Hlongwane

Izithakazelo zakwa-Hlongwane

Ngwane,
Masumpa,
Masenga sileka,
Nduku Zinobulongwe,
Zikhali ezingalingani nezamaxhegwana,
Nina bakaSangweni elingawelwa abafokazana liwelwa izinkonjane zasemaNgwaneni,
Sang'elibanzi elingavulwa abantukazana ngoba livalwe ngezihlangu zamadoda,
Nina bakaMatiwane,
Abaqhobosha ithole elintanga zimashumi,
Ligwalagwala lakithi elimadolo abomvu!

1 comment:

  1. Inkosi yakithi uMatiwane eyanqunywa ikhanda ngamabutho akwaZulu entabeni namhlanje okuthiwa iMatiwane Skop.

    ReplyDelete