Izaga

Ngezansi izaga nezincazelo zazo.
IsagaIncazelo
Abantu abayi ngandawonye bengemanzi∼Abantu abavumelani bonke ngento eyodwa.
Akukho ndlovu yasindwa umboko wayo∼Akekho umuntu ohlulwa umthwalo wakhe.
Akukho thusi lathetha lilodwa∼Akekho umuntu onganengwa engaqalwanga.
Akukho zinyane lemboma ladliwa yingwenya kwacweba isiziba∼Uma uzwise omunye umuntu ubuhlungu noma umbulale, ngeke ukuthole ukuphumula abakubo nabangani bakhe bazomphindiselela.
Akuqhude lasindwa umzwezwe∼Akekho umuntu ohlulwa umthwalo wakhe.
Akuvelwa kanyekanye kungemadlebe embongolo∼Abantu abaphumeleli kanyekanye.
Amathanga ahlanzela abangenamabhodwe∼Izinto ezinhle ziya kwabangazidingi noma kwabangakwazi ukuzisebenzisa ngendlela okuyiyo.
Ayikho inkomo yobuthongo∼Impumelelo iyasetshenzelwa.
Bahlangene phezulu kanti phansi bangamahele∼Benza sengathi bayezwana futhi akukho okungangena phakathi kwabo kanti bahubhuza amanga.
Enethunga kayisengeli phansi∼Umnini wento akahlupheki ikhona.
Engakhali ifela embelekweni∼Uma ungazibiki, ukhulume ngenkinga yakho ngeke ubonakale futhi ngeke uzwakale.
Ibhizela labulala indlovu∼Umuntu uyalinyazwa nayinto yena athi ayilutho.
Ikhiwane elihle ligcwala izibungu∼Into enhle ngaphandle ijwayele ukuba nobubi ngaphakathi.
Ilelo nalelo nkankane aliyodla umsundu wangakubo∼Ilowo nalowo muntu kumele ayozizamela ngakubo.
Imiphanda ibulawa izakhelani∼Abantu abakhelene noma abangabangani abajwayele ukulimaza abantu.
Impi isesendeni∼Kuxabele abantu abazalanayo, bandoda nye.
Induku enhle igawulwa ezizweni∼Intombi noma umakoti omuhle umthola kude noma ekuhambeni.
Ingwe idla ngamabala∼Umuntu uzenza yena ukuthi athandeke ngezenzo nangemisebenzi yakhe.
Inja yawaqeda ngolimi∼Kancane kancane koze kulunge.
Inkomo ingazala umuntu∼Ngeke kwenzeke lokho.
Inkonjane iwele enkundleni∼Umuntu oliqili ubhajwe ebuqilini bakhe.
Inkonjane yakhela ngodaka∼Umuntu owenza okuhle kumele abekezele ngisho kunzima angalilahli ithemba.
Intendele ibindwe isidwa∼Ukuhlakanipha kuphelele ezeni.
Intendele iwel'enkundleni∼Inhlanhla izizele.
Into yomuntu umhluzi wempisi∼Ungabothembela entweni yomuntu noma yokwebolekwa.
Inxeba lendoda alihlekwa∼Ungabomhleka umuntu uma esenkingeni noma evelelwa okubi ngoba kusasa kungawe.
Iqaqa alizizwa ukunuka∼Umuntu akasiboni isici noma ububi bakhe.
Isalakutshelwa sibona ngomopho∼Umuntu ongalaleli iziyalo, noma ekhuzwa ubona ngomphumela omubi noma oyingozi.
Isilo siyawafinyeza amazipho∼Umuntu onamandla noma ohlakaniphile ngeke umthole ehamba ezikhukhumeza ngalawomandla nenhlakanipho yakhe.
Kazi iyozala nkomoni∼Kazi kuyokwenzakalani noma umphumela uyoba njani.
Kubambene ingwe nengonyama∼Kuxabene noma kubhekene abantu abanamandla alinganayo.
Lapho kukhona isidumbu ilapho kukhona amanqe∼Uma umuntu esenkingeni ilapho abantu abasizakala khona ngaye.
Libheke uligcine∼Osongela omunye ngokumbulala.
Lixhoshwa libhekile∼Iphutha lenzeka noma uqaphele.
Nalapho kungekho qhude kuyasa∼akusho ukuthi lowo ozigqajayo uma eke wahamba kokwenziwayo kuyokuma izinto, kuyohamba kahle ngisho engasekho.
Siyoze sihlangane okhalweni lwezimpungushe∼Usongo, siyoze sitholane la esiyodelisana khona, ngokulwa imvamisa.
Sobohla Manyosi∼Uyophela umbuso.
Ukhamba lufuze imbiza∼Ingane ifuze umzali wayo.
Umenzi uyakhohlwa kodwa umenziwa akakhohlwa∼Umuntu osuke enze okubi komunye uyashesha ukukhohlwa kodwa lo osuke enziwe okubi akakhohlwa neze.
Umkhumiso usulingene izintondolo∼Okusele sekulingene abanikazi bakho.
Umthente uhlaba usamila∼Isimilo noma ithalente lomuntu livela esesemncane.
Ungakhulumi ngobhejane kungekho sihlahla eduze∼Ungazifaki enkingeni kungenasidingo nasisombululo.
Ungayishayi ingede ngoju∼Uma wenzelwe okuhle kumele ubonge.
Usifumbu ubona uqhaqhazela∼Ubona isici somunye kodwa nawe ube unesakho.
Yinkukhu nempaka∼Ubutha obukhulu lapho abantu bezondelana ukubulalana.
Yimpi yakwamabon'abulawe∼Umuntu oyingozi owesatshwa njengenyoka.


Ezinye izaga zizokwengezwa kulezi ezingenhla ngokuhamba kwezinsuku, uqhubeke ubheke.

3 comments:

  1. Ngiyaqala ukuyibona leblog kodwa sengivele ngathatheka yiyo, ukube nginamandla ngabe ngiyaniseka kodwa-ke nami ngithi ngihamba nani, into enhle iyanconywa qhubekelani phambili nomsebenzi wenu omuhle sime njalo isiZulu sakithi.

    ReplyDelete
  2. kwakuhle lokho mtakwethu. we are so proud, our language is still alive and kicking. qhubeka ngomsebenzi omuhle..........

    ReplyDelete
  3. Nami ngiyaseka impela kodwa ngizozama ukusiza lapho nalapho. Ngiyasithanda isiZulu.

    ReplyDelete