Msimango | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Msimango

Thabizolo,
Nonkosi, Mlotshwa,
Wena kaSengama umuntu ngejozi,
Wena owehla ngesilulu abafokazane behla ngezinyawo,
Pembe kaLokothwayo,
Ngelengele!

Msibi | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Msibi

Ndlondlo,
Mabuya, Guliwe
Ndlondl'eyadl'ubulongwe yalibala,
Siwela,
Gasa!

Msani | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Msani

Mtimamnde,
Kunene, Majoka,
Nxaba kaMbhekane owabhekana nokuhlupheka,
Madl'uvalo lwengonyama abanye bedl'olwenkomo,
Mthantathwa,
Mnguni wasOndini,
Wena kaNonqewu,
Wena kaMgobhozi,
Ntetha, Vangisa,
Mageza ngobisi abanye begeza ngamanzi,
Mvuna!

Mseleku | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mseleku

Duma,
Lwandle, Ntenga,
Mthombeni!

Msane | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Msane

Mtimamnde,
Kunene, Majoka,
Nxaba kaMbhekane owabhekana nokuhlupheka,
Madl'uvalo lwengonyama abanye bedl'olwenkomo,
Mthantathwa,
Mnguni wasOndini,
Wena kaNonqewu,
Wena kaMgobhozi,
Ntetha, Vangisa,
Mageza ngobisi abanye begeza ngamanzi,
Mvuna!

Mqadi | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mqadi

Mbuyisa,
Hlobose, Nobekela,
Sosingath'owasingath'ingwe nengonyama,
Nina enasuk'enhla nawela imfolozi emnyama nebomvu nithwel'imbewu ngophondo,
Jakaja!

Mpanza | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mpanza

Thabekhulu,
Sandanezwe, Nongalo,
Mavundla, Siwele,
Dubandlela, Soyikazi,
Mzingane,
Donda!

Mpofana | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mpofana

Ntombela,
Zulu!

Motha | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Motha

Mvulane,
Mnyamande,
Thwala!

Mntambo | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mntambo

Nhlangothi,
Mlondo, Vezi,
Nyong'eluhlaza enjengeyenyamazane,
Masilela, Jiyane,
Kweyama!

Mnomiya | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mnomiya

Dlaba,
Shukulas', Shezi,
Dludle,
Dludl'owadl'imihlambi yamadoda,
Wadl'izinkomo zamaNdebele,
Oyodl'ezikaDlaba uyoceba,
Dlab' akadleli phansi,
Udle' edlodlweni,
Abanye bedlela phansi,
Mavulane owavul' iNkandl'ivaliwe,
Mchube, Mlotshwa,
Wena kaLumbazo, kaZokufa,
Sigananda phum'eNkandla!

Mnisi | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mnisi

Mvuleni,
Nkophe zimayaka!

Mthombeni | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mthombeni

Ntenga,
Duma, Magagula,
Lwandle kaluwelwa luwelwa zinkonjane kuphela zona ezindiza phezulu,
Ngongolozi owaphekwa netshe,
Kwavuthwa lona kuqala,
Thabisa,
Mvenya!

Mtolo | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mtolo

Dlangamandla,
Mchenge!

Sokhulu | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Sokhulu

Zondo,
Mthiyane, Nqoboka,
Mnguni kaManekwane,
Skhangane esakhanga amadoda
Luvuno, Sokotshane
Mzwili!

Zondo | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Zondo

Mthiyane,
Sokhulu, Nqoboka,
Mnguni kaManekwane,
Skhangane esakhanga amadoda
Luvuno, Sokotshane
Mzwili!

Mthiyane | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mthiyane

Zondo,
Sokhulu, Nqoboka,
Mnguni kaManekwane,
Skhangane esakhanga amadoda
Luvuno, Sokotshane
Mzwili!

Mthabela | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mthabela

Mthabela,
Chibi,
Mabhedla,
Ntshazizwe
Mlotshwa, Mpangazitha,
Ngalonde,
Mkheshenga!

Mthembu | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mthembu

Mvelase,
Qhudeni Mvelase,
Owavel’eNyandeni yemikhonto yakwaMabaso,
Mvelase kaGuda,
Ongawadl’amathibani,
Angadl’amathibane indlala ngabe iwile,
Mnisi wemvula ilanga libalele,
Ngoz’ovel’eNyandeni,
Ngoza kaMkhubukeli, kaGazi,
Nina baseMlamlankunzi!

Mngwengwe | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mngwengwe

Zitha,
Mhlambo,
MaHlamb’amhlophe ngokuhlambuluka!

Mngomezulu | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mngomezulu

Dlakadla
Nkabanhle, Lubelo,
Nkaba yenkosi,
Maphakel'indoda edengeleni ilambile,
Mfiso, Malinga,
Mdluli,
Msuthu!

Mnguni | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mnguni

Qwabe,
Gumede,
Mnguni kaYeyeye,
Osidlabehlezi bakaKhondlo kaPhakathwayo,
Abathi bedla, babeyenga umuntu ngendaba
Abathi "dluya kubeyethwe",
Kanti bahlinza imbuzi,
Bathi umlobokazi ubeyethe kayikhuni,
Sidika lolodaba,
Phakathwayo!
Wena kaMalandela,
Ngokulandel' izinkomo zamadoda,
Amazala-nkosi lana!
Mpangazitha!

Mncwabe | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mncwabe

Mnguni,
Mpangazitha, Phakathi,
Sishangwe, Mjoji,
Makhathini!

Mlangeni | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mlangeni

Magasela,
Sishiya, Madondo,
Mdephane, Dlamani,
Sacolo,
Sidwaba siluthuli, singabancwaba seza nomlandakazi,
Linda!

Mlotshwa | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mlotshwa

Makhombothi,
Ntumbeza kaNtuzi,
Cabuzela onyawo zincane, ziingaba nkulu zifuz’ekhabonina,
Khambule,
Mzilankatha, Shezi,
Magidla!

Mlambo | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mlambo

Mdineka,
Sishange, Maphisa,
Gubhuza, Ndlanzi,
Mlambo omkhulu ongawelwa 'muntu,
Chibi!

Mkhonza | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mkhonza

Mhlungwane,
Phini Kalikhothwa,
Likhothwa ngokubhimbidela,
Malobisa!

Mlaba | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mlaba

Ximba,
Mabhoyi, Nodlela,
Mbewumbili, abanye bamhlophe abanye babomvana,
Nina enacaba isicaba ngokucazelana,
Msuthu!

Nxumalo | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Nxumalo

Zwide kaLanga,
Ndwandwe, Mkhatshwa,
Okhabangezinde nezimaqhukubezana,
Nkabanhle,
Wena wase Gudunkomo,
Wena owasezikhotheni, ezingakhothi ngamlomo, ezikhotha ngomkhonto kaZulu,
Nkomo ayihlatshwa , uyothi ungayihlaba yophe amasi njengo mbhelebhele,
Sandla sivikumkhonto njengehawu,
Hlubi,
Sandl' esimnene,
Somaphunga,
Nonkokhel'abantu bahlatshwe njenge zinkomo!

Mkhatshwa | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mkhatshwa

Zwide kaLanga,
Ndwandwe, Nxumalo,
Okhabangezinde nezimaqhukubezana,
Nkabanhle,
Wena wase Gudunkomo,
Wena owasezikhotheni, ezingakhothi ngamlomo, ezikhotha ngomkhonto kaZulu,
Nkomo ayihlatshwa , uyothi ungayihlaba yophe amasi njengo mbhelebhele,
Sandla sivikumkhonto njengehawu,
Hlubi,
Sandla simnene,
Somaphunga,
Nonkokhel'abantu bahlatshwe njenge zinkomo!

Mkhabela | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mkhabela

Dlomo,
Dinangwe,
Bhelesi, Khweba,
Malala nomunwe endunu,
Avuke ancinde akhwife eMpumalanga,
Abuye ancinde akhwife eNtshonalanga,
Sikhaba esingangenkomo!

Mkhaliphi | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mkhaliphi

Mphephethwa,
Vilakazi, Jili,
Binda!

Miya | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Miya

Gcwanini,
Sbewu, Munja,
Mabhingcel'ehlangeni amany'amadod'ebhingcel'ezindlini,
Skhaban'esakhab'uvezi ngezinyawo,
Sjekula,Msilak'phepha,
Salakulandelw'esilandelwa 'zintombi kuphela,
Genu, Gogela,
Sonkosi,
Zizi!

Mhlanga | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mhlanga

Mhlanga,
Nkomkhabayo,
Swazi,
Mabhena,
Sikhosane,
Gwacela,
Mbili,
Khabako!

Mhlungu | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mhlungu

Mthiya,
Masingasilele, Mwelase,
Nina eningaweli ngezibuko eniwela ngezimpambosi zomfula,
Ngwane!

Mgobhozi | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mgobhozi

Mahlobo,
Qwabe,
Khondlo,
Mnguni kaYeyeye
Mpangazitha, Mgobhozi, Shoshakade kakhaba,
Mbayise kaMngoma, Sdinane wena owadina abakwa khuzwayo,
Hlobo luhle olunoboya!

Mhlaba | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mhlaba

Mangethe,
Zwane!

Mlondo | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mlondo

Maphahla,
Mgenge,
Dungandaba!

Mgenge | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mgenge

Maphahla,
Mlondo,
Dungandaba!

Mfeka | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mfeka

Mnguni,
Mzimela,
Jiji, Mbizeni,
Ntaka, Sheleza,
Lwandle aluwelwa luwelwa 'zinkonjane ngoba zona zindiza phezulu,
Nzungane!

Mfusi | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mfusi

Mthiyane,
Mfusi wamaphahla,
Mthiyane,
Vundisa!

Mdunge | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mdunge

Chiliza,
Mwelase, Mbambo,
Makhathini!

Mdluli | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mdluli

Lukhele
Nyoka, Sikhangisa,
Nzimande,
Bhekiswayo!

Mdladla | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mdladla

Thumbela,
Mwelase!

Mdletshe | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mdletshe

Ngomane,
Msindazwe,
Mfuyi wamatshe abanye befuya izinkomo,
Mfusi kaMawewe,
Wena waseZisayini,
Mnomo!

Mcoyi | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mcoyi

Mnguni,
Qwabe,
Mnguni kaYeyeye,
Osidlabehlezi bakaKhondlo kaPhakathwayo,
Abathi bedla, babeyenga umuntu ngendaba
Abathi "dluya kubeyethwe",
Kanti bahlinza imbuzi,
Bathi umlobokazi ubeyethe kayikhuni,
Sidika lolodaba,
Phakathwayo!
Wena kaMalandela,
Ngokulandel' izinkomo zamadoda,
Amazala-nkosi lana!
Mpangazitha!

Mbuli | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mbuli


Mbuli,
Mngunikazi,
Lindisa,
Makhunga,
Ndlolothi edliwayo njenga mabele,
Mlawula,
Wena Kamtobheyane,
Makhathakhatha,
Muthimunye!

Mbuyisa | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mbuyisa

Gqagqazela,
Mlotshwa, Mbuyazi,
Mchusi wasendlunkulu,
Nhlamv'azimshayi ziyamthantalaza,
Mbonambi,
Dube!

Mbongwa | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mbongwa

Mbuyisa,
Makhubo!

Mbonambi | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mbonambi

Mabhodla,
Mbuyazi,
Ngiba kaMananga,
Wena owaya ngaphesheya kwezilwandle wabona abantu abazindlebe zikhany'ilanga,
Mabuya nomuntu abuye nenkunzi,
Ndunakazi!

Shandu | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Shandu

Mbatha,
Shandu kaNdaba,
Sontshikaze, Manyosi,
Gumbi lamagwala,
UShandu akangakanani,nasentendeni yesandla engahlala,
Nasothini lomkhonto uyenela,
Mthiya ngenkomo abafokazana bethiya ngamahlahla,
Shandu owalima insimu wayilimela izinyoni,
Zase zimbonga zathi tshiyo! tshiyo!
Bhabha Magwaza,
Nkentenkente,
Olwakhela izintaba zase Nhlazatshe,
Kwaze kwaphuma abafazi bengabhincile,
Bathi ingabe lolu nkentenkente lwenzani,
Ndaba koMkhulu,
Ndabezitha!

Mbokazi

Izithakazelo zakwa-Mbokazi

Donda,
Nxele, Sontuli,
Lwandle aluwelwa,luwelwa zinkonjane,
Zona eziphapha phezul’emafini,
Phangela kobhongo, nakoqhoqhoqho,
Mlamulankunzi ngab’uziyekile, zabulalana,
Hlamukazi kaMdaka, umdaka usezintangeni,
Wen'owephul'umuth’uphekiwe endlini kaMantombase,
Wena kaPhangela, owaphangel’izinkomo zamadoda!

Mbeje | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mbeje

Mbatha,
Shandu kaNdaba,
Sontshikaze, Manyosi,
Gumbi lamagwala,
UShandu akangakanani,nasentendeni yesandla engahlala,
Nasothini lomkhonto uyenela,
Mthiya ngenkomo abafokazana bethiya ngamahlahla,
Shandu owalima insimu wayilimela izinyoni,
Zase zimbonga zathi tshiyo! tshiyo!
Bhabha Magwaza,
Nkentenkente,
Olwakhela izintaba zase Nhlazatshe,
Kwaze kwaphuma abafazi bengabhincile,
Bathi ingabe lolu nkentenkente lwenzani,
Ndaba koMkhulu,
Ndabezitha!

Mbambo | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mbambo

Goba,
Mdunge, Theneza,
Mageza ngobisi lwenhlunu abanye begeza ngamanzi,
Jangase!

Mayisela | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mayisela

Mhayise,
Jibhela, Mbonane,
Gasolo!

Mavundla | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mavundla

Bhembe,
Mwelase,
Wena kaSnakanaka kaNtendeni,
Owagedl'umhlanga wawushiyelela,
Nzima, Nhlanganiso,
Mthimude,
Wena wakwaGezamhlanga,
Thabekhulu!

Mavuso | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mavuso

Mavuso!
Ludonga, Mshengu, Shabalala!
Ncele, Magudulela!
Vuso kaNgwane!
Ncele lekhohlo lase Mzimkhulu.
Wena owadela ukubusa wakhetha ukuba ngumfokazana, ematsaktolo kaladlungwane,
iVuso eladla umuntu asesiswini kwathi lo ongaphandle wasinda ngokuzibalekela, Mthimkhulu!
Guliwe KaNgwane!

Mathonsi | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mathonsi

Dunga,
Madondo,
Mwelase,
Nkubel'ezihlengayo,
wena owela ngempambosi abanye bewela ngezibuko,
Tshana!

Mathunjwa | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mathunjwa

Mvubu,
Mkholo, Dukwane,
Masina, Khathide,
Khalishwayo!
Wena koNdandazi,
Wena Soshabeni,
Wena kalumbembekazi abalala baze bashwishwe ngomlenze!

Mathibela | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mathibela

Mathibela,
Msuthu!

Mathebula | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mathebula

Masina,
Mthombeni
Ngwenyama, 
Mkholo onsundu nezinyawo zakhe, 
Wena Ngubo yengonyama.

Mathenjwa | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mathenjwa

Mgabadeli,
Wena owagabadela inkundla kwaBulawayo,
Dumakude, Mageba,
Ndabezitha!

Mathe | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mathe

Ncanana,
Thenjwayo, Mfeyane,
Dlakude, Mgabadeli,
Mzilankatha!

Masina | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Masina

Mathebula,
Mfaz'omabele made ancelisa ngaphesheya komfula,
Mkholo!

Masinga | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Masinga

Shobane,
Ngonyama,
Mbokweni omhlophe ogibela igagasi,
Mangethe!

Mashiyane | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mashiyane

Sondaba,
Sontshibe,
Wena waseMthandeni.
Skhabe,
Wen’owakhab’inkosi ngonyawo akwaba `ndabazalutho,
Yavuka, kwaxolisa yona, yathi: “Phepha Sondaba!”!

Maseko | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Maseko

Ngcamane,
S'dwaba siluthuli,
Mdandulukwane,
Khubonye kaNdlovu,
Ndlovu ezidl'ekhaya ngokweswela abelusi,
Nina bakaKhabangobe kaMaphanga!

Mashinini | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mashinini

Cindi,
Mahlaba, Guliwe,
Bembe,
Ntozimandla ogawula amadoda ashiye abafazi,
Madindwa kaSigabela!

Masango | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Masango

Masango,
Vezi, Mvalane,
Wena owavala ngomkhonto emazibukweni,
Ntumbeza, Ntus'emhlophe,
Mdluli!

Maphumulo | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Maphumulo

Mashimane,
Doncabe, Zikode,
Zukuzela, Dubandlela,
Mgobode, Masiyane,
Cwalile!

Maphalala | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa Maphalala

Khoza,
Mtimande,
Mavuso, Msuthu,
BeSuthu BaseNkalanjana,
Abamaziny’ansansa,
AbaseMbathamkhonto njengobhedu,
Abehla ngesilulu,
Bathi: “Zibukuzana zani lezi na?”,
Kanti `zinqama,
Wena wakwaMehlwana,
Wena wakwaMlotha,
Wena wakwaNungwana,
Msuthu waseMawusweni!

Maphanga | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Maphanga

Mnguni,
Qwabe, Gumede,
Mnguni kaYeyeye,
Osidlabehlezi bakaKhondlo kaPhakathwayo,
Abathi bedla, babeyenga umuntu ngendaba
Abathi "dluya kubeyethwe",
Kanti bahlinza imbuzi,
Bathi umlobokazi ubeyethe kayikhuni,
Sidika lolodaba,
Phakathwayo!
Wena kaMalandela,
Ngokulandel' izinkomo zamadoda,
Amazala-nkosi lana!
Mpangazitha!

Manyoni | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Manyoni

Mlotshwa,
Mtuse, Choboza,
Mafuyanduna,
Msuthu,
Vaphi
Madebe!

Manzi | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Manzi

Nonkululeko,
Qomazitha, Nyokayebululu,
Nondiyamzimba,
Njinji!

Manana

Izithakazelo zakwa-Manana

Manana
Ntsingila
Ncusi,
Mbuyisa, Nkabinde,
Ndimande kaGama!

Nkosi

Izithakazelo zakwa-Nkosi

Ndlangamandla,
Mphazima, Mntungwa,
Mawandla kaNdlela,
Nina baseMandlovini,
Mlotshwa, Siwela,
Mphazima kaLanga,
Nina bakwaLanga libomvu, elashis'amabel'ezikhuthali,
Mabuya sezembethe'ugogwane,
Mlotshw’akangakanani, ngoba nasentendeni yesandl'uyahlala,
Wena owaphath'induk'emnyama washay'amanzi, kwavel'udaka,
Nkonjane yenkosi,
Mpangazitha!

Mamba

Izithakazelo zakwa-Mamba

Ndlangamandla,
Nkosi,
Mphazima, Mntungwa,
Mawandla kaNdlela,
Nina baseMandlovini,
Mlotshwa, Siwela,
Mphazima kaLanga,
Nina bakwaLanga libomvu, elashis'amabel'ezikhuthali,
Mabuya sezembethe'ugogwane,
Mlotshw’akangakanani, ngoba nasentendeni yesandl'uyahlala,
Wena owaphath'induk'emnyama washay'amanzi, kwavel'udaka,
Nkonjane yenkosi,
Mpangazitha!

Malunga

Izithakazelo zakwa-Malunga

Gatsheni,
Boya benyathi, obusonga busombuluka,
Mpongo kaZingelwayo,
Nina bakwaNdlovuzidl'ekhaya, ngokweswel'abelusi,
Zaze zeluswa intombi uDemazane,
Nina bakwaKhumbul’amagwala,
Nina bakwaDemazane Ntombazana,
Nina bakwaS’hlangu sihle,
Mthiyane,
Ngokuthiy'amadoda emazibukweni,
Nina bakwaMdubusi!