Izithakazelo
Msimango | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Msimango
Thabizolo,
Nonkosi, Mlotshwa,
Wena kaSengama umuntu ngejozi,
Wena owehla ngesilulu abafokazane behla ngezinyawo,
Pembe kaLokothwayo,
Ngelengele!
Msibi | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Msibi
Ndlondlo,
Mabuya, Guliwe
Ndlondl'eyadl'ubulongwe yalibala,
Siwela,
Gasa!
Msani | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Msani
Mtimamnde,
Kunene, Majoka,
Nxaba kaMbhekane owabhekana nokuhlupheka,
Madl'uvalo lwengonyama abanye bedl'olwenkomo,
Mthantathwa,
Mnguni wasOndini,
Wena kaNonqewu,
Wena kaMgobhozi,
Ntetha, Vangisa,
Mageza ngobisi abanye begeza ngamanzi,
Mvuna!
Mseleku | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mseleku
Duma,
Lwandle, Ntenga,
Mthombeni!
Msane | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Msane
Mtimamnde,
Kunene, Majoka,
Nxaba kaMbhekane owabhekana nokuhlupheka,
Madl'uvalo lwengonyama abanye bedl'olwenkomo,
Mthantathwa,
Mnguni wasOndini,
Wena kaNonqewu,
Wena kaMgobhozi,
Ntetha, Vangisa,
Mageza ngobisi abanye begeza ngamanzi,
Mvuna!
Mqadi | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mqadi
Mbuyisa,
Hlobose, Nobekela,
Sosingath'owasingath'ingwe nengonyama,
Nina enasuk'enhla nawela imfolozi emnyama nebomvu nithwel'imbewu ngophondo,
Jakaja!
Mpanza | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mpanza
Thabekhulu,
Sandanezwe, Nongalo,
Mavundla, Siwele,
Dubandlela, Soyikazi,
Mzingane,
Donda!
Mpofana | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mpofana
Ntombela,
Zulu!
Motha | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Motha
Mvulane,
Mnyamande,
Thwala!
Mntambo | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mntambo
Nhlangothi,
Mlondo, Vezi,
Nyong'eluhlaza enjengeyenyamazane,
Masilela, Jiyane,
Kweyama!
Mnomiya | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mnomiya
Dlaba,
Shukulas', Shezi,
Dludle,
Dludl'owadl'imihlambi yamadoda,
Wadl'izinkomo zamaNdebele,
Oyodl'ezikaDlaba uyoceba,
Dlab' akadleli phansi,
Udle' edlodlweni,
Abanye bedlela phansi,
Mavulane owavul' iNkandl'ivaliwe,
Mchube, Mlotshwa,
Wena kaLumbazo, kaZokufa,
Sigananda phum'eNkandla!
Mnisi | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mnisi
Mvuleni,
Nkophe zimayaka!
Mthombeni | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mthombeni
Ntenga,
Duma, Magagula,
Lwandle kaluwelwa luwelwa zinkonjane kuphela zona ezindiza phezulu,
Ngongolozi owaphekwa netshe,
Kwavuthwa lona kuqala,
Thabisa,
Mvenya!
Mtolo | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mtolo
Dlangamandla,
Mchenge!
Sokhulu | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Sokhulu
Zondo,
Mthiyane, Nqoboka,
Mnguni kaManekwane,
Skhangane esakhanga amadoda
Luvuno, Sokotshane
Mzwili!
Zondo | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Zondo
Mthiyane,
Sokhulu, Nqoboka,
Mnguni kaManekwane,
Skhangane esakhanga amadoda
Luvuno, Sokotshane
Mzwili!
Mthiyane | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mthiyane
Zondo,
Sokhulu, Nqoboka,
Mnguni kaManekwane,
Skhangane esakhanga amadoda
Luvuno, Sokotshane
Mzwili!
Mthabela | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mthabela
Mthabela,
Chibi,
Mabhedla,
Ntshazizwe
Mlotshwa, Mpangazitha,
Ngalonde,
Mkheshenga!
Mthembu | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mthembu
Mvelase,
Qhudeni Mvelase,
Owavel’eNyandeni yemikhonto yakwaMabaso,
Mvelase kaGuda,
Ongawadl’amathibani,
Angadl’amathibane indlala ngabe iwile,
Mnisi wemvula ilanga libalele,
Ngoz’ovel’eNyandeni,
Ngoza kaMkhubukeli, kaGazi,
Nina baseMlamlankunzi!
Mngwengwe | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mngwengwe
Zitha,
Mhlambo,
MaHlamb’amhlophe ngokuhlambuluka!
Mngomezulu | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mngomezulu
Dlakadla
Nkabanhle, Lubelo,
Nkaba yenkosi,
Maphakel'indoda edengeleni ilambile,
Mfiso, Malinga,
Mdluli,
Msuthu!
Mnguni | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mnguni
Qwabe,
Gumede,
Mnguni kaYeyeye,
Osidlabehlezi bakaKhondlo kaPhakathwayo,
Abathi bedla, babeyenga umuntu ngendaba
Abathi "dluya kubeyethwe",
Kanti bahlinza imbuzi,
Bathi umlobokazi ubeyethe kayikhuni,
Sidika lolodaba,
Phakathwayo!
Wena kaMalandela,
Ngokulandel' izinkomo zamadoda,
Amazala-nkosi lana!
Mpangazitha!
Mncwabe | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mncwabe
Mnguni,
Mpangazitha, Phakathi,
Sishangwe, Mjoji,
Makhathini!
Mlangeni | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mlangeni
Magasela,
Sishiya, Madondo,
Mdephane, Dlamani,
Sacolo,
Sidwaba siluthuli, singabancwaba seza nomlandakazi,
Linda!
Mlotshwa | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mlotshwa
Makhombothi,
Ntumbeza kaNtuzi,
Cabuzela onyawo zincane, ziingaba nkulu zifuz’ekhabonina,
Khambule,
Mzilankatha, Shezi,
Magidla!
Mlambo | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mlambo
Mdineka,
Sishange, Maphisa,
Gubhuza, Ndlanzi,
Mlambo omkhulu ongawelwa 'muntu,
Chibi!
Mkhonza | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mkhonza
Mhlungwane,
Phini Kalikhothwa,
Likhothwa ngokubhimbidela,
Malobisa!
Mlaba | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mlaba
Ximba,
Mabhoyi, Nodlela,
Mbewumbili, abanye bamhlophe abanye babomvana,
Nina enacaba isicaba ngokucazelana,
Msuthu!
Nxumalo | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Nxumalo
Zwide kaLanga,
Ndwandwe, Mkhatshwa,
Okhabangezinde nezimaqhukubezana,
Nkabanhle,
Wena wase Gudunkomo,
Wena owasezikhotheni, ezingakhothi ngamlomo, ezikhotha ngomkhonto kaZulu,
Nkomo ayihlatshwa , uyothi ungayihlaba yophe amasi njengo mbhelebhele,
Sandla sivikumkhonto njengehawu,
Hlubi,
Sandl' esimnene,
Somaphunga,
Nonkokhel'abantu bahlatshwe njenge zinkomo!
Mkhatshwa | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mkhatshwa
Zwide kaLanga,
Ndwandwe, Nxumalo,
Okhabangezinde nezimaqhukubezana,
Nkabanhle,
Wena wase Gudunkomo,
Wena owasezikhotheni, ezingakhothi ngamlomo, ezikhotha ngomkhonto kaZulu,
Nkomo ayihlatshwa , uyothi ungayihlaba yophe amasi njengo mbhelebhele,
Sandla sivikumkhonto njengehawu,
Hlubi,
Sandla simnene,
Somaphunga,
Nonkokhel'abantu bahlatshwe njenge zinkomo!
Mkhabela | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mkhabela
Dlomo,
Dinangwe,
Bhelesi, Khweba,
Malala nomunwe endunu,
Avuke ancinde akhwife eMpumalanga,
Abuye ancinde akhwife eNtshonalanga,
Sikhaba esingangenkomo!
Mkhaliphi | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mkhaliphi
Mphephethwa,
Vilakazi, Jili,
Binda!
Miya | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Miya
Gcwanini,
Sbewu, Munja,
Mabhingcel'ehlangeni amany'amadod'ebhingcel'ezindlini,
Skhaban'esakhab'uvezi ngezinyawo,
Sjekula,Msilak'phepha,
Salakulandelw'esilandelwa 'zintombi kuphela,
Genu, Gogela,
Sonkosi,
Zizi!
Mhlanga | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mhlanga
Mhlanga,
Nkomkhabayo,
Swazi,
Mabhena,
Sikhosane,
Gwacela,
Mbili,
Khabako!
Mhlungu | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mhlungu
Mthiya,
Masingasilele, Mwelase,
Nina eningaweli ngezibuko eniwela ngezimpambosi zomfula,
Ngwane!
Mgobhozi | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mgobhozi
Mahlobo,
Qwabe,
Khondlo,
Mnguni kaYeyeye
Mpangazitha, Mgobhozi, Shoshakade kakhaba,
Mbayise kaMngoma, Sdinane wena owadina abakwa khuzwayo,
Hlobo luhle olunoboya!
Mhlaba | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mhlaba
Mangethe,
Zwane!
Mlondo | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mlondo
Maphahla,
Mgenge,
Dungandaba!
Mgenge | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mgenge
Maphahla,
Mlondo,
Dungandaba!
Mfeka | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mfeka
Mnguni,
Mzimela,
Jiji, Mbizeni,
Ntaka, Sheleza,
Lwandle aluwelwa luwelwa 'zinkonjane ngoba zona zindiza phezulu,
Nzungane!
Mfusi | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mfusi
Mthiyane,
Mfusi wamaphahla,
Mthiyane,
Vundisa!
Mdunge | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mdunge
Chiliza,
Mwelase, Mbambo,
Makhathini!
Mdluli | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mdluli
Lukhele
Nyoka, Sikhangisa,
Nzimande,
Bhekiswayo!
Mdladla | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mdladla
Thumbela,
Mwelase!
Mdletshe | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mdletshe
Ngomane,
Msindazwe,
Mfuyi wamatshe abanye befuya izinkomo,
Mfusi kaMawewe,
Wena waseZisayini,
Mnomo!
Mcoyi | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mcoyi
Mnguni,
Qwabe,
Mnguni kaYeyeye,
Osidlabehlezi bakaKhondlo kaPhakathwayo,
Abathi bedla, babeyenga umuntu ngendaba
Abathi "dluya kubeyethwe",
Kanti bahlinza imbuzi,
Bathi umlobokazi ubeyethe kayikhuni,
Sidika lolodaba,
Phakathwayo!
Wena kaMalandela,
Ngokulandel' izinkomo zamadoda,
Amazala-nkosi lana!
Mpangazitha!
Mbuli | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mbuli
Mbuli,
Mngunikazi,
Lindisa,
Makhunga,
Ndlolothi edliwayo njenga mabele,
Mlawula,
Wena Kamtobheyane,
Makhathakhatha,
Muthimunye!
Mbuyisa | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mbuyisa
Gqagqazela,
Mlotshwa, Mbuyazi,
Mchusi wasendlunkulu,
Nhlamv'azimshayi ziyamthantalaza,
Mbonambi,
Dube!
Mbongwa | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mbongwa
Mbuyisa,
Makhubo!
Mbonambi | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mbonambi
Mabhodla,
Mbuyazi,
Ngiba kaMananga,
Wena owaya ngaphesheya kwezilwandle wabona abantu abazindlebe zikhany'ilanga,
Mabuya nomuntu abuye nenkunzi,
Ndunakazi!
Shandu | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Shandu
Mbatha,
Shandu kaNdaba,
Sontshikaze, Manyosi,
Gumbi lamagwala,
UShandu akangakanani,nasentendeni yesandla engahlala,
Nasothini lomkhonto uyenela,
Mthiya ngenkomo abafokazana bethiya ngamahlahla,
Shandu owalima insimu wayilimela izinyoni,
Zase zimbonga zathi tshiyo! tshiyo!
Bhabha Magwaza,
Nkentenkente,
Olwakhela izintaba zase Nhlazatshe,
Kwaze kwaphuma abafazi bengabhincile,
Bathi ingabe lolu nkentenkente lwenzani,
Ndaba koMkhulu,
Ndabezitha!
Mbokazi
Izithakazelo zakwa-Mbokazi
Donda,
Nxele, Sontuli,
Lwandle aluwelwa,luwelwa zinkonjane,
Zona eziphapha phezul’emafini,
Phangela kobhongo, nakoqhoqhoqho,
Mlamulankunzi ngab’uziyekile, zabulalana,
Hlamukazi kaMdaka, umdaka usezintangeni,
Wen'owephul'umuth’uphekiwe endlini kaMantombase,
Wena kaPhangela, owaphangel’izinkomo zamadoda!
Mbeje | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mbeje
Mbatha,
Shandu kaNdaba,
Sontshikaze, Manyosi,
Gumbi lamagwala,
UShandu akangakanani,nasentendeni yesandla engahlala,
Nasothini lomkhonto uyenela,
Mthiya ngenkomo abafokazana bethiya ngamahlahla,
Shandu owalima insimu wayilimela izinyoni,
Zase zimbonga zathi tshiyo! tshiyo!
Bhabha Magwaza,
Nkentenkente,
Olwakhela izintaba zase Nhlazatshe,
Kwaze kwaphuma abafazi bengabhincile,
Bathi ingabe lolu nkentenkente lwenzani,
Ndaba koMkhulu,
Ndabezitha!
Mbambo | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mbambo
Goba,
Mdunge, Theneza,
Mageza ngobisi lwenhlunu abanye begeza ngamanzi,
Jangase!
Mayisela | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mayisela
Mhayise,
Jibhela, Mbonane,
Gasolo!
Mavundla | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mavundla
Bhembe,
Mwelase,
Wena kaSnakanaka kaNtendeni,
Owagedl'umhlanga wawushiyelela,
Nzima, Nhlanganiso,
Mthimude,
Wena wakwaGezamhlanga,
Thabekhulu!
Mavuso | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mavuso
Mavuso!
Ludonga, Mshengu, Shabalala!
Ncele, Magudulela!
Vuso kaNgwane!
Ncele lekhohlo lase Mzimkhulu.
Wena owadela ukubusa wakhetha ukuba ngumfokazana, ematsaktolo kaladlungwane,
iVuso eladla umuntu asesiswini kwathi lo ongaphandle wasinda ngokuzibalekela, Mthimkhulu!
Guliwe KaNgwane!
Mathonsi | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mathonsi
Dunga,
Madondo,
Mwelase,
Nkubel'ezihlengayo,
wena owela ngempambosi abanye bewela ngezibuko,
Tshana!
Mathunjwa | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mathunjwa
Mvubu,
Mkholo, Dukwane,
Masina, Khathide,
Khalishwayo!
Wena koNdandazi,
Wena Soshabeni,
Wena kalumbembekazi abalala baze bashwishwe ngomlenze!
Mathibela | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mathibela
Mathibela,
Msuthu!
Mathebula | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mathebula
Masina,
Mthombeni
Ngwenyama,
Mkholo onsundu nezinyawo zakhe,
Wena Ngubo yengonyama.
Mathenjwa | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mathenjwa
Mgabadeli,
Wena owagabadela inkundla kwaBulawayo,
Dumakude, Mageba,
Ndabezitha!
Mathe | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mathe
Ncanana,
Thenjwayo, Mfeyane,
Dlakude, Mgabadeli,
Mzilankatha!
Masina | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Masina
Mathebula,
Mfaz'omabele made ancelisa ngaphesheya komfula,
Mkholo!
Masinga | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Masinga
Shobane,
Ngonyama,
Mbokweni omhlophe ogibela igagasi,
Mangethe!
Mashiyane | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mashiyane
Sondaba,
Sontshibe,
Wena waseMthandeni.
Skhabe,
Wen’owakhab’inkosi ngonyawo akwaba `ndabazalutho,
Yavuka, kwaxolisa yona, yathi: “Phepha Sondaba!”!
Maseko | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Maseko
Ngcamane,
S'dwaba siluthuli,
Mdandulukwane,
Khubonye kaNdlovu,
Ndlovu ezidl'ekhaya ngokweswela abelusi,
Nina bakaKhabangobe kaMaphanga!
Mashinini | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Mashinini
Cindi,
Mahlaba, Guliwe,
Bembe,
Ntozimandla ogawula amadoda ashiye abafazi,
Madindwa kaSigabela!
Masango | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Masango
Masango,
Vezi, Mvalane,
Wena owavala ngomkhonto emazibukweni,
Ntumbeza, Ntus'emhlophe,
Mdluli!
Maphumulo | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Maphumulo
Mashimane,
Doncabe, Zikode,
Zukuzela, Dubandlela,
Mgobode, Masiyane,
Cwalile!
Maphalala | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa Maphalala
Khoza,
Mtimande,
Mavuso, Msuthu,
BeSuthu BaseNkalanjana,
Abamaziny’ansansa,
AbaseMbathamkhonto njengobhedu,
Abehla ngesilulu,
Bathi: “Zibukuzana zani lezi na?”,
Kanti `zinqama,
Wena wakwaMehlwana,
Wena wakwaMlotha,
Wena wakwaNungwana,
Msuthu waseMawusweni!
Maphanga | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Maphanga
Mnguni,
Qwabe, Gumede,
Mnguni kaYeyeye,
Osidlabehlezi bakaKhondlo kaPhakathwayo,
Abathi bedla, babeyenga umuntu ngendaba
Abathi "dluya kubeyethwe",
Kanti bahlinza imbuzi,
Bathi umlobokazi ubeyethe kayikhuni,
Sidika lolodaba,
Phakathwayo!
Wena kaMalandela,
Ngokulandel' izinkomo zamadoda,
Amazala-nkosi lana!
Mpangazitha!
Manyoni | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Manyoni
Mlotshwa,
Mtuse, Choboza,
Mafuyanduna,
Msuthu,
Vaphi
Madebe!
Manzi | Izithakazelo
Izithakazelo zakwa-Manzi
Nonkululeko,
Qomazitha, Nyokayebululu,
Nondiyamzimba,
Njinji!
Manana
Izithakazelo zakwa-Manana
Manana
Ntsingila
Ncusi,
Mbuyisa, Nkabinde,
Ndimande kaGama!
Nkosi
Izithakazelo zakwa-Nkosi
Ndlangamandla,
Mphazima, Mntungwa,
Mawandla kaNdlela,
Nina baseMandlovini,
Mlotshwa, Siwela,
Mphazima kaLanga,
Nina bakwaLanga libomvu, elashis'amabel'ezikhuthali,
Mabuya sezembethe'ugogwane,
Mlotshw’akangakanani, ngoba nasentendeni yesandl'uyahlala,
Wena owaphath'induk'emnyama washay'amanzi, kwavel'udaka,
Nkonjane yenkosi,
Mpangazitha!
Mamba
Izithakazelo zakwa-Mamba
Ndlangamandla,
Nkosi,
Mphazima, Mntungwa,
Mawandla kaNdlela,
Nina baseMandlovini,
Mlotshwa, Siwela,
Mphazima kaLanga,
Nina bakwaLanga libomvu, elashis'amabel'ezikhuthali,
Mabuya sezembethe'ugogwane,
Mlotshw’akangakanani, ngoba nasentendeni yesandl'uyahlala,
Wena owaphath'induk'emnyama washay'amanzi, kwavel'udaka,
Nkonjane yenkosi,
Mpangazitha!
Malunga
Izithakazelo zakwa-Malunga
Gatsheni,
Boya benyathi, obusonga busombuluka,
Mpongo kaZingelwayo,
Nina bakwaNdlovuzidl'ekhaya, ngokweswel'abelusi,
Zaze zeluswa intombi uDemazane,
Nina bakwaKhumbul’amagwala,
Nina bakwaDemazane Ntombazana,
Nina bakwaS’hlangu sihle,
Mthiyane,
Ngokuthiy'amadoda emazibukweni,
Nina bakwaMdubusi!
Newer Posts
Older Posts
Home
Subscribe to:
Posts (Atom)