Izithakazelo Zakwa Siwela

Izithakazelo Zakwa Siwela

Nkosi,
Ndlangamandla ,
Nkonyane yenkosi.
Wena okamphazima kalanga,
Wena okamlotswa kangakanani nasentendeni yesandla uyenela.
Nina bakalanga libomvu wasemaNtungweni owadla umuntu emyenga ngandaba,
Nina bakaSoyidina,
Odine abezizwe nabezizwana,
Mawandla kaNdlovu,
Siwela sasemandlovini ezadla ekhaya ngokweswela abelusi,
Nina bephela enasinela inkondlwane nithi ngamasi,
Nina bakabheje eseNgome.


tags: Siwela clan names, Siwela clan praises, Siwela izithakazelo, Izibongo zakwa Siwela

No comments:

Post a Comment