Khumalo | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Khumalo

Mntungwa,
Mbulaz'omnyama,
Nina bakaBhej' eseNgome,
Nin' enadl'umuntu nimyenga ngendaba,
Nin' enadl' izimf'ezimbili ikhambi laphuma lilinye,
Lobengula kaMzilikazi,
Mzilikazi kaMashobana,
Shobana noGasa kaZikode,
Zikode kaMkhatshwa,
Okhatshwe ngezind' izinyawo nangezimfushanyana,
UMkhatshwa wawoZimangele,
UNyama yentini yawoZimangele
Mabaso owabas' entabeni kwadliwa ilanga lishona,
BaNtungw' abancwaba,
Zindlovu ezibantu,
Zindlovu ezimacocombela,
Nin' abakwaMawela owawel' iZambezi ngezikhali,
Nin' abakwaNkomo zavul' inqaba,
Zavul' inqaba ngezimpondo kwelaseNgome zahamba,
Nin' enalukudl' umlenze kwaBulawayo,
Mantungwa Aluhlaza,
Mantungwa Amahle,
Bantwana benkosi,
Nin' abakwaNtokela,
Inkubele abayihlabe ngamanxeba,
Abakhule ngezinyawo ezimfishanyana nezimaqhukulwana,
Inyang' abathe beth' ifil' uZulu kanti isiyetheswe,
Yetheswe ngoNyakana kaMpeyana,
UBando abalubande balushiy' uZulu,
UNtshwintshwintshwi kaNoyanda noNdaba,
UNkone evele ngobus' emdibini,
Maqhaw' amakhulu!




Khumalo clan names, Khumalo clan praises, izithakazelo zakwa Khumalo , mntungwa clan names, mntungwa clan praises, Khumalo clan history, Khumalo clan

No comments:

Post a Comment