Mbokazi

Izithakazelo zakwa-Mbokazi

Donda,
Nxele, Sontuli,
Lwandle aluwelwa,luwelwa zinkonjane,
Zona eziphapha phezul’emafini,
Phangela kobhongo, nakoqhoqhoqho,
Mlamulankunzi ngab’uziyekile, zabulalana,
Hlamukazi kaMdaka, umdaka usezintangeni,
Wen'owephul'umuth’uphekiwe endlini kaMantombase,
Wena kaPhangela, owaphangel’izinkomo zamadoda!

1 comment:

  1. then that mean izithakazelo zakwaMbokazi azifani.. ngoban thina sithi..

    mbokazi, nyoni elihlaza

    ReplyDelete