Uyini Umembeso?


Umembeso wenziwa insizwa esuke isiganiwe lapho isuke ihambisa izipho ekhweni layo.
Izipho lezi zisuke zibhekiswe kubazali bentombi kanye nasemndenini wayo. Umkhwenyana ubhala incwadi ayithumele ekhweni ukubazisa ngosuku azofika ngalo ukuzoletha lezozipho.
Ngosuku lomembeso abakubo kwentombi bahlaba izimbuzi ezibizwa ngokuthi amakhambi lezizimbuzi kuhlatshiswa ngazo abakubo kamkhwenyana basuke bamukelwa umndeni wakubo kamakoti.

Abakubo kamkhwenyana bambesa umakoti wabo bamuphe nezipho ezinhle kanye nomakotshana wakhe. Baphinde bambathise umama nezihlobo zikamakoti ngezingubo zokulala, amaphinifa, amaduku, izitsha, amabhodwe nezinto zetiye. Ubaba kamakoti yena umbathiswa ngejazi, isigqoko, isambulela kanye nemvubu.

Ngosuku lomembeso umkhongi uyamukhehla umakoti. Ukukhehla yilapho umkhongi usuke enikeza umakoti izipho emgcoba nensoyi ngoba usuke esezoshada. Lokhu kuyisiko nje kunoma imuphi umkhongi uma ekhonga.

No comments:

Post a Comment