Izithakazelo Zakwa Sokhabase | Sokhabase Clan Names

Izithakazelo Zakwa Sokhabase 

Sokhabase,
Mdanda, Thumbu,
wena kaMbasa,
ka Sinyel' endleleni,
bebanga uhleko,
Khwela, wena owakhwela ngentaba kaMajefa
wena ka Ndimande
kaManukuza.

Umlando wabantu bakwaKhumalo

Umlando wabantu bakwaKhumalo

Njengoba abantu bakwaKhumalo bephuma kuKhumalo obengumnewabo kaMabaso, bezalwa nguMntungwa onguMbulazi, yingalesisikhathi bebesoThaka, lapho beholwa nguKhumalo. Basuka lapho beholwa nguKhumalo behla bayozinza eNquthu, bahlala endaweni yaseMvunyana eNondweni kwehle njalo kuze kuyoshaya eMzinyathi. UKhumalo wabe ke esezala inkosana yakhe uMkhatshwa, yena ozale uZikode. Ngesikhathi abantu bakwaKhumalo sebebuswa nguMagugu kaGasa kaZikode banda baze benabela eBabanango nokulapho uMagugu efike wakha khona ihlalankosi lakhe wathi kuseSikhaleni.


Akahlalanga lapho ubuye wathuthela eNquthu. Simthola esehlukana nabafowabo obekungoDonda noSiwela ebashiya noyise omncane uMashobane noBheje kaMagawozi owayeyibutho likaDloko. Labo Khumalo abebehamba noMashobane sibathola behamba beze bayowela umfula iSikhwebezi. UDonda wase akha umuzi phesheya komfula iSikhwebezi wawetha ngokuthi kuseZizibeni lokhu okwaholela ekutheni uma ehaywa abizwe ngoDonda weziziba. UBheje wakhe owakhe wathi kuseNgome, owabuye waziwa ngokuthi kuseTsheni likaBheje. Kanti noMlotshwa kaSiwela yena wakha owakhe umuzi eduzane kweqguma uMaphonjwana wathi kusoThulini. Ngesikhathi uMagugu eseNquthu, uhlaselwe yiNkosi uShaka wabaleka nabantu bakhe bahlakazeka nezwe lonke.


Isizukulwane sakhe sitholakala eNquthu, eNtinini eTilehe nase (Utrecht) naseDriefontein. Umuntu oqgame kakhulu kwaKhumalo nguMzilikazi kaMashobane. Usocongwe nguZwide kaLanga wakwaNdwandwe ngoba emsole ngokuthi uxwayise iNkosi uShaka efuna ukumbulala. Wambulala uDonda wamnquma ikhanda wayohlobisa ngalo endlini kanina uNtombazi kwaDlovunga KwaNongoma.


Kanjalo noyise kaMzilikazi uMashobane wasocongwa yinkosi uZwide ikhanda lakhe layohlobisa khona kwaDlovunga. UMashobane yena washiya inkosana yakhe uMzilikazi. Lokhu kwenza uMzilikazi agcine ehambile eyokhonza enkosini uShaka ethi uzama ukubalekela ulaka lukaZwide njengoba esanda kwenzakalisa uyise. Lapha KwaZulu uMzilikazi afika wavele waba isilomo enkosini uShaka njengoba iNkosi uShaka wayewathanda amaqhawe, naye-ke waba ngelinye lamaqhawe eNkosi uShaka.


UMzilikazi wabuye wabaleka KwaZulu emuva kokuba eseqembule izinkomo zenkosi uShaka. Wabaleka waze wawela umfula iGwa ehlasela izizwe ayehlangana nazo, wadla izinkomo zazo wazithatha zaba ngaphansi kwakhe. Waqhubeka njalo waze wayofika koTransvaal kodwa akangahlala kahle ngoba abamhlophe bebembona njengomuntu ongahlalisani nabanye abantu othanda impi kakhulu.


Wabaleke wawela umfula uBhalule (Limpopo River) waze wayozinza eZimbabwe lapho babebabiza ngaMatebeke ngoba bengagoduki, befaka amabheshu nezidwaba. Bagcine sebebizwa ngaMaNdebele. Ufike laphaya eZimbabwe wakha umuzi wakhe wathi kwaBulawayo okwabe kuligama lomuzi weNkosi uShaka KwaZulu.


Lowo muzi usulidolobhakazi elingelesibili ngobukhulu khona eZimbabwe. Amadodana akhe okwabe kunguNkulumana oyinkosana noMangwane babanjwa bexoxa ngamasu abayowasebenzisa uma sebebusa emva kokukhothama kukayise.


Lokho akuzange kwehle kahle kuMzilikazi, ubabuze ngamasiko ukuthi bayawazi yini. Wathi kubo lake laphuma yini elinye lisekhona, esho ngoba bezibeka amakhosi yena esekhona. Wathi abendiswe wabuye washintsha umqondo wathi abayiswe KwaZulu beyofundiswa amasiko. Bahamba ke nezancinza zabo, amakhosikazi nabantwana. Ohambweni lwabo behlukana endleleni ngoba uzalo lukaNkulumana kunamuhla luyatholakala eBotswana.


Oluka Mangwane lona lutholakala eFree State naseMpumalanga Province. Laphaya eNgome uBheje nabantu bakhe sibathola sebehlaselwa yinkosi uShaka. Kuleyompi iNkosi uShaka wayebambisana nabengwadi bephethe izibhamu kwathi abakwaKhumalo bayazama ngamatshe bebajikijela kwanhlanga zimuka nomoya, kwasho khona ukuthi bebengazibekile phansi abengwadi ngemijojantaba.


Izibongo Eziphuma KwaKhumalo

Zingaphezu kwama 95 izibongo eziphuma kwaKhumalo. Lapha sizobheka ukulamana kwabantu bakhona.


UMbulazi wazala uMntungwana yena owazala uKhumalo ozala uMkhatshwa noMangethe. UMkhatshwa wazala uZikode owazala uGasa, uMashobane noMagawozi (Dlomo). UGasa wazala uMagugu, Donda noSiwela. USiwela wazala uMlotshwa yena owazala uMbophe noMphazima owabe eyinyanga yezulu. KuMphazima yilapho kuphuma khona abantu bakaNkosi ababizwa ngoDlangamandla.


Indlu yaseMahlangeni (Utrecht)

UMagugu kaGasa wazala uMthentisi, uManjobo noNkonyeni. UMthenteni wazala uQomintaba, uNhlaka (uzalo lwakhe lulaphaya eDlebe, Nkonjeni, Nongoma naseMahlabathini idlinza lakhe likwaDuvela). UQomintaba wazala uSabulawa yena owazala uWillem ozala Enock yena ozala iNkosi uLaduma. UNkonyeni wazala uMzungezi owazala uMgabashe ozala uDikida.


Indlu yaseSizibeni

UDonda wazala uMaqandela yena owazala uMbiyane, uMangwane, uGqogqa nabanye. UMbiyane wazala uManzini owazala uSobanqandi noMzondeni. USobanqandi wazala uMajubane noDakwa. uMzondeni wazala uPhefeni noNkwelo. uPhefeni wazala uNqabayembube. UNkwelo wazala uMshikane. UMajubane wazala uMbuzi noNdweshe. UDakwa wazala uMhlathi noMamba.


Indlu kaBheje (eNgome)

UMagawozi wazala uBheje yena owazala uMqhethi ozala uKhezi, ozala uMsayeya yena ozala uSibanda owazala uMeshu.


Indlu kaManjobo (eNondweni)

UManjobo wazala uSobhuza, uMgitshwa, uMshanananda, uNdengezi, uLugede noMnyanda. USobhuza wazala uMhlangane, uMbuyana, uMnguni, uNtoyani, uSigqoko, uMzila noNdophi. UNdophi wazala uMajana. UMzila wazala uMbhukudu kwathi uMnguni yena wazala uSonkamfu noMbuyana wazala uGabangani. Inkosana yakhe uSobhuza uMhangane yazala uNgulwane emzini wakhe kwaDidwayini, yena owazala uHomfu.


Indlu kaMzilikazi (KwaBulawayo eZimbabwe)

UMashobane wazala uMzilikazi yena owazala uNkulumane, uMangwane noLobengula. ULobengula wazala uLobila, uMphezeni noSidonjwa yena wazala uCaiphas. ULobila wazala uBanyana ozala uSikokwana.


Ezinye izibongo eziphuma kwaKhumalo


Nkosi – Dlangamandla


Shembe


Dubazane


Mabaso


English Summary


MaShobane was Mzilikazi’s father who was killed by Zwide. Mzilikazi decided to go and serve Shaka trying to flee from Zwide’s wroth after having killed his father. He became very popular and Shaka liked him since he was a great hero and he became one of Shaka’s trusted men. He was then later forced to flee from Shaka because he stole Shaka’s cattle that were meant to be brought to Shaka. This made the king very upset and he was very unhappy about this action. He ran until he reached Zimbabwe and the Khumalo’s are found all along this trail because of this situation that happened between Shaka and Mzilikazi.

Izithakazelo nemvelaphi yabantu bakwaChili

Izithakazelo nemvelaphi yabantu bakwaChili (ngosizo lwe-ulwazi.org)

Mthuyi,

Mnguni!

Qwabe kaNozidiya,

Khuzwayo! Mlamlankunzi

Ungaziyeka zibulalane

Mthatathu kaGumede,

Nin’ eniguvuzela umuntu ngehemu lakhe.

Isigogo esisind’ abatshathi.

Donga olulal’ amankentshane

Nina bas’ Ongoye.

Mbuse, Malinda

Lushaba

Ntseka

Wena owashaya insimbi ngomlenze.

Mgcwalisi wethusi,

Kholose, Ngwenya

Madlangalusuku abafokazana abadla nsukwana zonkana

Nin’ enakhahlel’ udonga kwavuleka indlela.

Nin’ enehla ngesilulu maqede kwavel’ ilanga.


Nanku umlando wabo nemvelaphi yabo kafuphi:

Imvelaphi yabantu bakwaChili ibakhomba kubantu bakwa Qwabe abangoGumede bona abaziwa njengamaNtungwa-Nguni ngokwezigaba kumaNguni.

Bona baphuma kwinzalo kaSilimana owathola igama likaChili ngenxa yokuthi ngelinye ilanga kunenqina lapho amadoda ephumile ukuyozingela, kwathi uma kuvuka inyamazane, uSilimana wayihlaba kuqala. Inxeba alishaya kuleyonyamazane layigingqa phansi yalala yathi ja. Enye yamadoda ayelapho yakwaQwabe yathatha igazi yalibhixa ngemuva kwayo inyamazane leyo. Kwaba nombango yilowo nalowo ethi ngeyakhe, uzigwazele. Kwase kuthiwa uSilimana makakhombe lapho ayigwaze khona, wakhomba lapho kwakunegazi elalinindiwe khona enye indoda. Bonke ababelapho bakhuza bathi uyachiyiza ilumbo, akunanxeba, ukhuluma ichiyo.

Kusukela lapho ke wabe esebizwa ngoChili. nozalo lwakhe lwabe seluba olukaChili. UChili wazala uFamanda, uFamanda wase emzalela uThongo. Lesisizukulwane sase sona sizala uMacala owayeyisoka lamanyala, owayeganwe ngamakhosikazi ayisikhombisa futhi enemfuyo eningi. Kulamakhosikazi kwakunondlunkulu wakhe okwabe kunguKaBhulashe Khumalo, bese ke kuba ngukaNgobe Mthembu. Inkosana undlunkulu wayo uMaMbhele.

Ekukhothameni kwakhe, uzalo lwaqoka umnawakhe okwabe kunguMnukwa ukuba abe yinkosi kodwa wenqaba uMnukwa ngezizathu ezithize azibeka. Ezinye zezaba azibeka kwabawukuthi ubukhosi buyakhulumisa, ngenxa yokuthi akathandi ukukhuluma, wase ecela ukuhoxa kulesosicelo ababesenza kuyena. Wakhala nangokuthi isizwe asikwazi ukuholwa umuntu okhonze amanzi amponjwana njengaye. Wenza isiphakamiso esiyisicelo ukuthi kungani bengabheki emadodaneni akhe ngoba nawo ayesekhulile. Leso siphakamiso sathathelwa phezulu kwase kuthi ke enye yamadodana akhe ogama layo nguBatili yagcotshwa ukuba ibe yinkosi.

UBatili wazala uMhlabeni noNkeshi, kwathi uMhlabeni wathi lapho esekhulile, wavele waqalwa ukugula ngenqgondo okwagcina uzalo selunqume ukuba kungene uBiziwe kaMnengwa owabe ezalwa ekhohlo likaMacala ukuba abambele uMhlabeni. Lapho-ke sithi uma siphenya kumlando , usivezele ukuthi ikhohlo kalibusi noma kaliyizali inkosi kodwa liyakwazi ukuzala iphosakubusa.

Ubukhosi nabo-ke babuye basuswa kulendlu baya eqadini okwabe kuyindlu kaMaDlula. IQadi phela ngokwesiko yilona elizala inkosi uma indlunkulu ingayitholi kwazise liyingane yendlunkulu ngokwesiko lesiNguni. Ubukhosi babe sebuyowela endlini kaMtitinywa kaMacala. Lona phela kwaku wuzalo lukaMnengwa kaMacala luyatholakala kwesakwaNgcolosi eMngeni kanti isizwe sonke sakwaChili nobukhosi baso sitholakala laphaya eNdwedwe. Izwe labo laziwa ngokuthi yikwaGumede.


Nansi indlela abazalwa belamane ngayo:

USilima (Chili) wazala uFamanda wazala uThongo yena owazala uMacala, uMacala wazala uZokufa, uKuyana (indodakazi) noMnukwa kuMaKhumalo. UMnukwa wazala uBatili, uBatili wazala uMhlabeni, uNkeshe, uNobelungu noNozigodo. KuMaKhumalo uMacala wazala uNhliziyo, uMziyonke, uMnengwa noThengizwe. UMnengwa wazala uMvube, uShokwakhe, uMadoda, noCupha. UMziyonke wazala uMvama, uMxhegu, uNkantolo, nabanye. KuMaDludla uMacala wase ezala uMtitinywa, uMaliba, uBafayo, noZiphelile (indodakazi). UMtitinywa wazala uNdoko (Isaya Zibokwakhe) yena ozala iNkosi Wislon Makhehlana Chili okuyiyona ebusayo noJabulani. KuMaNgcobo; uMaCala wazala uMaphupho, kuMaGumede wazala uMphamba, uMphamba wazala uGiga noBhekizitha.

Umlando wabantu bakwaZwane

Umlando wabantu bakwaZwane

Abantu bakwaZwane babizwa ngokuthi ngamaNgwe, bangamaNtungwa-Ntuli futhi badabuka enhla neAfrika, eMangweni. Iningi labo litholakala eHlobane ngaseFilidi, eMthezi, eMnambithi, ezintabe zoKhahlamba nakwezinye izingxenye zeKwaZulu Natal. UZwane uqhamuka ebukhosini bamaNgwe kwaqanjwa ngaye isibongo, kwathi ngokuhamba kwesikhathi kwabakhona nezinye izibongo eziphuma ngaphansi kwalobukhosi esingabala uCebekhulu.

UZwane uzale uMungwe, uMungwe wazala uPhikelela, uPhikelela wazala uNsela (Ndabakansele) oyinkosana noVezi. UNsele uthathe ubukhosi ngemuva kukayise. UNsele uzale uZikode yena ozale uNsele wesibili. UNsele wesibili uzale uMafu oyinkosana, uMthayi, uMandaba noNqamane. Esekhotheme uNsele kuthathe uMafu. UMafu uzale uMangethe, uLinad noMgabhi. UMangethe ube yinkosi yaseMangweni. UMangethe uzale izingane eziningi, amadodana akhe abalelwa ekhulwini esingabala uMhlaba, uMchwayo, Ntshosho nabanye.

UMangethe wakha umuzi wakubo awuqambe ngokuthi kuseMpolombeni. Lomuzi wakhiwe eduze netshe ayahlala kulo uma kuqulwa amacala esizwe noma ehlola imfuya yakhe. Ngaphambi kokuthi akhothame uMangethe ubize wonke amadodana akhe wathi awagibele etsheni lakhe kodwa ehluleka amaningi kwaba nguNtshosho owakwazi ukugibela lokhu okwenza ukuthi uMangethe ambeke njengalowo ozothatha ubukhosi ngemuva kwakhe. Itshe ayekhonze ukuhlala kulo libizwa ngokuthi yitshe likaMangethe bese kuthi idlinza (ithuna) lakhe libe kude buduze netshe.

Amakhosi akwaZwane alandelana kanje:

UMbengo uzale uMbambo. UMbambo uzale uZwane, uZwane uzale uMungwe. UMungwe uzale uPhikelela yena ozale uNsele. UNsele uzale uZikode. UZikode uzale uNsele wesibili ozale uMafu yena wazala uMangethe ozale uNtshosho. UNtshosho uzale uCengesi ozale uThinta. UThinta uzale uDumisa ozale uNkanyezi yena ozale uMhlanganyelwa. UMhlanganyelwa uzale uNtshosho wesibili obusayo. Ohlangothini lwaseMajuba ngemuva kokukhothama kweNkosi uNkanyamba kaThinta, kuphathe uNsakansaka kaNkanyama. Ngemuva kokukhothama kukaNsakansaka kuthathe iNkosi u Ayanda osabusa.

Izithakazelo zakwaZwane

Zwane, Mangethe!
Zikode, Phikelela!
Ntshosho, Nsele kaLindamkhonto!
Nina bakwaVezi!
Mthanti!

source: ulwazi.org

Umlando wabantu bakwaZwide | Izithakazelo zakwaZwide

Izithakazelo zakwaZwide

Mkhatshwa

Zwide kaLanga!

Soshangase kSothandose

Ndwandwe waseGudunkomo

Nina bakaMneme

Nina bakaMashesh’ afike kuMashobana

Nina bakwaNkokhel’ abantu

Behlatshwa njengezinkomo

UNozinyang engafiki

Nina bakaNonhongoza

Mnguni ongafiki ngomkhonto

Nogwaza be ngahlonyulwa

Sandla sivik umkhonto njengehawu

Kukhal’ indoda namadojeyana

Wena Ndwandwe ogwaze indoda wayishi ifile

Langa!


Umlando wabantu bakwaZwide

ONxumalo kanye noNdwandwe bangabantu bandawonye. Imvelaphi yabo idabuka kubantu bakwaDlamini kaLudonga kaMavuso. Ngesikhathi kunenhlukano kwisizukulwane sikaMumbo ezintabeni zoBombo, kulapho kenabo baphuma khona.

UNxumalo abagcine sebebuzwa ngaye, kwakunguManukuza. UManukuza wayelamana noMavuso bezalwa nguLanga (uMkhatshwa). Unina kaManukuza uthe uma eshona wase eshiya uManukuza emncane. Ukhule kanzima enceliswa iminxumo. Ethi uma esekhala amncelise ngomxhuma owayebuye aziwe ngoMkhathswa. UManukuza uncele umnxumo waze waba mdala kakhulu, umzanyana wakhe wayemenzela iminxumo emteketisa ngokuthi: “Nxumalo lo, Nxumalo lo” kwabe sekuthiwa usenguNxumalo. ONdwandwe abaphuma endlini encane bona babe sebebizwa ngoNxumalo.

Umkhuba uvele ngesikhathi sekubusa uMavuso kaMkhatshwa kwaNdwandwe esethatha ingane yentombazane kaManukuza (Nxumalo) eyenza inkosikazi. Kwale noma umndeni nesizwe sikhuza umhlola ngoba phela sazi ukuthi isiko lesiNguni kalihambisani nokuganana kwabantu abazalanayo. Noma abantu bomndeni bekhuza lokho, uMavuso ubezithethelela ngokuthi yena ungowakwaNdwandwe hhayi kwaNxumalo. Uzalo-ke lukaManukuza lugcine seluhlukene nabakwaNdwandwe lwasebenzisa uNxumalo njengesibongo.

Abantu bakwaNdwandwe baqgame ngesikhathi sekubusa uZwide kaLanga kaLudonga kaMavuso. UZwide nguyena ohlanganise lesi sizwe saba ngesihlonishwayo ezizweni zabeNguni. Isizwe sakwaNdwandwe sibe yisizwe esikhulu sikanye nezinye ezinkulu njengesakwaMthethwa esasibuswa nguDingiswayo kaJobe kaKhayi, esakwaQwabe esasibuswa nguPhakathwayo nesaseMachunwini esasibuswa nguMacingwane kaJama. UZwide usakhe lesi sizwe ngokubambisana nonina, indlovukazi uNtombazi.

UZwide wakhe imizi yakhe owaKwaNongoma, owaKwaDlovunga, owasoPhiyane, owaseSigwegweni (eSikhwishikhwishi) nakwaLindizwe. UZwide ebusa KwaNongoma, ubenesitha sakhe esikhulu, iNkosi uDingiswayo waKwaMthethwa futhi udadewabo weNkosi uDingiswayo wayeganwe khona kwaNdwandwe, kodwa lobu buhlobo kababunakanga. Inkosi uZwide benonina uNtombazi, banquma ukuthi iNkosi uDingiswayo bayiganisele udadewabo weNkosi uZwide ngenhloso yokuthi iyocwiya izinsila zeNkosi uDingiswayo khona bezomlumba. Leyo ndodakazi kaNtombazi kwakunguNtombazane igama layo, uNtombazane wenza kanjalo bazithatha izinsila zenkosi bazihlanganisa nemithi yabo bamhuqa ngayo. Kuthe ngesikhathi sempi iNkosi uDingiswayo yawashiya amabutho ayo kwaSomkhele okuyilapho ayenkanise khona elinde impi yeNkosi uShaka eyabe iphuma KwaZulu. UDingiswayo uyishiya impi yakhe nje, uhamba nebutho lamantombazane nondlunkulu wakhe, bahamba bazethuka sebekwaNdwandwe kwaDlovunga.

Amabutho eNkosi uZwide ambamba ngoba ayevele emlindele, nokwaphetha ngokuthi iNkosi uDingiswayo inqunywe ikhanda lathathwa lahlobisa endlini kaNtombazi khona kwaDlovunga.

Kuleyondlu kwakugcwele amakhanda amanye amakhosi ngoba kwakuthi njalo iNkosi uZwide ihlasele isizwe, yayibulala iNkosi yaleso sizwe bese inqamula ikhanda layo ihlobise ngalo indlu kanina uNtombazi. Amanye amakhanda ayekhona lapho ngelikaMashobane noDonda bakwaKhumalo, ngelikaPhungashe wakwaButhelezi namanye amakhosi.

Izithakazelo Zakwa Mbonani

Izithakazelo Zakwa Mbonani 

Mlotjwa
khulungwane lekhethu lekomeni
wena owalamul’ inkunzi ezimbili zisilwa ngabe azang’ wazilamul’
ngabe zabulalana
ngulube azembelan’ embel’ enye iyaquma
umakhonze agoduke abanye bakhonza bakhonzele futhi
Mbonani wakomhlokohla, mlotjwa wakodumako

Izithakazelo Zakwa Ximba

Izithakazelo Zakwa Ximba

Mlaba,
Ntungwa,
Nondlela,
Mzungulu,
Mzazele,
Msuthu,
Thusi,
Mabhoyi,
Mungwe,
Mbewumbili abamnyamana naba mhloshana,
Nina enadla isicaba nasicazelana,
Nina bakwalivunywa abavuma umfazi aliwa.

Izithakazelo Zakwa Madlopha

Izithakazelo Zakwa Madlopha

Madlopha
Lingode,
Mcobe wembewu owacoba izizwe zonke zacobeka,
Yyathikazi,
Sizwe esingajwayelwa,
Zwide kaLanga,
Sonkophe,
Sondiyandiya,
Luphondo olumaphunduphundu,
Moya omnandi onjengo wengonyama,
Ngobatshani,
Phosise,
Mathanda,
Nina enathandwa yinkosi yakwaNodwengu,
Sothondose!

Umqala noma intamo?

'Umqala'




Inkinga:
'Ngibone isidlakela esinomqala omkhulu'

Isisombululo:
Ngesizulu esiqondile asisho kumuntu ukuthi 'unomqala' othize. Ungasho njalo enkukhwini hhayi kumununtu. Uma ubona amaqhude anomqala omude, yilapho okumele usebenzise lelo gama, hhayi kubantu.

Uma ufuna ukuchaza okubonile esidlakeleni, esikhundleni sokuthi 'Ngibone isidlakela esinomqala omkhulu', kumele uthi 'Ngibone isidlakela esinentamo enkulu'.


Inqwaba Yabantu?

'Inqwaba Yabantu'




Inkinga:
'Ngibone inqwaba yabantu!'

Isisombululo:
NgesiZulu esiqondile asisho ukuthi abantu bayinqwaba. Lokho kushiwo uma uchaza amatshe.
Uma ubona amatshe amaningi, yilapho kumele usebenzise lelogama ukuchaza ukuthi maningi, ayi abantu.

Uma ufuna ukuthi ubone abantu abaningi: vele uthi 'Ngibone abantu abaningi' noma uthi: 'Ngibone abantu abaningi bengangoZulu eya eMakheni!'

Ngosizo luka: Ngizwe Mchunu - Ukhozi FM

Umlando Wesibongo SakwaMhlongo

Umlando Wesibongo SakwaMhlongo

Abantu bakwaMhlongo imvelaphi yabo ayicaci kahle kodwa kusolwa ukuthi kukhona ukuxhumana okuthile nabakwaDlamini. OMhlongo babizwa ngokuthi ngabaseLangeni okuyisithakazelo sabo. Babakhe eMthinemide kwehlenjalo kubheke koMfanefile, eNtembeni, kuze kuyoshaya ngaseNingizimu neNkwalini.

Umlando wabantu bakaMhlongo mkhulu futhi baziwa njengabantu abavelela kakhulu futhi kubona kuzalwa amaqhawe namaqhawekazi. Sibathola beholwa nguMhlongo kaNqeshe kaSililo. UMhlongo wayengesiyona inkosana kaNqeshe kodwa inkosana kwakunguNzawu owavele washiya ikubo wayokwakha eMpaphala.

Kuthe sekushone uyise, uNqeshe, uNzawu wabuya ekhaya ngenhloso yokuzohlala esihlalweni sobukhosi. Kodwa-ke ngeshwa lakhe wathola ukuthi uzalo lwabe selukhethe uMhlongo ngoba bebemthanda kakhulu futhi sebemazi ngoba bebeveli behleli naye. Ukuthi bafuduke kanjani eSwazini, akuveli kahle kodwa ngathi bakanye nabantu bakwaNdwandwe. UNzawu bamxosha bamchapha ngezinhlamba, waphuma kabuhlungu wabashiya ebaleka eshiya nobukhosi obungobakhe.

UMhlongo wase ezala uBhengi. UBhengi-ke waziwa ngamagama amaningi okubalwa oBhebhe, kanye noDlomo. UBhengi uganwe nguMfundi kaKhondlo wakwaQwabe owafika wamzalela abantwana abathathu, uNxazonke, uMgabhi noNandi (indodakazi).

uBhebhe ushone washiya inksazane uNandi isencane, neyakhula ngaphansi kwesandla somnewabo uMgabhi owayakhe umuzi waseBozeni ngenhla komfula iMlovu. UMgabhi uzale uSongweni noMakhedama. Inkosazane uNandi izale uMlilwana (uShaka) ngemuva kokuba ihlangane neNkosi uSenzangakhona njengoba sazi sonke ukuthi kwenzekani phakathi kwabo. Kunesikole esiqanjwe uMgabhi ngoba kuhlonishwa yena.

Njengoba bese kushiwo ukuthi ukuvela kukaShaka kakuzange kwehle kahle kubantu bakwaMhlongo ngoba wayengagananga KwaZulu enkosini uSenzangakhona. Kuphinde kwaba nobuhixihixi waze wathola igama lendodana yakhe elithi nguShaka ngoba ngesikhathi emkhulelwe, uMntwana uMudli kaNkwelo waKwaZulu wathi uNandi akakhulelwe, uphethwe yibhungane elikhukhumalisa isisu kumuntu wesifazane. Lelo bhungane kuthiwa ishaka.

UMntwana uMudli wayethatha ngokuthi kwakungeke kwenzeke bakhulelisane ngoba babeyizihlobo ngoba uNandi wayezalwa kwaQwabe abakanye nabakwaZulu. Esezelwe kuthiwe nguShaka kodwa igama lakhe kwabe kunguMlilwana, kwabe sekuchuma leli likaShaka.

UShaka ekukhuleni kwakhe wayohlala eLangeni ngemuva kokungaphatheki kahle KwaZulu. UShaka wayenodadewabo uNomcobo. Nakhona eLangeni kabaphathekanga kahle, bahamba ngoba uShaka wayephethwe kabuhlungu nguMakhedama owayembiza iqanda lenjelwane futhi bembhinqa bembiza ngawo wonke amagama angasile. Bedlula nonina uNandi baya eMaMbedwini eMpaphala lapho uNandi wathola uMntwana uMngwadi kuGendeyana wakhona eMaMbedwini. Kuthe ngesikhathi uShaka esesihlalweni sobukhosi KwaZulu, uMakhedama waba ngomunye amkhumbulayo ngezinto ezimbi ayezenza kuyena esengumfana, wabe esehlasela isizwe sakwaMhlongo ukuphindisela ubuhlungu abuzwiswa ebunganeni bakhe.

tags: mhlongo origion, mhlongo history, mhlongo tribe, mhlongo izithakazelo
source: ulwazi.org

Umlando Wabantu BakwaSibiya

Umlando Wabantu BakwaSibiya

OSibiya baphuma KwaZulu endlini encane kaNdaba. Kulendlu uNdaba wazala uGumede, owazala uZingelwayo noZembethe. UZingelwayo noZembethe bazalelwa emzini kayise uNdaba KwaMpokoloshe, owayakhe ngaKwaNobamba. Lamadodana kaGumede aba neziphiwo ezahlukene. UZembethe wayenesiphiwo sokuzingela izinyamazane. UZingelwayo (Gubeshe) wayenesiphiwo sokuthanda imfuyo, izinkomo. Nazo- ke zamthanda kakhulu, zanda.


Lamadodana kaGumede asuka KwaMpokoloshe ngokwehlukana. UZembethe wasuka wayokwakha ngaseziNtabeni zasoPhathe lapho wayephila ngokuzingela izinyamazane njengoba zaziziningi kuleya ndawo. Wazala inkosana yakhe wayetha ngokuthi nguGazu. UZingelwayo yena wasuka wayokwakha phezu kweNtaba eMthonjaneni. Ngenxa yokuthi imfuyo yayimthandile uZingelwayo, izinkomo zakhe zanda ngalendlela zazize zilale ngaphandle kwesibaya zizungeze umuzi wonke. Abantu ababedlula ngaphandle komuzi bathi: “ake nibuke oZingelwayo, bafuye kanjani, babiya ngezinkomo abafokazana bebiya ngamahlahla.” Kusukela lapho uZingelwayo wabe esebizwa ngoSibiya. Kwathi abakaZembethe babizwa ngoGazu owabe eyinkosana.


Ngokuhamba kwesikhathi bahlangana bavumelana ngokuthi basebenzise uSibiya njengesibongo, uGazu abe yisithakazelo sabo. Nangesikhathi besebenzisa uSibiya, basebenzisa uNdaba noGumede abangokhokho babo njengesithakazelo. Ubuhlobo balababantu nabaKwaZulu baphela ngesikhathi iNkosi uJama ishelelwa ngabantwana bayo uMkabayi nomama indodakazi kaZingelwayo (Gubeshe) uMthaniya eyazala inkosi uSenzangakhona. Lababantu bakwaSibiya bakhulu KwaZulu futhi banomlando omkhulu. Enye yamadodakazi kaZingelwayo uLangazana, igane iNkosi uSenzangakhona yazala uMagwaza noNonqgobo. UMagwaza wasala empini yaseNcome mhla zili- 16 kuZibandlela (December) ngowe 1838.


USotobe kaMpangalala kaGazu waba yisiyendane seSilo uShaka. ISilo uShaka saze samthuma ukuba aye phesheya kwezilwandle eNkosini yamaNgisi, uKing George ukuba eyofuna ubuhlakani babelungu. Ngeshwa wabuya iSilo uShaka sebesibulele, lapho khona sabuya nomfana womlungu. Bathi abantu usithathephi isilwane esinamehlo okungathi ngawekati. Lowo mfana wagcina esefunde yonke imikhuba yabantu bakwaSibiya, wagcina igama lakhe sekunguKhathi.


USotobe simthola esebekwe yiSilo saseMgungundlovu, maphakathi neKwaZulu Natali maphakathi nezwe njengengede ebheke bonke labo ababenza okuphambene nomthetho waso. Abantu bakwaSibiya banobukhosi laphaya kwaKhiphunyawo oPhongolo. Leya ndawo bayinikezwe yiSilo uShaka, sathi mabayobheka amaSwazi angangeni KwaZulu. Sayinika iqhawe laso uNogwaza kaNgobe kaMheqwa waseSikhobobo kaMabhabhakazana elayibamba empini yodumo lukaBhambatha kaMancinza Zondi Khandampondo lingenye yezinduna zaseBaqulusini.

source: ulwazi.org

Izithakazelo zakwa Ndebele

Izithakazelo zakwa Ndebele

Ndebele
Mahaye kaMvanande
Othethela uMantshinga noNtsele
Mwelase!
Abangaweli ngazibuko,
Abawela ngezinsungulu.
Wena owakwasihlathi esihamba ngendlela,
Wena wakwa funisa umuntu inkonzo.

Wena kaMagwaza engugwini,
Owagwaza intombi nesoka. Mazankosi!
Nina abakwaDindela,
Nina abakwaMgolodelwa Ngokuzala uKhondlo Inkosi yaseMantshaleni.
Amashayela phezulu ngokumbindlu.
Amabethela isigogo.
MaBhele balekani imilenze ibomvu.
Ndaba!

Nina abakwaBhensa,
Nina abakwaMahaye,
Niba bakaMakhaphazela,
UNtunyelelwa wayeyisifamona.
Ivande lathethwa uMantshinga noNtsele.
UMekeza KaMshido.
AbakwaNdaba ngokugoba amadolo.
Imididwa edidwa ngamabala.

Izithakazelo Zakwa Siwela

Izithakazelo Zakwa Siwela

Nkosi,
Ndlangamandla ,
Nkonyane yenkosi.
Wena okamphazima kalanga,
Wena okamlotswa kangakanani nasentendeni yesandla uyenela.
Nina bakalanga libomvu wasemaNtungweni owadla umuntu emyenga ngandaba,
Nina bakaSoyidina,
Odine abezizwe nabezizwana,
Mawandla kaNdlovu,
Siwela sasemandlovini ezadla ekhaya ngokweswela abelusi,
Nina bephela enasinela inkondlwane nithi ngamasi,
Nina bakabheje eseNgome.


tags: Siwela clan names, Siwela clan praises, Siwela izithakazelo, Izibongo zakwa Siwela

Imilolozelo: Umzanyana Uthi

Umzanyana Uthi



We Nokuthela:
Wu, wu, wu!
Igula lomntwana:
Wu, wu, wu!
Zaqheqhe zengane:
Wu, wu, wu!
We Nomsutho:
Wu, wu, wu!
Woz’ uthule;
Nca, nca, nca bo!


Eminye imilolozelo: 

Imilolozelo We Nomathemba

We Nomathemba:


We Nomathemba 

Ushaywe ngubani ?

Yiyo lendonda.Ibiz’ ize lapha;

O, Hhayi Ngiyesaba!

Gibela nant’ ihhashi:O, 

Hhayi ngiyenqena.

Ehl’ amathamb’Ebhek’ enzansi,

Enyuk’ amathamb’Ebheke phezulu!

Ebheke phezulu!

Ebheke phezulu!


Eminye imilolozelo: 

Imilolozelo: Thula Mntwana

Imilolozelo: Thula Mntwana





Thula Mntwana
Thula thu,
Thula mntwana,
Thula sana,
Mam’ akekho,
Uzobuya ekuseni,
Owa mntwana!

Owa mntwana!


Eminye imilolozelo: 

Umzanyana uthi  




Shabangu Clan name

Shabangu Clan name

Shabangu!
Gama!
Mbhele!
Dlangamandla kwaboSothole
Mbhele oluhlaza njengenxoshana
Mdluli ngokudilizizindlovu.

Izithakazelo Zakwa Makhanya

Izithakazelo Zakwa Makhanya

Makhanya,
Mnguni,
Yeyeye,
Gumede,
Qwabe,
Phakathwayo,
Khuzwayo,
Maphithini,
Mpangazitha,
Duze kaMnengwa Gcwabaza,
Thusi, Lingela,
Zukezela, Makhutha,
Mfene,
Wena owakhanyisa ngothi lomshanelo ngoba ezonda ubumnyama,
Wakhanyisa ngothi lomshanelo kwaze kwasa luvutha MAKHANYA!!!!

Izithakazelo Zakwa Mkhonto

Izithakazelo Zakwa Mkhonto

Mkhonto-zikhali!
Hlungwane,
Mkhonto uhlaba magwala,
Magwaza kaZulu!

tags: Mkhonto clan names, izithakazelo zwakwa Mkhonto, Mkhonto clan praises

Ndlela Clan name | Izithakazelo

Ndlela Clan name praise:

Madide kaNdlela
Zikode kaNqaba
Sikhotha sawomoyakazi
Mawandla phikela mhlophe
Sihlangu gudlulaka
Nina bakaMaziyaziyana!

Nyoni kayidliwa muntu
Idliwa nguVezi
Ngoeyinkosi yamaNtshali
Phangela Jozini
Impangiso ingakagwazi
UNondela mzimba
AwunikuMandlakazi!

Mzimbunameva njengesihlahla
Phikela mhlophe
Sikhotha sawodonda
Nhlendle emathatha kaMpangela
Mgwazi kaqhaqhi
Uqhaqhelwa ezintuthwane
Lulwandle lugubelene!

Athamagwala sibonamabutho
Kantabonamagagasi
Humbu kanye nezintanga
Dilika kanye nezixhobo
Chakidomadevabomvu
Phikela mhlophe!

Izithakazelo zakwa-Sokhela

Izithakazelo zakwaSokhela

Sokhela!
Nzuza
Mahlobo
Mshazi
Nozishada kaMaqhoboza
Owaqhobozela izinkomo zamadoda
Wena owapheka amadumbe avuthwa ngoLwesihlanu .
Wena owahlaba iso leSilo ngomuso wahlaba eleNgonyama

Umuntu owanothisa umlando wabantu bakwaNzuza futhi owaduma ngokulwa izimpi ezabe ziliwa kuleyo minyaka kwaba nguNozishada indodana kaMaqhoboza .Iqhawe lakwaNzuza

Izibongo zikaNozishada kaMaqhoboza:

Umziqomela ,njengesilwane
Unqamul'abant'amaqambi
UGebhuz'izulu
Ungongo zabantu nezinkomo
Umahlungulu-ngodweni
Umali wendima kant'uyazalela
Usehla ngendawana yakhe yedwana
Umgwazi weziqananazana
Unyawo lungendlu yakwabo,kwamaSicazana
Umanqe bathi 'Adlani ngalapha kwaleziya zintaba?'
Adl'abantu bakaNozishada kaMaqoboza

UChakid'ozikhohlokhohlwana
UNtak'oduke namhlambi
Ngob'uduke nezakwaMzilikazi
UNomphanda mthombo wezinsele
Untamo kayidinwa iziqu
Njengabo bonke zibadinile

Ubehlangabez'uZulu eMaqongqo
Kwaze kwabuz'uNdlela kaSompisi
Wathi: Uzawuhamba yiphi na?
Mfana kaMqhoboza na?
Wathi -ke 'Nansi eyami,
Engizawuhamba kuyo'
Wayesethi-ke yena:'Kepha ngiyakhala
Ngoba ngibona nje iNkosi isiletha abafana
Angiboni engizakulwa nabo
Ngibona abafana bodwa

Ibinda !

Izithakazelo Zakwa Phungula

Izithakazelo Zakwa Phungula,

Phungula!
Mdlovu!
Mbangmude,
Mbandlwa,
Qhweza,
Hashaza ehlangeni,
Mnandi ongemondi,
Nomasikisiki
Nyoni esindwa isisila sayo,
Nkomo edla yodwa!
Uma idla nezinye ziyayiphangela

Myeza Clan name praise

Myeza Clan name praise

Myeza!
Mzukwase!
Mndimdwanodlumkantsha
Ninenawla ngomzungulu
Umzungulu wasala wabola
Umzaca okhombamaNgwane
Ndengezi!

Mlotshwa Clan name praises

Mlotshwa Clan name praises

Mlotshwa!
Ntumbeza kaNtanzi
KaLwandle kaluwelwa
Luwelwa zinkonjane
Zona zindiza phezulu
Cabuzela onyawo ncane
Zingabankulu zifuzekhabonina
Zitha kaMkhonto
NinenaphumoSuthu
Nehla ngesilulu Hlatshwayo!
Nkomo!
Magidla!

Izithakazelo zakwa-Mthalane

Izithakazelo zakwa-Mthalane

Mthalane!
Weza!
Fuzula!
Mngxenge!
Zimbuzi zingena ngamasangosango
Nyokana Eluhlazana umabonwa abulawe njengenyamazane
Mbulula
Nkwesheni
Nomcozama
Mbonambi

Izithakazelo Zakwa Mchunu

Izithakazelo Zakwa Mchunu

Mchunu!
Izithakazelo zakwa-Mchunu
Macingwane,
Yeyesa,
Phakade,
Mnguni wena wase Ngonyameni,
Jama kaSilwane
Wena kaNogida ngobambo ezinye izintombi zigida ngomshayelo!

Izithakazelo Zakwa Nhlapho

Izithakazelo Zakwa Nhlapho

Nhlapo!
S'gegede ....
Nongombhili! ingabayinye, weza nonima!
Mabulal' umuntu am'hleke, athi, "ngibulel' okukhahlambana".
Ndaba ....
Dub' elimthende
Nkwali zenkosi ezona ngokwendela kubafokazana
Umathunzi-made okwensim' yelala!
Umagotshw' egotshiwe kwabakwamlambo!
Wena kamavundla ...!
Mbhonani ...!
Umwelase ngokuwela impofana nothukela!
Mwelase ongaweli ngezibuko .... owawela ngezihlengela zomfula
Umadl' umkadadewabo, athi, "akanamhlehlo! onomhlehlo ngubhabhakazi!"
Umsongansimbi ayibek' ebunzi khon' amagwala azombalekela.
Kwanhlapo umgoqo kawusavalwa, sekuvalwa ngamakhanda amadoda.
Mlambo!
Nina bakwamveli!!!

Sithole Clan names

Sithole Clan names

Sithole, 
Jobe!
Mondisa!
Phumela phandle ngoba kufudumele
Ungaze ube nomngandeni
Malatshana!
Mhlakaza nhlansi zingamshisi
Ziyoshisabalondolozi
Maphitha!
Mthembu waseGubazi
AbaThembu bengabakwaMvelase
Ngqikazi kaGabela
Zitsha zimnyama
zingamankankazana
Nyama kaMaqoqo
Abayidla beyidonsisana
Nina bakaMgidi wekhohlwa
Nina bakaThakazelwayo
Nina bakaMqolo
Owadlomunyumqolo
Nina bakaDidizumkhaba
Mkhombowadleminyimikhombe
Lwandloluhambezintabeni
Nina baseQhudeni
Jozana olubomvanolundakandkana
Qomondolumantinyane
Olubukumuntu lumethembise
Sengathi luzomakhelumuzi
Kanti phinde!
Nina bethole insthwabadeyane
Mthiyane Sonomo
Nina bakaMkhawozi
Owakhawuzamadodakhawuleka
Nkomankomanekhawuzabalondolozi
Nina bakaNyawo zimthende
zimthendelezi
Ngwenyedlelohawini
Nina baseNyongweni
Chakijana kaGezindaka
Suka bekhuluma!
Bhande kaMtshiba
Mahamba!
NgokuhambuyeSwazini
Luhuluhulu!
Nyokeni!
Nina baseLenge!
Ninenabulalabathakathi
NjengoShaka
Nadlula naweluThukela
NinabakwaMgcwayiza oyinsimbi

Ongahlulwa yintengakhulumi.

Izithakazelo zakwaMyeza

Izithakazelo zakwaMyeza

Myeza!
Ndimbane;
Mpangela;
Mzukwaze!
Msani wathwalwa ngezinyanda
Madlokovu!!!

Mfusi clan names

Mfusi clan names

Mthiyane,
Linda,
Undisa,
Madanyana,
Incwadi engafundeki,
Ushevu ongababi othi ungababa ungabulali

Mdletshe Clan names

Mdletshe Clan names

Mdletshe!
Msindazwe,
Mfuyi wamatshe abanye befuya izinkom,
Singabakangomane engowaseyisayini,
Singabakamfusi kamawewe,
Singabakamsuswhana singonzamela gwaza,
Singabanomo,
Singomagida!
Singoskhumba sehlula abashuki saze sashukwa amampondo.
Thina phela singabakamagcishagcisha!

Blose Clan names

Blose Clan names

Ndelu,
Madiba,
Dimba,
Duma,
Mseleku,
Phonsel 'obusumajonjobela othunga ligcwala lingethiwanga ligcwala ukuhlakanipha,
Bohlela.
Noncengwa -wena owancengwa izintombi zathi sicela usishade blose.
Chobile - wena owachoba izintwala zenkosazana.

Gasa Clan names

Gasa Clan names

Msomi ,
Gasa,
Meyiwa,
Thabela,
Vezi,
Nophacwa wena owaphica umfazi kwasa ekuseni kwazekwa indaba,
Onondabula zixuku zakondwandwe,
Wena owehla ngomzungulu wasala wabola mndayi

Dludla Clan names

Cebisa,
Mandondo,
Sebeni (bavela kwaxulu)
Dludla,
Cebisa,
Mandondo,
Nsukungaye,
Jaja,
Nina bakasibunywana sihleli asitebi ezabanye zibomvana,
Skhakha!

Mfusi Clan names

Mfusi Clan names

mthiyane,
linda,
vundisa,
madanyana,
incwadi engafundeki,
ushevu ongababi othi ungababa ungabulali

Mbuyisa Clan names

Mbuyisa Clan names

Mcusi wasendlunkulu,
Mbhede olala abelungu
Gqagqazela,
Nhlavu azimshayi ziyamthantalaza,
Shebi,
Nonduku!

Mlaba Clan Names

Mlaba Clan Names

Ximba,
godi,
msuthu,
nodlela,
mabhoyi,
mtungwa,
nina benkosi ebhula ngehlahla amanye amakhosi ebhula ngenduku 
nina benkosi eyalwa nongangezwe yaye yalwa nonomsinekwayo 
nina enadla isicaba sisinye ngokusicazelana
nina bambewu mbili ababovana nabamnyamana,
omlamulankunzi ziyek'ezinye zibulalane mkhonto owabuya nobende emadodeni ogqumel'thethayo 
nina enehla ngesilulu ezintabeni zasosuthu dumakude mthandi wabantu bengamthandi bethi bayamthanda kanti bayamkhohlisa 
njono wena wasemdlangweni sambane phum'ehlathini kwenile kulele izingwe nezingwenyama 
nina bakamkalabane akadinwa ngamaveyisi!

Izithakazelo zakwa-Shangase

Izithakazelo zakwa-Shangase

Shangase!
Shuku
Ndaleka!
Mkheshane
Nogujwa
Thomani!



Izithakazelo zakwa-Shangase, Shangase clan names, Shangase clan praises

Izithakazelo zakwa-Nxasana

Izithakazelo zakwa-Nxasana

Nxasana!
Mkhiwa!
Gawu!
Mbekela!
Dunjana!
Skhonza ngenkomo kwabasemzini
Nyok’emnyama eyacand’isiziba
Sizukulwane somthwa
Sizukulwane selawu
Mahlath’ayophela soshonaphi na?
Nonduna!




Izithakazelo zakwa-Nxasana, Nxasana clan names, Nxasana clan praises, Nxasana praises, Nxasana izithakazelo, Nxasana history

Izithakazelo zakwa-Mndaba

Izithakazelo zakwa-Mndaba :
Sobahle,
Makhunga kaNdunakazi
UPhongwana,
umntwana wenkosi,
UMadanga uhlamvana lubhula umlilo.




Tags: Izithakazelo zakwa-Mndaba, Mndaba clan names, Mndaba clan praises, Mndaba clan, Mndaba izithakazelo, Mndaba praises, isithakazelo Mndaba

Izithakazelo zakwa-Nyawo

Izithakazelo zakwa-Nyawo!
Nyawo,
Dumakude,
Mlaba,
Njono
Mthandi'wabantu bengakuthandi,
Wena owadumezizweni..

Izithakazelo zakwa-Ntshangase

Izithakazelo zakwa-Ntshangase Ntshangase,
Mdlaka kaNcidi kaNtopho,
kaNtshankeni kaNdaba,
kuPhunga noMageba,
Mgazi, Menziwa,
Njezi ka Xhoko!
Ndabezitha!
Mvundlane wasoKhabeni.

Mseleku Clan Names

Clan Names: Mseleku

Duma,
Lwandle, Ntenga,
Mthombeni!

Msani / Msane Clan Names

Clan Names: Msani / Msane

Mtimande,
Kunene, Majoka,
Nxaba kaMbhekane owabhekana nokuhlupheka,
Madl'uvalo lwengonyama abanye bedl'olwenkomo,
Mthantathwa,
Mnguni was' Ondini,
Wena kaNonqewu,
Wena kaMgobhozi,
Ntetha, Vangisa,
Mageza ngobisi abanye begeza ngamanzi,
Mvuna!

Mvelase Clan Names

Clan Names: Mvelase

Mthembu,
Qhudeni Mvelase,
Owavel’eNyandeni yemikhonto yakwaMabaso,
Mvelase kaGuda,
Ongawadl’amathibani,
Angadl’amathibane indlala ngabe iwile,
Mnisi wemvula ilanga libalele,
Ngoz’ovel’eNyandeni,
Ngoza kaMkhubukeli, kaGazi,
Nina baseMlamlankunzi!

Msimango Clan Names

Clan Names: Msimango

Thabizolo,
Nonkosi, Mlotshwa,
Wena kaSengama umuntu ngejozi,
Wena owehla ngesilulu abafokazane behla ngezinyawo,
Pembe kaLokothwayo,
Ngelengele!

Msibi Clan Names

Clan Names: Msibi

Ndlondlo,
Mabuya, Guliwe
Ndlondl'eyadl'ubulongwe yalibala,
Siwela,
Gasa!

Nzimande Clan Names

Clan Names: Nzimande

Mphephetwa,
Mdluli,
Ngwekazi, Gwala,
Mancama ngesinkw'esikhulu,
Wena owasukel'isigodo simuka nomfula uth'inyama,
Manda kulandulwa,
Vilakazi,
Xam'odla ngomsingizane,
Mhlandla!

Nyembe Clan Names

Clan Names: Nyembe

Ncamane,
Skhandisa samakhosi,
Thwala lomzimkhulu,
Mnyamande,
Mkhont'oduma njengezulu,
Ithala lomkhonto lisemaNyamandeni,
Nhlangothi zimanxebanxeba,
Wena kaMlamulankunzi ungaziyeki zibulalane,
Wena kaSiwela owawela umfula ngesilulu,
Mnyango kawuvalwa, uvalwa ngamakhand'amadoda,
Ntshivakazi engenampondo,
Bhijela wamaMbane,
Sakade kaGemane,
Gemane kaSiwela,
Nzilagazi!

Sithole Clan Names

Clan Names: Sithole

Jobe !
Mondisa!
Phumela phandle ngoba kufudumele
Matshana!
Mhlakaza nhlansi zingamshisi
Ziyoshis’ abalondolozi

Maphitha!
Mthembu waseGubazi
AbaThembu bengabakwaMvelase
Ngqikazi zimnyama zingamankankazana
Nyama kaMaqoqo
Abayidla beyidonsisana

Nina bakaMgidi wekhohlwa
Nina bakaThakazelwayo
Nina bakaMqolo
Owadl’ omuny’ umqolo
Nina bakaDidiz’ umkhaba
Mkhomb’ olwadl’ eminy’ imikhombe
Lwandl’ oluhambezintabeni
Nina baseQhudeni

Jozana olubomvan’ olundakandakana
Qomond’ olumantinyane
Olubuk’ umuntu lumethembise
Sengathi luzomakkhel’ umuzi, kanti phinde!

Nina bethole intshwabadeyane
Mthiyane Sonomo
Nina bakaMkhwawozi
Owakhawuz’ Mdod’ akhawuleka
Nkomankoman’ ekhawuz’ abalondolozi
Nina bakaNyawo zimthende, zimthendelezi.

Ngweny’ edlel’ ohawini
Nina baseNyongweni
Chakijana kaGezindaka
Suka bekhuluma!
Bhande kaMtshiba
Mahamba!
Ngokuhamb’uyeSwazini!
Luhuluhulu!

Nyokeni!
Nina baseLangeni!
Nin’ enabulal’ abathakathi njengoShaka
Nadlula nawel’ uThukela
Nina bakwaMgwayiza oyinsimbi engagobi!

Sibeko Clan Names

Clan Names: Sibeko

Maziya,
Gembe, Mkhabela,
Mcusi omhlophe izandla nezinyawo,
Wena wenjiki emnyama yasoHlelo,
Wabona ngani ukuthi injiki iwelile?
Wabona ngamanzi ukudungeka,
Wena wekunene wanginika ugaba,
Zaba mbili saphulelana!

Mchunu Clan Names

Clan Names: Mchunu

Macingwane, Yeyesa, Phakade,
Wena wase Ngonyameni,
Jama ka Silwane,
Nyanda yemi khonto,
Phakade akagugi koze kuguge izingane zakhe,
Wena kano Gida ngo Bambo,
Ezinye izintombi zigida ngomshayelo.
Ndabezitha!

Mbuyazi Clan Names

Clan Names: Mbuyazi

Mbuyazi!
Mbonambi!
Ngiba kaNomagama!
Mageza ngobisi amanzi ekhona!
Mabhodla wena owabhodl' ulwandle lugcwele!
Wawela ngaphesheya, owalamb' endleleni waze wadla ubukhwebezane!
Nkonyan' yenkosi!
Mkhosana!

Sibande Clan Names

Clan Names: Sibande

Goje  kuhlase mdlanyoka ndzenge loncama netitho takhe,
emandzenge abitiwe kangwane abitelwe umuti uyagedzagedza enkosini.

Mbatha Clan Names

Clan Names: Mbatha

Mbatha, Shandu ka Ndaba;
Gumbi Lamagwala; Sontshikazi,
Mthiya othiya ngenkomo abafokazane bethiya ngamahlahla;
Ndabezitha!

U Shandu ubengengakanani ngoba nasentendeni yesandla uyenela;
Nasothini lomkhonto uyahlala athi cababa;
Mazalankosi;
Mavungama;
Mathabathanyawo;
Makhabaluthuli;
Makhubanothuli!

Nina be Nyathi emnyama ka Nsele;
UShandu owalima insimu eyilimela izinyoni;
Zase zimbonga zathi tshiyo…tshiyo…tshiyo!

Ubhabha ku Gwaza;
UNkentenkente olwakhela izintaba zase Nhlazatshe;
Kwaze kwaphuma abafazi bengabhincile bathi;
Ingabe lolu Nkentenkente lunkenteza lwenzani;

UShandu ongayimbathi ingubo, oyimbatha ngokusibekela kwe Langa;
UShandu omuhle ngamazinyo akhe;
Wavala nge hhemu emizini yamadoda;
Uzihlabathi zolwandle;
Ebe emkhulu engange Zulu;

Wena ka Magizagiza;
Mlamlankunzi zidedele zibulalane;
Shandu uyinkosi eyabonwa nawu siShaka ka Senzangakhona;
Yena abathi uShaka akashayeki;
Wathi Shandu ka Ndaba uyi Nkosi,
Futhi uyohlala uyi Nkosi;
Ndaba ko Mkhulu!
Wo! Nyathi!

Mbeje, Mndaba, Mlotsha;
Magwaza aphindelele njenge Zulu;
Mavungama owavungamela uMvelase evela eNyandeni;

Dladla, Mpembe, Gadlela, Mhlophe, Dwala;
Mgabadeli ngokugabadela izinkomo zama doda;
Mgabadeli ngokugabadela inkundla kwa Bulawayo;

Mbatha wena owambatha isikhumba senyathi uZulu esahambaze!
Wena owaba ngu Ndabezitha kuqala;
Baze bazama ukuthatha izibongo zakho ngamaqhinga!
Wasala uzisebenzisa njengoba usazisebenzisa namanje;

Ndabezitha!
Ndaba ko Mkhulu!



Shabalala Clan Names

Clan Names: Shabalala

Mshengu
Donga kuka Mavuso
Sidwaba silu Thuli
Ngxabalala
Chagwe
Noyaba
Mabhedla
Thapo
Thingisi
Shevi
Bhuqa
Sayiwana
Bhokwe
Samanisi
Mehlwempi
Nkosikayikho
Phikindaba
Magudulela
Sagqubha
Ndleko
Moniwa!

Tembe Clan Names

Clan Names: Tembe

Mthonga
Tembe
Mlawu, Ngolanyama
Khamangathi, Khamel'abahloti
Mlawu wantshenga
Nyomfi wandawu
Kabahlomeli
Hlomela hlomela
Adingi omnyama
Kameli bahluthi
Ngwanase
Noziyingili!

Thwala Clan Names

Clan Names: Thwala

Msani
Mtimande, Kunene, Majoka, Nxaba, Mbhekane, Madluvalo, Mthantathwa, Mnguni, Nonqewu,
Mgobhozi, Ntetha, Vangisa,
Mvuna, Mageza Ngobisi…
Mqadi
Mbuyisa, Hlobose, Nobela,
Sosingathi, Jakaja…
Mpofana
Ntombela, Zulu…
Mpanza
Thabekhulu, Sandanezwe, Nongalo,
Mavundla, Siwela, Dubandlela,
Soyikasi, Mzingane, Donda…
Motha
Mvulane, Nyamande, Thwala…

Nkabinde Clan Names

Clan Names: Nkabinde

Mcusi
Mphondle kaNdlolothi
Mafuya
Ngokufuyinkabi
Nina bakaMabelemade
Oncelisumntwana
Engaphesheya komfula.
Siyobi!
Gama Mboyisa!
Abakhokhelabantu behlezi
Ubusika nenhlobo.

Ndaba Clan Names

Clan Names: Ndaba

Mwelase,
Mthiyane,
Mhlungu,
Madela,
Dubazane,
Longode,
Wena ongaweli ngazibuko,
Wela ngezimpambosi zomfula,
Masinga asilele,
Mididwa emnyama,
OMalobola mbiza zawo tshani
Nina enilobola ngezenqele abanye belobola ngezomquba.
Wena owasemhlungwini,Owagaqa wagaqa wathugwazinkomo kanti usegwazumhlana wendoda,
Ahhhhhhh ndabezitha!!!

Myeni Clan Names

Clan Names: Myeni

Mdolomba
Mzukase,
Mnguni wasenhla
Wena waseNingizimu
Mabasendleleni zombili, enye ngeyokuya , enye ngeyokubuya
Gwebeshomnyama ,ophuza amanzi okuhlalelwa
Wena owabalekela insingizi ngokusindela uthi silwane
Mdlomba kaDuma
Wena ongengakanani ngoba nasentendeni yesandla uyahlala
Ngwenya kaMalambe
Mzimela
Mziyankatha

Ngcemu Clan Names

Clan Names: Ngcemu

Makhathini!
Xulu!
Donda waseNkwalini
Owashayudaka
Kwavelizinkomo nabantu

Ngobese Clan Names

Clan Names: Ngobese!

Mqungebe
Donda
Mthinti
Ntinda

Ngubeni Clan Names

Clan Names: Ngubeni

Nkomo!
Mtungwa!
Mazodwa!
UGudlu kaDlomo
UNkala kayibulawa
Ngoba yasizanakubo eSobotsheni.

Mthiya Clan Names

Clan Names: Mthiya

Zubane,
Mbatha!

Magutshwa Clan Names

Magutshwa, Simelane

Mbonambi Clan Names
Clan Names: Mbonambi
masimula, mgidi, mlotjwa, kulungwana
mgid'akodumago,
yindumandumani eyadum'ezizweni,
yaduma nasedlomudlomu
kulungwana lekhethu lekomeni ngelaphika nemihlamb'amadoda kwaze kwadinw' imhlambi yamadoda
isebe liphezulu eqongolweni libambele ematjekeni womlomo
mlamula komagwabo,
ngowalamul'ikunzembili sisilwa, ngathana wazilisa bezizakubulalana
bath'umlotswa ngewakhuphina?,
ngowakh'esqongololweni sentaba abamfunako bamthola ngokumlalamela

Nkabinde Clan Names

Clan Names: Nkabinde 

Mcusi
Mphondle kaNdlolothi
Mafuya
Ngokufuyinkabi
Nina bakaMabelemade
Oncelisumntwana
Engaphesheya komfula.
Siyobi!
Gama Mboyisa!
Abakhokhelabantu behlezi

Malevu Clan Names

Clan Names: Malevu

Vezi,
Kunene,
Ziqunde!

Thabethe Clan Names

Clan Names: Thabethe 

Mangethe,
Gema,
Sosibo!

Ntshingila Clan Names

Clan Names: Ntshingila 

Ntshingila,
Dlabane!

Simelane Clan Names

Clan Names: Simelane

Simelane,
Magutshwa!

Mvula Clan Names

Clan Names: Mvula

Mvula,
Duma!

Ngqulunga Clan Names

Clan Names: Ngqulunga

Majola,
Phakade,
Mchunu!

Phakathi Clan Names

Clan Names: Phakathi

Nina bakwaMthentuhlabausamila
BakwaJuqulodlamahleza
BakwaNyoni kaMamasiyephi
Ibuye noNgce eSibgubudu
Yathi Mamase phumungicombele
ZinamanyayezakoSozayi
Zibuye nembewisaphethwe
Nina bakwaMthonguthongwana
UmuthodlamaNyanyambeya
Nina bakwaSigagu
Nina bakwaZikhethankomo
Nina bakwaMhlambushiyanukwayusa
Nina bakwaNdamase wasekuYeyeni
Nina bakwaLanga liphume ladela
Lakhumbuyamanyamayanga
Laze lakhumbula koMafuya
Nina bakwaMlotshwa
Nina bakwaSambane.

Zikhali Clan Names

Clan Names: Zikhali

Sangwani,
Hlongwane,
Ngwane!



izithakazelo zakwa-Zikhali , Zikhali clan praises - tags

Sishi Clan Names

Clan Names: Sishi

Sishi,
Nzimase,
Mathenjwa,
Ncwaba!

Shoba Clan Names

Clan Names: Shoba

Mpikela!
Ntshonondo!
Mathumba!
Ndina!
Ongaweli ngezibuko
Owela ngezihlenge zemifula
Wena wobaba woDwabazane
Wena Ndlovu yesiluba
Angidlanginkomo
Yaze yaba ngumandlamanda

Sangweni Clan Names

Clan Names: Sangweni

E! Sangweni
Sango elibanzi
Mangwane ngwadi
Masinga sileke
Nina eningaweli ngezibuko
Eniwela ngezimpande zomfula
Tshani bude bukaNsele
Nina bakaMabelemade
Ancelisumtwana ngaphesheya komfula
Nina bakwaManzezulu.

Nhleko Clan Names

Clan Names: Nhleko

Mgilitsha!
Nyanganduna!
Masomane!
Ngubo yengwe neyengonyama
Mbambo zenyathi
Malinga!
Owalinga izinkomo zenkosi
Mancwanga!
Nyawo zimhlophe.

Phoswa Clan Names

Clan Names: Phoswa

Phoswa,
Gemase,
Gengeshe,
Chwensi,
Nyoni, Jobo,
Sgidi nekhulu,
Mmniki,
Naswi,Mbhamuza,
Bhamu,
Ntaba Zandelaphi
Nyoni,
Gengeshe!

Ntsele Clan Names

Clan Names: Ntsele

E! Ntsele kaLinda Mkhonto
OwalindeSizungwini
Mthwalo wensimbi
Bayisonge bayenzumqhele
Nsele yenduna
Nina bakwaSiziba silala ingonyama
Madelisidumb adlumlenze
Athi amagwala azambalekele
Nina bakaLutholwa
Zingakatholwa zonkeizizwe
Ninenabambingonyamaizwa
Naxoshiswa ngezinkomo
Zwane!
Mthanti!

Ntombela Clan Names

Clan Names: Ntombela

Mahlobo!
Mpangazitha!
Ninenipheka ngembizende
Isibongesibi
Esingabizwa ngabalandakazi
Sidindi somtshiki!
Ninenishayimpukane ngesibhakela
Niyinqamulamathumbu
Nina bakwaMalandela
NinenizaluZulu
Nina bakwaLuswazi
Dlukula!
Nzuza!
Sishosho sikaPhunga noMageba.




Tags: Ntombela Clan, Ntombela izithakazelo, izithakazelo zakwaNtombela, clan name of Ntombela, Ntombela clan praises, praises for Ntombela

Nyandeni Clan Names

Clan Names: Nyandeni

Nyandeni,
Mashobana!
Gasela!
Khukhuza!

Nxele Clan Names

Izithakazelo Zawa Nxele

Nxele,
Sweli,
Semi,
Msweli!

Sikhosana Clan Names

Clan Names: Sikhosana

Isikhosana sikaMusi kaMhlanga
Ntuthezashunqemhlangeni
Izizwe zonke zabikelana
Zathi kuvelumusi kwaMhlanga
Wena kaMlomusemhlwathini
Vuyisa kaMaphanga.

Shongwe Clan Names

Clan Names: Shongwe

Mtimande
Lubambo lunye
Zingabambili weza nonina
Laqhashizeze.

Vilakazi Clan Names

Clan Names: Vilakazi

Binda!
Mphephethwa!
Mphephethe wena
Wena wakoGama
UGamuyedwa lubaphephethwa
Matshinga waseMaphephetheni
Ogwazaze ame ngeklwa
UNgwevu noNgiwavuma
Nina baseNgwede naseNgwavuma
Nina baseNdondina ngovuma
Sihlase!
Owadlumkadadewabo
Wathakananyongo
Wathakanamhlehlo
Umhlelhlo sibhbhakazane
Malinga khulu hohlo
Bamchatha ngohlanga
Bethi akafe angafi
Baze banqoba.

Sokhela Clan Names

Clan Names: Sokhela

Sokhela,
Nzuza,
Mahlobo!

Yengwa Clan Names

Clan Names: Yengwa

Gwamanda omhlophe
Mncobolo obomvu
Sochumase
Sona ngokubusa
Ngokubusa emanxulumeni
AmaYengwa ehla entengentengeni
AmaYengwa abengengakanani
Abengehla ngothi lomkhonto
Uqaba lafika muva
Lafika amaqaba esegoduka

Xaba Clan Names

Clan Names: Xaba

Nonkosi
Mashwabada
Owashwabadelizindlubu namakhasi
Washwabadelinkomo nezimpondo
Abahlephulisinkwa siyebandla
Basebethi sihleshulwe umtwana
Kanti sihleshulwe nguMlandakazi
Nomboko zinde
Mlotshwa!
Nina bakwaSinxe siyakhathala
Nonkosi omuhle nonyawo lwakhe
Zala kubusa nokuncishana.

Mhlophe Clan Names

Clan Names: Mhlophe 

Mhlophe kaZindela,
kaNonkomonhle,
kaChanca

Zikalala | Clan Names

Clan Names: Zikalala

Khuzeni!
Mazibuko!
Mvelase!
Mpungose!
Khuba!
Gebisa!
Mabhengeza!
Maluleka iphilibana likaDonda
Ngoba leswelabavubeli
Mhayise!
Magwazindoinyelemphandeni
Nina bakwaNgonyama
Nina bakwaMnini
Mbangalaka!
Masikiphepha
Buthelinhlabathi
Nina bakwaMansumpa
Nina bakwaMadlikivana.

Mbuyazi Clan Names

Mbuyazi Clan Names

Mbuyazi!
Mbonambi!
Ngiba kaNomagama!
Mageza ngobisi amanzi ekhona!
Mabhodla wena owabhodl' ulwandle lugcwele!
Wawela ngaphesheya, owalamb' endleleni waze wadla ubukhwebezane!
Nkonyan' yenkosi!
Mkhosana!


Zwane | Clan Names

Clan Names: Zwane

Ntsele kaLindaMkhonto, Mthanti!
Nduna ngokuthwalisala sentsele
UNtselakangakanani
Ngoba nasothini lomkhontangahlala
Nineniphakelumyenodengeleni
Ngoba ningabeNkosi
Zikode kaNdabantsele
Wena kaMafu
Kalinganophansi nophezulu
Mangethe!
Mtungwa oluhlaza
Nina bakwaMngunikazi ngilinde
Ngiyothathezami
Nina bakwaMfazoshayabafnekwaluseni
Ngingakaze ngimbonolokotha lesosenzo
Magugu kaNtsele
Mpisethathamathole
Mthamiya sicongo
Nina bakaVezi
Owadlisihlahla njengengwababana
Mbulazi waseNtseleni
Odlumuntemyenga ngendaba
Nina bakwaQhina ladla liguqile
Phansi kwetshe laseTshenteka
Dlula kulendawo!

Gama | Clan Names

Clan Names: Gama

Mlangeni!
Wena wakwaSidwaba siluthuli
Singabancwaba bathi
Weta nonina
AbaqeduBombo ngokuhlehletela
UWawawa Wu!
Vukani sekusile malangeni
Nomandla kaMalozi
Ingongoni yamavaneni
AmaSwazi lana.

Mdakane | Clan Names

Clan Names: Mdakane

Mshiza kaNonomba
Sihlangesasala kwaNodwengu
Nina bakaBayikana
Ninenisindabagadla
Nina bakaNogalimba
Osindabagayi
Inkomeqhamuka
KwaBhulihawu kwaLolentshe
Mlangatshe!

Guliwe | Clan Names

Clan Names: Guliwe

Guliwe,
Kuhlase!
Mtimande!
Wena wakwaMathobela
Owanyamalala kunenkungu nelanga
Lubambo lunye
Zingabambili weza nomlandakazi.

Mgaga | Clan Names

Clan Names: Mgaga

Mboyisa!
Sindlondlo!
Ninenazibamasi
Njengomlandakazi.
Mabonga at 11:09 AM

Mcineka | Clan Names

Clan Names: Mcineka

Mcineka
nkomo.gwazela.
mncinci. somtshiyosi.
ntulikabongwa obongayo ubola umlomo.
gwazela ngokugwazela amanye amadoda owathi ukhomba inxeba wakhomba isidiya sempunzi. kamfazi akashawa ngenduku ngoba induku iyabozisa, kepha umfazi ushawa ngomucu.
nkomo enkulu
 Mabonga at 11:12 AM
Nzima | Clan Names
Clan Names: Nzima
Mdumela, Dabula, Nzima, Hlase,
Shiki onjenge hlabathi,
Mabhala ngosiba abanye bebhala ngepensela,
Nkonjane ebika izulu liphenduka.

Madlala | Clan Names

Clan Names: Madlala

Madlala,
Mpumuza,
Bhengu,
Sishi,
Khabalidaka, Nodlomo!

Madlala | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Madlala

Madlala,
Mpumuza,
Bhengu,
Sishi,
Khabalidaka, Nodlomo!

Mcineka | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Mcineka

Mcineka
nkomo.gwazela.
mncinci. somtshiyosi.
ntulikabongwa obongayo ubola umlomo.
gwazela ngokugwazela amanye amadoda owathi ukhomba inxeba wakhomba isidiya sempunzi. kamfazi akashawa ngenduku ngoba induku iyabozisa, kepha umfazi ushawa ngomucu.
nkomo enkulu

Nzima | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Nzima

Mdumela, Dabula, Nzima, Hlase,
Shiki onjenge hlabathi,
Mabhala ngosiba abanye bebhala ngepensela,
Nkonjane ebika izulu liphenduka.


Mgaga | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Mgaga

Mboyisa!
Sindlondlo!
Ninenazibamasi
Njengomlandakazi.

Mdakane | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Mdakane

Mshiza kaNonomba
Sihlangesasala kwaNodwengu
Nina bakaBayikana
Ninenisindabagadla
Nina bakaNogalimba
Osindabagayi
Inkomeqhamuka
KwaBhulihawu kwaLolentshe

Mlangatshe!


Guliwe | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Guliwe

Guliwe,
Kuhlase!
Mtimande!
Wena wakwaMathobela
Owanyamalala kunenkungu nelanga
Lubambo lunye
Zingabambili weza nomlandakazi.

Gama | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Gama

Mlangeni!
Wena wakwaSidwaba siluthuli
Singabancwaba bathi
Weta nonina
AbaqeduBombo ngokuhlehletela
UWawawa Wu!
Vukani sekusile malangeni
Nomandla kaMalozi
Ingongoni yamavaneni
AmaSwazi lana.

Zwane | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Zwane

Ntsele kaLindaMkhonto, Mthanti!
Nduna ngokuthwalisala sentsele
UNtselakangakanani
Ngoba nasothini lomkhontangahlala
Nineniphakelumyenodengeleni
Ngoba ningabeNkosi
Zikode kaNdabantsele
Wena kaMafu
Kalinganophansi nophezulu
Mangethe!
Mtungwa oluhlaza
Nina bakwaMngunikazi ngilinde
Ngiyothathezami
Nina bakwaMfazoshayabafnekwaluseni
Ngingakaze ngimbonolokotha lesosenzo
Magugu kaNtsele
Mpisethathamathole
Mthamiya sicongo
Nina bakaVezi
Owadlisihlahla njengengwababana
Mbulazi waseNtseleni
Odlumuntemyenga ngendaba
Nina bakwaQhina ladla liguqile
Phansi kwetshe laseTshenteka

Dlula kulendawo!

Zikalala | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Zikalala

Khuzeni!
Mazibuko!
Mvelase!
Mpungose!
Khuba!
Gebisa!
Mabhengeza!
Maluleka iphilibana likaDonda
Ngoba leswelabavubeli
Mhayise!
Magwazindoinyelemphandeni
Nina bakwaNgonyama
Nina bakwaMnini
Mbangalaka!
Masikiphepha
Buthelinhlabathi
Nina bakwaMansumpa
Nina bakwaMadlikivana.

Yengwa | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Yengwa

Gwamanda omhlophe
Mncobolo obomvu
Sochumase
Sona ngokubusa
Ngokubusa emanxulumeni
AmaYengwa ehla entengentengeni
AmaYengwa abengengakanani
Abengehla ngothi lomkhonto
Uqaba lafika muva
Lafika amaqaba esegoduka
MaYengwa aniyanga ngani kobhula na
Niyamazi ozonukwa na

Sonomo

Vilakazi | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Vilakazi

Binda!
Mphephethwa!
Mphephethe wena
Wena wakoGama
UGamuyedwa lubaphephethwa
Matshinga waseMaphephetheni
Ogwazaze ame ngeklwa
UNgwevu noNgiwavuma
Nina baseNgwede naseNgwavuma
Nina baseNdondina ngovuma
Sihlase!
Owadlumkadadewabo
Wathakananyongo
Wathakanamhlehlo
Umhlelhlo sibhbhakazane
Malinga khulu hohlo
Bamchatha ngohlanga
Bethi akafe angafi
Baze banqoba.



Tags: vilakazi clan names, vilakazi praises, izithalazelo zakwa-vilakazi, vilakazi clan, vilakazi Mphephethwa

Xaba | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Xaba

Nonkosi
Mashwabada
Owashwabadelizindlubu namakhasi
Washwabadelinkomo nezimpondo
Abahlephulisinkwa siyebandla
Basebethi sihleshulwe umtwana
Kanti sihleshulwe nguMlandakazi
Nomboko zinde
Mlotshwa!
Nina bakwaSinxe siyakhathala
Nonkosi omuhle nonyawo lwakhe
Zala kubusa nokuncishana.

Sokhela | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Sokhela

Sokhela,
Nzuza,
Mahlobo!

Sikhosana | Izithakazelo


Izithakazelo Zakwa Sikhosana

Isikhosana sikaMusi kaMhlanga
Ntuthezashunqemhlangeni
Izizwe zonke zabikelana
Zathi kuvelumusi kwaMhlanga
Wena kaMlomusemhlwathini
Vuyisa kaMaphanga.

Shongwe | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Shongwe

Mtimande
Lubambo lunye
Zingabambili weza nonina
Laqhashizeze.

Nyandeni | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Nyandeni

Nyandeni,
Mashobana!
Gasela!

Khukhuza!

Nxele | Izithakazelo

Izithakazelo Zawa Nxele

Nxeke,
Sweli,
Semi,
Msweli!

Ntsele

Izithakazelo Zakwa Ntsele

E! Ntsele kaLinda Mkhonto
OwalindeSizungwini
Mthwalo wensimbi
Bayisonge bayenzumqhele
Nsele yenduna
Nina bakwaSiziba silala ingonyama
Madelisidumb adlumlenze
Athi amagwala azambalekele
Nina bakaLutholwa
Zingakatholwa zonkeizizwe
Ninenabambingonyamaizwa
Naxoshiswa ngezinkomo
Zwane!
Mthanti!

Ntombela | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Ntombela

Ntombela,
Mahlobo,
Mpangazitha!

Sangweni | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Sangweni

E! Sangweni
Sango elibanzi
Mangwane ngwadi
Masinga sileke
Nina eningaweli ngezibuko
Eniwela ngezimpande zomfula
Tshani bude bukaNsele
Nina bakaMabelemade
Ancelisumtwana ngaphesheya komfula
Nina bakwaManzezulu.

Nhleko | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Nhleko

Mgilitsha!
Nyanganduna!
Masomane!
Ngubo yengwe neyengonyama
Mbambo zenyathi
Malinga!
Owalinga izinkomo zenkosi
Mancwanga!

Nyawo zimhlophe.

Phoswa | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Phosa

Phosa,
Nyoni,
Gengeshe!

Sabela/Sabelo | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Sabela Sabelo

Gwamanda,
Mdlumbi,
Maphindela,
Vezi!

Nhlapho | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Nhlapho

Sgegethe
Abadlumhlehlo kadadewabo
Bathibhadakazi
Abangaweli ngezibuko
Abawela ngesihlengethe
AbakwLuvuno
Mvelase!

Zikhali | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Zikhali

Sangwani,
Hlongwane,
Ngwane!

Sishi | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Sishi

Sishi,
Nzimase,
Mathenjwa,
Ncwaba!

Shoba | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Shoba

Mpikela!
Ntshonondo!
Mathumba!
Ndina!
Ongaweli ngezibuko
Owela ngezihlenge zemifula
Wena wobaba woDwabazane
Wena Ndlovu yesiluba
Angidlanginkomo
Yaze yaba ngumandlamanda

Emashobeni.

Phakathi | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Phakathi

Nina bakwaMthentuhlabausamila
BakwaJuqulodlamahleza
BakwaNyoni kaMamasiyephi
Ibuye noNgce eSibgubudu
Yathi Mamase phumungicombele
ZinamanyayezakoSozayi
Zibuye nembewisaphethwe
Nina bakwaMthonguthongwana
UmuthodlamaNyanyambeya
Nina bakwaSigagu
Nina bakwaZikhethankomo
Nina bakwaMhlambushiyanukwayusa
Nina bakwaNdamase wasekuYeyeni
Nina bakwaLanga liphume ladela
Lakhumbuyamanyamayanga
Laze lakhumbula koMafuya
Nina bakwaMlotshwa
Nina bakwaSambane.


Mvula | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Mvula

Mvula,
Duma!

Ngqulunga | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Ngqulunga

Majola,
Phakade,
Mchunu!

Izithakazelo Zakwa Thabethe

Izithakazelo Zakwa Thabethe 

Mangethe,
Gema,
Sosibo!

Izithakazelo Zakwa Thabethe, Thabethe clan names, Thabethe clan praises

Ntshingila | Izithaazelo

Izithakazelo Zakwa Ntshingila 

Ntshingila,
Dlabane!

Simelane | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Simelane

Simelane,
Magutshwa!
Mpembe kaLokothwayo,
Simelane kaNdlovu,
Ndletshana zimqewana,
Ndletshana zikhanya ilanga

Magutshwa | Izithakazelo

Magutshwa, Simelane

Mbonambi | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Mbonambi
masimula, mgidi, mlotjwa, kulungwana
mgid'akodumago,
yindumandumani eyadum'ezizweni,
yaduma nasedlomudlomu
kulungwana lekhethu lekomeni ngelaphika nemihlamb'amadoda kwaze kwadinw' imhlambi yamadoda 
isebe liphezulu eqongolweni libambele ematjekeni womlomo
mlamula komagwabo,
ngowalamul'ikunzembili sisilwa, ngathana wazilisa bezizakubulalana
bath'umlotswa ngewakhuphina?,
ngowakh'esqongololweni sentaba abamfunako bamthola ngokumlalamela 

Nkabinde | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Nkabinde 

Mcusi
Mphondle kaNdlolothi
Mafuya
Ngokufuyinkabi
Nina bakaMabelemade
Oncelisumntwana
Engaphesheya komfula.
Siyobi!
Gama Mboyisa!
Abakhokhelabantu behlezi

Ubusika nenhlobo.

Malevu | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Malevu

Vezi,
Kunene,
Ziqunde!

Ngubeni | Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Ngubeni

Nkomo!
Mtungwa!
Mazodwa!
UGudlu kaDlomo
UNkala kayibulawa
Ngoba yasizanakubo eSobotsheni.


Mthiya | Izithakazlo

Izithakazelo Zakwa Mthiya

Zubane,
Mbatha!

Uyini Umembeso?


Umembeso wenziwa insizwa esuke isiganiwe lapho isuke ihambisa izipho ekhweni layo.
Izipho lezi zisuke zibhekiswe kubazali bentombi kanye nasemndenini wayo. Umkhwenyana ubhala incwadi ayithumele ekhweni ukubazisa ngosuku azofika ngalo ukuzoletha lezozipho.
Ngosuku lomembeso abakubo kwentombi bahlaba izimbuzi ezibizwa ngokuthi amakhambi lezizimbuzi kuhlatshiswa ngazo abakubo kamkhwenyana basuke bamukelwa umndeni wakubo kamakoti.

Abakubo kamkhwenyana bambesa umakoti wabo bamuphe nezipho ezinhle kanye nomakotshana wakhe. Baphinde bambathise umama nezihlobo zikamakoti ngezingubo zokulala, amaphinifa, amaduku, izitsha, amabhodwe nezinto zetiye. Ubaba kamakoti yena umbathiswa ngejazi, isigqoko, isambulela kanye nemvubu.

Ngosuku lomembeso umkhongi uyamukhehla umakoti. Ukukhehla yilapho umkhongi usuke enikeza umakoti izipho emgcoba nensoyi ngoba usuke esezoshada. Lokhu kuyisiko nje kunoma imuphi umkhongi uma ekhonga.

Umemulo Wentombi Nto!

Umemulo wentombi nto


Uma intombi nto yenzelwa umemulo kuthi ngesikhathi izokwenzelwa umemulo kufanele iphume nezinye izintombi ezisagcwele ihambe iwoyiza ebuntombini bazo. Uma kuwoyizwa, intombi leyo uzowoyizela ezihlobeni zayo lapho isuke ibamema ukuthi bafike kumemulo wayo. Intombi le esuke yenzelwa umemulo isuke igcobe ibomvu ebusweni. Lapho usuke iwoyiza nomakotshana wayo. Kuzothi ingaqeda ukuwoyiza kanye nezintombi lezo ebeziyiphelezela iyahamba iyolanda umkhonto komalume bayo. Kodwa uma ukuthi iyalotsholwa izohamba iyolanda umkhonto wayo emzini. Kuzothi ingabuya komalume kuhlatshwe imbuzi yokuguqa. Lembuzi ihlatshwa ngoMsombuluko lapho intombi ayisezukuphuma endlini. Uma kukhona ekudingayo izolethelwa umakhotshana wayo. Ngenkathi isuke ihlezi endlini usuke igcobe ibomvu.

Kuyothi ngosuku lweSabatha ntambama, seliphelile iSabatha bese kuhlatshwa inkomo. Kudliwe inyama yangaphakathi. Ekuseni izintombi ziyahamba ziyogeza ibomvu emfuleni esuke iligcobe ngesikhathi isuke igoyile. Zizothi zingabuya zihambe izintombi ziyogqoka imvunulo yazo. Nayo intombi leyo eyenzelwa umemulo iyavunula bese ifakwa nomhlwehlwe wayo izobe isihamba iyosina esigcawini.



Uma kwenzeka kanti kukhona intombi engaphelele yayikhishiswa inkomo kuqala kaZulu kanti ekuPhakameni, intombi ifakwa isiphandla sayo inkomo ehlatshiwe. Ziyahamba ziyogezwa emfuleni izintombi zibuye zifake iziphandla zazo. Uma intombi izazi ukuthi ayisiyona intombi ayiwufaki nhlobo umhlwehlwe. Ngoba uma umuntu efihlile kubonakala umhlwehlwe uyadabuka kanti kuqala kwakubonakala ngezalukazi zikhwifa phansi inyama. Zithi sawudla udoti ngoba bathi inyama iyazwakala.

Uma sekuyisikhathi sokusina esigcawini akufanele ime iqonde kumele igobe futhi ingababheki abantu. Kuthiwa isuke ihlonipha amadlozi akubo. Ngenkathi isisina imkhonto igwaza phansi eduze kwezihlobo zayo zakomalume. Uma kungabasemzini izogwaza phambi kwabo lapho kusuke kumele ukuthi bayikhunge. Uma imali bengenayo kumele bayihlome noma isipeletu. Ngenkathi kusinwa kusuke sekukhona izinsizwa sezizobheka ukuthi zingabathola yini abazozigana. EkuPhakameni kusuke kusho ukuthi intombi isingahlala esigcawini ikhethwe ngokwebandla ukuthi izogana bani. Umemulo uwusiko okumele umzali ayenzele ingane yakhe uma isikhulile ngoba uyakhalaleka ukuthi uma ungenziwanga.

Yini Umemulo?


Umemulo usiko olwenzelwa intombazane uma iziphathe kahle ebuntombini bayo yangabaphoxa abazali bayo.
Isikhathi esiningi lolusiko lwenziwa uma intombazane iziphathe kahle yaze yafika eminyakeni engamashumi amabili nanye - 21, ikakhulukazi lwenziwa amaZulu.

Umemulo is a traditional Zulu coming of age ceremony for women. The rituals involve slaughtering a cow and the traditional Zulu dance Ukusina involving a spear. A woman's Umemulo ceremony signifies that the she is now ready for marriage.

Yini isipheko?

Isipheko usiko lokuncedisa/lokusiza labo abasuke benze umcimbi. 


Kuye kwenzeke ukuthi kube nomshado, isifo, noma itiye, besekuthi labo abamenyiwe baphathe izipho zokudla ezinjengama khekhe, okuphuzwayo, izithelo nokunye abaye babone kubalulekile ukuthi basize ngakho ukuze umcimbi waloyo abaseke bemuhambele ube yimpumelelo.
Isipheko akuphoqelekile ukuthi usiphathe kodwa lona umkhuba omuhle otshengisa ukuzwelana nokubambisana kwabantu.

Ngcemu | Izithakazelo

Makhathini!
Xulu!
Donda waseNkwalini
Owashayudaka
Kwavelizinkomo nabantu

Amakhosi AkwaZulu

KINGS OF THE ZULU KINGDOM
1816 - PRESENT
King
Ruled Between
Period
Shaka kaSenzangakhona
1816 - 1828
12 yrs
Dingane kaSenzangakhona
1828 - 1840
12 yrs
Mpande kaSenzangakhona
1840 - 1872
32 yrs
Cetshwayo kaMpande
1872 - 1884
12 yrs
Dinuzulu kaCetshwayo
1884 - 1913
29 yrs
Solomon kaDinuzulu
1913 - 1933
20 yrs
Cuprian Bhekuzulu kaSolomon
1948 - 1968
20 yrs
Goodwill Zwelithini kaBhekuzulu
1971 – 2011+
40+