Hadebe

Izithakazelo zakwa-Hadebe

Bhungane,
Bhungane kaNsele,
Zikode, Gob’izembe,
Makhulukhulu, Mehlomakhulu,
Umkhulu Bhungane,
Ziyengane eziyeng’umuntu, zimyenga ngendaba,
Mthimkhulu,
Mashiya amahle, amade anjengawenyamazane,
Mafuz'afulele njengelifu lemvula,
S'goloza esimehlo abomvu esibheka umuntu kube sengathi siyamujamela,
Ndlubu zamil’ebubini, ngoba zesab’ukwehlela,
Ingab’emhlabeni zesabani?
Nina enindlebe zikhanya ilanga,
Nina enindlebe zinhle zombili,
Nina bosiba olude olungakhothami endlwaneni kodwa kwezinde luyakhothama,
Nina bomagawula imithi emincane emikhulu ivele iziwele,
Mahlubi amahle,
Nina maHlubi anzipho zimnyama ngokuqhwayana,
Mashwabadela owashwabadela inkomo kanye nezimpondo zayo,
Ngelengele!

5 comments:

  1. kwaluhle kwamnandi, ngivumelana nawe Jeffrey asikho bakhulu kunoMdali... siyabonga Mageba
    Siphesihle Hadebe

    ReplyDelete
  2. ukuthi zikuphatha kanjani izthakazelo zakithi inkinga yakho akufi muntu ngalokho,isthakazelo nje kuphela nibahle nonke MANGELENGELE

    ReplyDelete
  3. Mangelengele amahle! Ndlubu ezamila kahle zakhetha ihhovisi elikhulu elingsngenwa yinoma ubani. Ngnithanda nonke Mabhungane. Sam.

    ReplyDelete
  4. MaHlubi amahle,,,,Makhulukhulu,,,aibo ngyaphela lapho.engikthandayo ngani ukuthi navela eZulwini impela u Nkulunkulu unani.

    ReplyDelete
  5. Makhulukhulu!! Kunjalo nje Ngelengele. Izithakazelo azishintshwa. Sizamukela njengoba zinjalo nje ngoba singagcina singasazazi kwathina imvelaphi yethu. Phambili maBhungane amahle!

    ReplyDelete