Mthethwa

Izithakazelo zakwa-Mthethwa

Dingiswayo,
Nyambose,
Magaga onsibansiba,
Mfolozi emnyama inketha baweli nabawelayo bayayiqokelela,
Nina bakanhlamba kangicelani ngoba angiceli lutho lomuntu,
Wena okalugagane oluhlabangaphi ngoba phela lumhlaba ngale,
Thulisa kuyozwakala,
Nkonyane yenkosi,
Hlangalezwe,
Nina baka Xaba kaMadangu,
KaNkomo enenekazi,izothandandana nayiphi na?
Izothandana neyakithi Eyengweni,
Khubaze, Jobe kaKhali,
Magezang'obisi lwenhlu abanye begeza ngamanzi,
Amabekankosi,
Nzimezimnyama,
Nina bakaGeza kaJakada,
Maphoswa kubusa,
Nina basezansi,
Mazila Mbolwane!

2 comments:

  1. acctually besngazaz zonke bt nw we know

    ReplyDelete
  2. Wow kungsizile ukungena Lana kuningi ebengingakwaz like uMthethwa noMbambo bahlobene tjooooo aksenani coz I wasn't know anything mmmmmmm ngyazisa baThethwa

    ReplyDelete