandakazi
Nomboko zinde
Mlotshwa!
Nina bakwaSinxe siyakhathala
Nonkosi omuhle nonyawo lwakhe
Zala kubusa nokuncishana.

Mhlophe Clan Names

Clan Names: Mhlophe 

Mhlophe kaZindela,
kaNonkomonhle,
kaChanca

Zikalala | Clan Names

Clan Names: Zikalala

Khuzeni!
Mazibuko!
Mvelase!
Mpungose!
Khuba!
Gebisa!
Mabhengeza!
Maluleka iphilibana likaDonda
Ngoba leswelabavubeli
Mhayise!
Magwazindoinyelemphandeni
Nina bakwaNgonyama
Nina bakwaMnini
Mbangalaka!
Masikiphepha
Buthelinhlabathi
Nina bakwaMansumpa
Nina bakwaMadlikivana.

Mbuyazi Clan Names

Mbuyazi Clan Names

Mbuyazi!
Mbonambi!
Ngiba kaNomagama!
Mageza ngobisi amanzi ekhona!
Mabhodla wena owabhodl' ulwandle lugcwele!
Wawela ngaphesheya, owalamb' endleleni waze wadla ubukhwebezane!
Nkonyan' yenkosi!
Mkhosana!


Zwane | Clan Names

Clan Names: Zwane

Ntsele kaLindaMkhonto, Mthanti!
Nduna ngokuthwalisala sentsele
UNtselakangakanani
Ngoba nasothini lomkhontangahlala
Nineniphakelumyenodengeleni
Ngoba ningabeNkosi
Zikode kaNdabantsele
Wena kaMafu
Kalinganophansi nophezulu
Mangethe!
Mtungwa oluhlaza
Nina bakwaMngunikazi ngilinde
Ngiyothathezami
Nina bakwaMfazoshayabafnekwaluseni
Ngingakaze ngimbonolokotha lesosenzo
Magugu kaNtsele
Mpisethathamathole
Mthamiya sicongo
Nina bakaVezi
Owadlisihlahla njengengwababana
Mbulazi waseNtseleni
Odlumuntemyenga ngendaba
Nina bakwaQhina ladla liguqile
Phansi kwetshe laseTshenteka
Dlula kulendawo!

Gama | Clan Names

Clan Names: Gama

Mlangeni!
Wena wakwaSidwaba siluthuli
Singabancwaba bathi
Weta nonina
AbaqeduBombo ngokuhlehletela
UWawawa Wu!
Vukani sekusile malangeni
Nomandla kaMalozi
Ingongoni yamavaneni
AmaSwazi lana.

Mdakane | Clan Names

Clan Names: Mdakane

Mshiza kaNonomba
Sihlangesasala kwaNodwengu
Nina bakaBayikana
Ninenisindabagadla
Nina bakaNogalimba
Osindabagayi
Inkomeqhamuka
KwaBhulihawu kwaLolentshe
Mlangatshe!

Guliwe | Clan Names

Clan Names: Guliwe

Guliwe,
Kuhlase!
Mtimande!
Wena wakwaMathobela
Owanyamalala kunenkungu nelanga
Lubambo lunye
Zingabambili weza nomlandakazi.

Mgaga | Clan Names

Clan Names: Mgaga

Mboyisa!
Sindlondlo!
Ninenazibamasi
Njengomlandakazi.
Mabonga at 11:09 AM

Mcineka | Clan Names

Clan Names: Mcineka

Mcineka
nkomo.gwazela.
mncinci. somtshiyosi.
ntulikabongwa obongayo ubola umlomo.
gwazela ngokugwazela amanye amadoda owathi ukhomba inxeba wakhomba isidiya sempunzi. kamfazi akashawa ngenduku ngoba induku iyabozisa, kepha umfazi ushawa ngomucu.
nkomo enkulu
 Mabonga at 11:12 AM
Nzima | Clan Names
Clan Names: Nzima
Mdumela, Dabula, Nzima, Hlase,
Shiki onjenge hlabathi,
Mabhala ngosiba abanye bebhala ngepensela,
Nkonjane ebika izulu liphenduka.

Madlala | Clan Names

Clan Names: Madlala

Madlala,
Mpumuza,
Bhengu,
Sishi,
Khabalidaka, Nodlomo!

Madlala | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Madlala

Madlala,
Mpumuza,
Bhengu,
Sishi,
Khabalidaka, Nodlomo!

Mcineka | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Mcineka

Mcineka
nkomo.gwazela.
mncinci. somtshiyosi.
ntulikabongwa obongayo ubola umlomo.
gwazela ngokugwazela amanye amadoda owathi ukhomba inxeba wakhomba isidiya sempunzi. kamfazi akashawa ngenduku ngoba induku iyabozisa, kepha umfazi ushawa ngomucu.
nkomo enkulu

Nzima | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Nzima

Mdumela, Dabula, Nzima, Hlase,
Shiki onjenge hlabathi,
Mabhala ngosiba abanye bebhala ngepensela,
Nkonjane ebika izulu liphenduka.


Mgaga | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Mgaga

Mboyisa!
Sindlondlo!
Ninenazibamasi
Njengomlandakazi.

Mdakane | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Mdakane

Mshiza kaNonomba
Sihlangesasala kwaNodwengu
Nina bakaBayikana
Ninenisindabagadla
Nina bakaNogalimba
Osindabagayi
Inkomeqhamuka
KwaBhulihawu kwaLolentshe

Mlangatshe!


Guliwe | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Guliwe

Guliwe,
Kuhlase!
Mtimande!
Wena wakwaMathobela
Owanyamalala kunenkungu nelanga
Lubambo lunye
Zingabambili weza nomlandakazi.

Gama | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Gama

Mlangeni!
Wena wakwaSidwaba siluthuli
Singabancwaba bathi
Weta nonina
AbaqeduBombo ngokuhlehletela
UWawawa Wu!
Vukani sekusile malangeni
Nomandla kaMalozi
Ingongoni yamavaneni
AmaSwazi lana.

Zwane | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Zwane

Ntsele kaLindaMkhonto, Mthanti!
Nduna ngokuthwalisala sentsele
UNtselakangakanani
Ngoba nasothini lomkhontangahlala
Nineniphakelumyenodengeleni
Ngoba ningabeNkosi
Zikode kaNdabantsele
Wena kaMafu
Kalinganophansi nophezulu
Mangethe!
Mtungwa oluhlaza
Nina bakwaMngunikazi ngilinde
Ngiyothathezami
Nina bakwaMfazoshayabafnekwaluseni
Ngingakaze ngimbonolokotha lesosenzo
Magugu kaNtsele
Mpisethathamathole
Mthamiya sicongo
Nina bakaVezi
Owadlisihlahla njengengwababana
Mbulazi waseNtseleni
Odlumuntemyenga ngendaba
Nina bakwaQhina ladla liguqile
Phansi kwetshe laseTshenteka

Dlula kulendawo!

Zikalala | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Zikalala

Khuzeni!
Mazibuko!
Mvelase!
Mpungose!
Khuba!
Gebisa!
Mabhengeza!
Maluleka iphilibana likaDonda
Ngoba leswelabavubeli
Mhayise!
Magwazindoinyelemphandeni
Nina bakwaNgonyama
Nina bakwaMnini
Mbangalaka!
Masikiphepha
Buthelinhlabathi
Nina bakwaMansumpa
Nina bakwaMadlikivana.

Yengwa | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Yengwa

Gwamanda omhlophe
Mncobolo obomvu
Sochumase
Sona ngokubusa
Ngokubusa emanxulumeni
AmaYengwa ehla entengentengeni
AmaYengwa abengengakanani
Abengehla ngothi lomkhonto
Uqaba lafika muva
Lafika amaqaba esegoduka
MaYengwa aniyanga ngani kobhula na
Niyamazi ozonukwa na

Sonomo

Vilakazi | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Vilakazi

Binda!
Mphephethwa!
Mphephethe wena
Wena wakoGama
UGamuyedwa lubaphephethwa
Matshinga waseMaphephetheni
Ogwazaze ame ngeklwa
UNgwevu noNgiwavuma
Nina baseNgwede naseNgwavuma
Nina baseNdondina ngovuma
Sihlase!
Owadlumkadadewabo
Wathakananyongo
Wathakanamhlehlo
Umhlelhlo sibhbhakazane
Malinga khulu hohlo
Bamchatha ngohlanga
Bethi akafe angafi
Baze banqoba.



Tags: vilakazi clan names, vilakazi praises, izithalazelo zakwa-vilakazi, vilakazi clan, vilakazi Mphephethwa

Xaba | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Xaba

Nonkosi
Mashwabada
Owashwabadelizindlubu namakhasi
Washwabadelinkomo nezimpondo
Abahlephulisinkwa siyebandla
Basebethi sihleshulwe umtwana
Kanti sihleshulwe nguMlandakazi
Nomboko zinde
Mlotshwa!
Nina bakwaSinxe siyakhathala
Nonkosi omuhle nonyawo lwakhe
Zala kubusa nokuncishana.

Sokhela | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Sokhela

Sokhela,
Nzuza,
Mahlobo!

Sikhosana | Izithakazelo


Izithakazelo Zakwa Sikhosana

Isikhosana sikaMusi kaMhlanga
Ntuthezashunqemhlangeni
Izizwe zonke zabikelana
Zathi kuvelumusi kwaMhlanga
Wena kaMlomusemhlwathini
Vuyisa kaMaphanga.

Shongwe | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Shongwe

Mtimande
Lubambo lunye
Zingabambili weza nonina
Laqhashizeze.

Nyandeni | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Nyandeni

Nyandeni,
Mashobana!
Gasela!

Khukhuza!

Nxele | Izithakazelo

Izithakazelo Zawa Nxele

Nxeke,
Sweli,
Semi,
Msweli!

Ntsele

Izithakazelo Zakwa Ntsele

E! Ntsele kaLinda Mkhonto
OwalindeSizungwini
Mthwalo wensimbi
Bayisonge bayenzumqhele
Nsele yenduna
Nina bakwaSiziba silala ingonyama
Madelisidumb adlumlenze
Athi amagwala azambalekele
Nina bakaLutholwa
Zingakatholwa zonkeizizwe
Ninenabambingonyamaizwa
Naxoshiswa ngezinkomo
Zwane!
Mthanti!

Ntombela | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Ntombela

Ntombela,
Mahlobo,
Mpangazitha!

Sangweni | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Sangweni

E! Sangweni
Sango elibanzi
Mangwane ngwadi
Masinga sileke
Nina eningaweli ngezibuko
Eniwela ngezimpande zomfula
Tshani bude bukaNsele
Nina bakaMabelemade
Ancelisumtwana ngaphesheya komfula
Nina bakwaManzezulu.

Nhleko | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Nhleko

Mgilitsha!
Nyanganduna!
Masomane!
Ngubo yengwe neyengonyama
Mbambo zenyathi
Malinga!
Owalinga izinkomo zenkosi
Mancwanga!

Nyawo zimhlophe.

Phoswa | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Phosa

Phosa,
Nyoni,
Gengeshe!

Sabela/Sabelo | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Sabela Sabelo

Gwamanda,
Mdlumbi,
Maphindela,
Vezi!

Nhlapho | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Nhlapho

Sgegethe
Abadlumhlehlo kadadewabo
Bathibhadakazi
Abangaweli ngezibuko
Abawela ngesihlengethe
AbakwLuvuno
Mvelase!

Zikhali | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Zikhali

Sangwani,
Hlongwane,
Ngwane!

Sishi | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Sishi

Sishi,
Nzimase,
Mathenjwa,
Ncwaba!

Shoba | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Shoba

Mpikela!
Ntshonondo!
Mathumba!
Ndina!
Ongaweli ngezibuko
Owela ngezihlenge zemifula
Wena wobaba woDwabazane
Wena Ndlovu yesiluba
Angidlanginkomo
Yaze yaba ngumandlamanda

Emashobeni.

Phakathi | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Phakathi

Nina bakwaMthentuhlabausamila
BakwaJuqulodlamahleza
BakwaNyoni kaMamasiyephi
Ibuye noNgce eSibgubudu
Yathi Mamase phumungicombele
ZinamanyayezakoSozayi
Zibuye nembewisaphethwe
Nina bakwaMthonguthongwana
UmuthodlamaNyanyambeya
Nina bakwaSigagu
Nina bakwaZikhethankomo
Nina bakwaMhlambushiyanukwayusa
Nina bakwaNdamase wasekuYeyeni
Nina bakwaLanga liphume ladela
Lakhumbuyamanyamayanga
Laze lakhumbula koMafuya
Nina bakwaMlotshwa
Nina bakwaSambane.


Mvula | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Mvula

Mvula,
Duma!

Ngqulunga | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Ngqulunga

Majola,
Phakade,
Mchunu!

Izithakazelo Zakwa Thabethe

Izithakazelo Zakwa Thabethe 

Mangethe,
Gema,
Sosibo!

Izithakazelo Zakwa Thabethe, Thabethe clan names, Thabethe clan praises

Ntshingila | Izithaazelo

Izithakazelo Zakwa Ntshingila 

Ntshingila,
Dlabane!

Simelane | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Simelane

Simelane,
Magutshwa!
Mpembe kaLokothwayo,
Simelane kaNdlovu,
Ndletshana zimqewana,
Ndletshana zikhanya ilanga

Magutshwa | Izithakazelo

Magutshwa, Simelane

Mbonambi | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Mbonambi
masimula, mgidi, mlotjwa, kulungwana
mgid'akodumago,
yindumandumani eyadum'ezizweni,
yaduma nasedlomudlomu
kulungwana lekhethu lekomeni ngelaphika nemihlamb'amadoda kwaze kwadinw' imhlambi yamadoda 
isebe liphezulu eqongolweni libambele ematjekeni womlomo
mlamula komagwabo,
ngowalamul'ikunzembili sisilwa, ngathana wazilisa bezizakubulalana
bath'umlotswa ngewakhuphina?,
ngowakh'esqongololweni sentaba abamfunako bamthola ngokumlalamela 

Nkabinde | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Nkabinde 

Mcusi
Mphondle kaNdlolothi
Mafuya
Ngokufuyinkabi
Nina bakaMabelemade
Oncelisumntwana
Engaphesheya komfula.
Siyobi!
Gama Mboyisa!
Abakhokhelabantu behlezi

Ubusika nenhlobo.

Malevu | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Malevu

Vezi,
Kunene,
Ziqunde!

Ngubeni | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Ngubeni

Nkomo!
Mtungwa!
Mazodwa!
UGudlu kaDlomo
UNkala kayibulawa
Ngoba yasizanakubo eSobotsheni.


Mthiya | Izithakazlo

Izithakazelo Zakwa Mthiya

Zubane,
Mbatha!

Uyini Umembeso?


Umembeso wenziwa insizwa esuke isiganiwe lapho isuke ihambisa izipho ekhweni layo.
Izipho lezi zisuke zibhekiswe kubazali bentombi kanye nasemndenini wayo. Umkhwenyana ubhala incwadi ayithumele ekhweni ukubazisa ngosuku azofika ngalo ukuzoletha lezozipho.
Ngosuku lomembeso abakubo kwentombi bahlaba izimbuzi ezibizwa ngokuthi amakhambi lezizimbuzi kuhlatshiswa ngazo abakubo kamkhwenyana basuke bamukelwa umndeni wakubo kamakoti.

Abakubo kamkhwenyana bambesa umakoti wabo bamuphe nezipho ezinhle kanye nomakotshana wakhe. Baphinde bambathise umama nezihlobo zikamakoti ngezingubo zokulala, amaphinifa, amaduku, izitsha, amabhodwe nezinto zetiye. Ubaba kamakoti yena umbathiswa ngejazi, isigqoko, isambulela kanye nemvubu.

Ngosuku lomembeso umkhongi uyamukhehla umakoti. Ukukhehla yilapho umkhongi usuke enikeza umakoti izipho emgcoba nensoyi ngoba usuke esezoshada. Lokhu kuyisiko nje kunoma imuphi umkhongi uma ekhonga.

Umemulo Wentombi Nto!

Umemulo wentombi nto


Uma intombi nto yenzelwa umemulo kuthi ngesikhathi izokwenzelwa umemulo kufanele iphume nezinye izintombi ezisagcwele ihambe iwoyiza ebuntombini bazo. Uma kuwoyizwa, intombi leyo uzowoyizela ezihlobeni zayo lapho isuke ibamema ukuthi bafike kumemulo wayo. Intombi le esuke yenzelwa umemulo isuke igcobe ibomvu ebusweni. Lapho usuke iwoyiza nomakotshana wayo. Kuzothi ingaqeda ukuwoyiza kanye nezintombi lezo ebeziyiphelezela iyahamba iyolanda umkhonto komalume bayo. Kodwa uma ukuthi iyalotsholwa izohamba iyolanda umkhonto wayo emzini. Kuzothi ingabuya komalume kuhlatshwe imbuzi yokuguqa. Lembuzi ihlatshwa ngoMsombuluko lapho intombi ayisezukuphuma endlini. Uma kukhona ekudingayo izolethelwa umakhotshana wayo. Ngenkathi isuke ihlezi endlini usuke igcobe ibomvu.

Kuyothi ngosuku lweSabatha ntambama, seliphelile iSabatha bese kuhlatshwa inkomo. Kudliwe inyama yangaphakathi. Ekuseni izintombi ziyahamba ziyogeza ibomvu emfuleni esuke iligcobe ngesikhathi isuke igoyile. Zizothi zingabuya zihambe izintombi ziyogqoka imvunulo yazo. Nayo intombi leyo eyenzelwa umemulo iyavunula bese ifakwa nomhlwehlwe wayo izobe isihamba iyosina esigcawini.



Uma kwenzeka kanti kukhona intombi engaphelele yayikhishiswa inkomo kuqala kaZulu kanti ekuPhakameni, intombi ifakwa isiphandla sayo inkomo ehlatshiwe. Ziyahamba ziyogezwa emfuleni izintombi zibuye zifake iziphandla zazo. Uma intombi izazi ukuthi ayisiyona intombi ayiwufaki nhlobo umhlwehlwe. Ngoba uma umuntu efihlile kubonakala umhlwehlwe uyadabuka kanti kuqala kwakubonakala ngezalukazi zikhwifa phansi inyama. Zithi sawudla udoti ngoba bathi inyama iyazwakala.

Uma sekuyisikhathi sokusina esigcawini akufanele ime iqonde kumele igobe futhi ingababheki abantu. Kuthiwa isuke ihlonipha amadlozi akubo. Ngenkathi isisina imkhonto igwaza phansi eduze kwezihlobo zayo zakomalume. Uma kungabasemzini izogwaza phambi kwabo lapho kusuke kumele ukuthi bayikhunge. Uma imali bengenayo kumele bayihlome noma isipeletu. Ngenkathi kusinwa kusuke sekukhona izinsizwa sezizobheka ukuthi zingabathola yini abazozigana. EkuPhakameni kusuke kusho ukuthi intombi isingahlala esigcawini ikhethwe ngokwebandla ukuthi izogana bani. Umemulo uwusiko okumele umzali ayenzele ingane yakhe uma isikhulile ngoba uyakhalaleka ukuthi uma ungenziwanga.

Yini Umemulo?


Umemulo usiko olwenzelwa intombazane uma iziphathe kahle ebuntombini bayo yangabaphoxa abazali bayo.
Isikhathi esiningi lolusiko lwenziwa uma intombazane iziphathe kahle yaze yafika eminyakeni engamashumi amabili nanye - 21, ikakhulukazi lwenziwa amaZulu.

Umemulo is a traditional Zulu coming of age ceremony for women. The rituals involve slaughtering a cow and the traditional Zulu dance Ukusina involving a spear. A woman's Umemulo ceremony signifies that the she is now ready for marriage.

Yini isipheko?

Isipheko usiko lokuncedisa/lokusiza labo abasuke benze umcimbi. 


Kuye kwenzeke ukuthi kube nomshado, isifo, noma itiye, besekuthi labo abamenyiwe baphathe izipho zokudla ezinjengama khekhe, okuphuzwayo, izithelo nokunye abaye babone kubalulekile ukuthi basize ngakho ukuze umcimbi waloyo abaseke bemuhambele ube yimpumelelo.
Isipheko akuphoqelekile ukuthi usiphathe kodwa lona umkhuba omuhle otshengisa ukuzwelana nokubambisana kwabantu.

Ngcemu | Izithakazelo

Makhathini!
Xulu!
Donda waseNkwalini
Owashayudaka
Kwavelizinkomo nabantu

Amakhosi AkwaZulu

KINGS OF THE ZULU KINGDOM
1816 - PRESENT
King
Ruled Between
Period
Shaka kaSenzangakhona
1816 - 1828
12 yrs
Dingane kaSenzangakhona
1828 - 1840
12 yrs
Mpande kaSenzangakhona
1840 - 1872
32 yrs
Cetshwayo kaMpande
1872 - 1884
12 yrs
Dinuzulu kaCetshwayo
1884 - 1913
29 yrs
Solomon kaDinuzulu
1913 - 1933
20 yrs
Cuprian Bhekuzulu kaSolomon
1948 - 1968
20 yrs
Goodwill Zwelithini kaBhekuzulu
1971 – 2011+
40+

Izithakazelo Zika Shaka Zulu

IZIBONGO ZIKASHAKA


UDlungwana kaNdaba!
UDlungwana woMbelebele,
Odlung' emanxulumeni,
Kwaze kwas' amanxulum' esibikelana.

UNodumehlezi kaMenzi,
USishaka kasishayeki kanjengamanzi,
Ilemb'eleq' amany'amalembe ngokukhalipha;
UShaka ngiyesab' ukuthi nguShaka,
UShaka kuyinkosi yasemaShobeni.

UNomakhwelo ingonyama;
UMahlom' ehlathini onjengohlanya,
Uhlany' olusemehlwen' amadoda.

UDabaz' ithafa ebeliya kuMfene;
UNomashovushovu kaSenzangakhona,
UGaqa libomvu nasekuphatheni.

UBholokoqa bazalukanisile,
Zalukaniswe uNoju noNgqengenye,
EyakwaNtombazi neyakwaNandi;
Yayikhiph' eshoba libomvu,
Ikhishwa elimhlophe lakwaNandi.

Bambiz' eMthandeni beyisela,
Bathi 'Singesinelane neNtungwa lasenhla',
Kanti uzawudl' uPhakathwayo emphindelweni.

UVumavumane lukaphephe,
UDlungwana wavuma na?
Umvumeleni uGodolozi,
Ethi ngowanganeno kwaNandi,
Kant' ukude kwaNtombazana?
Ilanga eliphahl' elinye ngemisebe,
Kalokhu liphahl' eliseMthandeni.

Amazwi mabili engiwabongayo,
Ngibong' elikaMpandaba nelikaNdungenkomo,
Bethi "Ucu aluhlangan' entanyeni";
Akenibuze kwabaseZinkondeni,
Bath'uHilwayo bayakumhlaba kwaHlokohloko,
Kwaf' amasi kwaf' uqephe.

Teku lwabafazi bakwaNomgabhi,
Betekula behlez'emlovini,
Beth' uShaka kakubusa kakuba nkosi,
Kant' unyakan' uShaka ezakunethezeka.

Inkom' ekhal' eMthonjaneni,
Izizwe zonke ziyizwil' ukulila,
Izwiwe uDunjwa waseluYengweni,
Yezwiwa uMangcengeza wakwaKhali.

UMlilo wothathe kaMjokwana;
UMlilo wothathe ubuhanguhangu,
Oshis' izikhova eziseDlebe,
Kwaya kwasha neziseMabedlana.

Odabule kuNdima noMgovu,
Abafaz' abenendeni baphuluza;
Imikhubulo bayishiy' izinqindi,
Imbewu bayishiya semahlangeni,
Izalukazi zasala semanxiweni,
Amaxhegu asala semizileni,
Iziqu zemithi zabheka phezulu.