Mkhize | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mkhize

Gcwabe,
Khabazela,kaMavovo kaZihlandla,
Gubhela,
Mumbo omnhlophe,
Wena waseMbo,
Wena okhanya amasi esiswini,
singela,
Nhlama eyaphelel' etsheni,
Ngunezi,
Mumbo ombulazi,
Nina enadla umuntu nimyenga ngendaba,
Sibi side esimajembelezana,
Sibi side esimaphandla esaphandl'abeNguni bavungama,
Nina bengwaz' emabhudle,
Eth' isabhudla yabuye yaphinda yabhudla
Malala amahle,
Nin' enalala nomunwe,
Navuka nakhwif'ilanga.
Nzalo kaSambela,
Nina bakaSidaphudaphu ngokubadaphunela,
Nzalo kaLuzalo!

2 comments:

  1. Nam ngzalwa khona bakwethu nakuba saphambaniselwa isibongo sethu ehome affair ngenxa yokngafundi komkhulu bethu kodwa amakhize onke ngyawathanda syigaz elilodwa sngabasembo sonke

    ReplyDelete
  2. Loving the Mkhize Pride.....boGubhela

    ReplyDelete