Msane | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Msane

Mtimamnde,
Kunene, Majoka,
Nxaba kaMbhekane owabhekana nokuhlupheka,
Madl'uvalo lwengonyama abanye bedl'olwenkomo,
Mthantathwa,
Mnguni wasOndini,
Wena kaNonqewu,
Wena kaMgobhozi,
Ntetha, Vangisa,
Mageza ngobisi abanye begeza ngamanzi,
Mvuna!

1 comment:

  1. Oh Wow Msane is related to Mbambo? Mmmm interesting! Omageza bonke :-)

    ReplyDelete