Khanyile

Izithakazelo zakwa-Khanyile

Sothole,
S'tshopo,othi udl'inkomo kanti udl'impisi,
Umashaya umuntu aphindele lapho aphuma khona,
Odl'isinkwa esinothotho,
Mahamba kancane Sogodi,
Phondo olukhulu elavuma kwavuma amadoda,
Shalashala elihle elithukuvuma ukulandula,
Ntunjwa kaLanga,
Mthiyane,
Ndwandwe,
Zikode, Mabhuqa,
Ngwane,
ULanga ongenandlebe angaba nendlebe weza nonina,
Inhliziyo eyasala ezaleni kwasa bayicosha ngakusasa!

3 comments:

  1. Mwelase ongaweli ngazibuko owela ngezimpambosi somfula. mtungwa, Bangela KaBhilibane.

    ReplyDelete
  2. Oh.........Ngwane. O Ndimndwan odlimnkantsha uvelaphi yena ngoba naye ekhona kuzithakazelo zakwa Khanyile?

    ReplyDelete
  3. Ngempela kuya ngezindlu. O Ndimndwan'odlimnkantsha bona abakuphi . Ngoba nabo bayafakwa uma bethakazela u Khanyile . Kakhulu ngapha ko Ladysmith?

    ReplyDelete