Amagama Amqondofana

Amagama amqondofana angamagama anikeza umqondo ofanayo, noma anencazelo efanayo, asho into eyodwa.
amanzi ∼ amadambi
casuka ∼ dinwa
hlomula ∼ zuza
igceke ∼ ibala
igwala ∼ ivaka
ikhala ∼ impumulo
indlela ∼ inyathuko
indlu ∼ inkatheko
indoda ∼ injeza
inja ∼ ingcanga
iso ∼ iqaphelo
isu ∼ icebo
phuza ∼ natha
ubhozo ∼ uqukula
ukudla ∼ ukumaya
ukuhlangana ∼ ukunqwamana
umbani ∼ umphazimo
umfana ∼ umkhapheyana
vimba ∼ nqanda
uvalo ∼ itwetwe

*Amanye amagama amqondofana azokwengeziwa kulawa angenhla ngokuhamba kwezinsuku, uqhubeke ubheke.

Izinyanga Zonyaka Ngolimi LwesiZulu

Izinyanga zonyaka ngezansi zibhalwe ngendlela esijwayele ukuzibiza ngayo ngolimi lwesiZulu nangesiZulu soqobo.
InyangaNgesiZulu
Januwari (January)Masingana
Febhuwari (February)Nhlolanja
Mashi (March)Ndasa
Eph'reli (April)Mbasa
Meyi (May)Nhlaba
Juni (June)Nhlangulana
Julayi (July)Ntulikazi
Agasti (August)Ncwaba
Seph'themba (September)Mandulo
Ok'thoba (October)Mfumfu
Novemba (November)Lwezi
Disemba (December)Zibandlela

Izaga

Ngezansi izaga nezincazelo zazo.
IsagaIncazelo
Abantu abayi ngandawonye bengemanzi∼Abantu abavumelani bonke ngento eyodwa.
Akukho ndlovu yasindwa umboko wayo∼Akekho umuntu ohlulwa umthwalo wakhe.
Akukho thusi lathetha lilodwa∼Akekho umuntu onganengwa engaqalwanga.
Akukho zinyane lemboma ladliwa yingwenya kwacweba isiziba∼Uma uzwise omunye umuntu ubuhlungu noma umbulale, ngeke ukuthole ukuphumula abakubo nabangani bakhe bazomphindiselela.
Akuqhude lasindwa umzwezwe∼Akekho umuntu ohlulwa umthwalo wakhe.
Akuvelwa kanyekanye kungemadlebe embongolo∼Abantu abaphumeleli kanyekanye.
Amathanga ahlanzela abangenamabhodwe∼Izinto ezinhle ziya kwabangazidingi noma kwabangakwazi ukuzisebenzisa ngendlela okuyiyo.
Ayikho inkomo yobuthongo∼Impumelelo iyasetshenzelwa.
Bahlangene phezulu kanti phansi bangamahele∼Benza sengathi bayezwana futhi akukho okungangena phakathi kwabo kanti bahubhuza amanga.
Enethunga kayisengeli phansi∼Umnini wento akahlupheki ikhona.
Engakhali ifela embelekweni∼Uma ungazibiki, ukhulume ngenkinga yakho ngeke ubonakale futhi ngeke uzwakale.
Ibhizela labulala indlovu∼Umuntu uyalinyazwa nayinto yena athi ayilutho.
Ikhiwane elihle ligcwala izibungu∼Into enhle ngaphandle ijwayele ukuba nobubi ngaphakathi.
Ilelo nalelo nkankane aliyodla umsundu wangakubo∼Ilowo nalowo muntu kumele ayozizamela ngakubo.
Imiphanda ibulawa izakhelani∼Abantu abakhelene noma abangabangani abajwayele ukulimaza abantu.
Impi isesendeni∼Kuxabele abantu abazalanayo, bandoda nye.
Induku enhle igawulwa ezizweni∼Intombi noma umakoti omuhle umthola kude noma ekuhambeni.
Ingwe idla ngamabala∼Umuntu uzenza yena ukuthi athandeke ngezenzo nangemisebenzi yakhe.
Inja yawaqeda ngolimi∼Kancane kancane koze kulunge.
Inkomo ingazala umuntu∼Ngeke kwenzeke lokho.
Inkonjane iwele enkundleni∼Umuntu oliqili ubhajwe ebuqilini bakhe.
Inkonjane yakhela ngodaka∼Umuntu owenza okuhle kumele abekezele ngisho kunzima angalilahli ithemba.
Intendele ibindwe isidwa∼Ukuhlakanipha kuphelele ezeni.
Intendele iwel'enkundleni∼Inhlanhla izizele.
Into yomuntu umhluzi wempisi∼Ungabothembela entweni yomuntu noma yokwebolekwa.
Inxeba lendoda alihlekwa∼Ungabomhleka umuntu uma esenkingeni noma evelelwa okubi ngoba kusasa kungawe.
Iqaqa alizizwa ukunuka∼Umuntu akasiboni isici noma ububi bakhe.
Isalakutshelwa sibona ngomopho∼Umuntu ongalaleli iziyalo, noma ekhuzwa ubona ngomphumela omubi noma oyingozi.
Isilo siyawafinyeza amazipho∼Umuntu onamandla noma ohlakaniphile ngeke umthole ehamba ezikhukhumeza ngalawomandla nenhlakanipho yakhe.
Kazi iyozala nkomoni∼Kazi kuyokwenzakalani noma umphumela uyoba njani.
Kubambene ingwe nengonyama∼Kuxabene noma kubhekene abantu abanamandla alinganayo.
Lapho kukhona isidumbu ilapho kukhona amanqe∼Uma umuntu esenkingeni ilapho abantu abasizakala khona ngaye.
Libheke uligcine∼Osongela omunye ngokumbulala.
Lixhoshwa libhekile∼Iphutha lenzeka noma uqaphele.
Nalapho kungekho qhude kuyasa∼akusho ukuthi lowo ozigqajayo uma eke wahamba kokwenziwayo kuyokuma izinto, kuyohamba kahle ngisho engasekho.
Siyoze sihlangane okhalweni lwezimpungushe∼Usongo, siyoze sitholane la esiyodelisana khona, ngokulwa imvamisa.
Sobohla Manyosi∼Uyophela umbuso.
Ukhamba lufuze imbiza∼Ingane ifuze umzali wayo.
Umenzi uyakhohlwa kodwa umenziwa akakhohlwa∼Umuntu osuke enze okubi komunye uyashesha ukukhohlwa kodwa lo osuke enziwe okubi akakhohlwa neze.
Umkhumiso usulingene izintondolo∼Okusele sekulingene abanikazi bakho.
Umthente uhlaba usamila∼Isimilo noma ithalente lomuntu livela esesemncane.
Ungakhulumi ngobhejane kungekho sihlahla eduze∼Ungazifaki enkingeni kungenasidingo nasisombululo.
Ungayishayi ingede ngoju∼Uma wenzelwe okuhle kumele ubonge.
Usifumbu ubona uqhaqhazela∼Ubona isici somunye kodwa nawe ube unesakho.
Yinkukhu nempaka∼Ubutha obukhulu lapho abantu bezondelana ukubulalana.
Yimpi yakwamabon'abulawe∼Umuntu oyingozi owesatshwa njengenyoka.


Ezinye izaga zizokwengezwa kulezi ezingenhla ngokuhamba kwezinsuku, uqhubeke ubheke.

Shezi

Izithakazelo zakwa-Shezi

Dlaba,
Shukulas', Mnomiya,
Dludle,
Dludl'owadl'imihlambi yamadoda,
Wadl'izinkomo zamaNdebele,
Oyodl'ezikaDlaba uyoceba,
Dlab' akadleli phansi,
Udle' edlodlweni,
Abanye bedlela phansi,
Mavulane owavul' iNkandl'ivaliwe,
Mchube, Mlotshwa,
Wena kaLumbazo, kaZokufa,
Sigananda phum'eNkandla!

Mahlangu

Izithakazelo zakwa-Mahlangu

Nyongwana,
Mabhoko, Mbili,
Phetha!

Mahlalela

Izithakazelo zakwa-Mahlalela

Maziya,
Mcanco,
Singena ngubo siyathuthumela!

Izithakazelo | Mahlobo

Izithakazelo zakwa-Mahlobo

Sokhela
Mphangazitha!
Bomvula, Maqhoboza
Dlukula,Thiyela,
Mashiy' amahle, Nzuza, Mshazi,
Shomela kaMgijima!
Wanakana Wasala kaMlezane
Umvem'ocalyo ezihlambanen' zakwaMcikiza
Umagwazishum' umagwaz' ubekelele
Wena owahlab' iso lesilo ngomuso wahlab' elengonyama!

Mahlinza

Izithakazelo zakwa-Mahlinza

Jiyane,
Zosongo, Mkhathini,
Mkomo, Magolwane,
Nonzwenzwe wamanzi,
Malunguza kuvele inyama,
Mgwalini!

Makhathini

Izithakazelo zakwa-Makhathini

Xabhashe,
Donda wasEnkweleni,
Khuhla phansi njenge khowandlovu,
Ntulikabongwa ubonga yena uzona umlomo,
Wena owashaya phansi kwavela abantu nezinkomo,
Sonkophe,
Sombizi!

Makhanya

Izithakazelo zakwa-Makhanya

Gumede,
Wena kaMalandela kaluzumana,
Phakathwayo kaKhondlo kaMncinci,
Osidlabehlezi kaPhakathwayo
Abathi bedlumuntu bemyenga ngendaba,
Bethi dluya kubeyethwe umakoti ubeyethe kabukhuni,
Wena owabuza intaba ngabomu wathi ntabani leya?
Zaphendula icathalala zathi "uNgoye Gumede,uNgoye Phakathwayo",
Wena waseMthandeni ezweni loju nezinyosi,
Mpangazitha ozikhangayo,
Mnguni kaYeyeye,
Khondlo, Khuzwayo,
Wena kaNjakaba kaSophana,
Meseni kaMusi ,
Mkhayiphe kaGodolozi!

Maluleka

Izithakazelo zakwa-Maluleka

Maluleka,
Thomoyi!

Malinga

Izithakazelo zakwa-Malinga

Mlotshwa,
Vunisa, Gumakhulu,
Zindela!

Makhunga

Izithakazelo zakwa-Makhunga

Makhunga,
Phethela!

Zungu

Izithakazelo zakwa-Zungu

Gwabini,
Manzini, Geda,
Ncwane, ngankomo yaseMahenyeni,
Nyama kayishi, isha ngababhebhezeli,
Wena owaphuma ngenoni emgodini,
Sengwayo!

Manzini

Izithakazelo zakwa-Manzini

Gwabini,
Zungu, Geda,
Ncwane, ngankomo yaseMahenyeni,
Nyama kayishi, isha ngababhebhezeli,
Wena owaphuma ngenoni emgodini,
Sengwayo!

Makhoba

Izithakazelo zakwa-Makhoba

Gwabini,
Hamashe,
Manzini, Geda,
Ncwane, ngankomo yaseMahenyeni,
Nyama kayishi, isha ngababhebhezeli,
Wena owaphuma ngenoni emgodini,
Sengwayo!

Makhaye

Izithakazelo zakwa-Makhaye

Shombela,
Mancincizela, Mdeke,
Nyawokhulu!

Zuma

Izithakazelo zakwa-Zuma

Nxamalala,
Mdlovu,
Mafahleni,
Nina baka Lugaju kaMatomela KaShisa,
Mashingizela ashiye impi yakhe,
Dwala elibushelelezi,
Maphum'ephethe inyama ngala, amasi ngapha nobukhosi amasi ngapha nobukhosi phambili!

Zulu

Izithakazelo zakwa-Zulu

Ndabezitha,
Zulu kaMalandela ngokulandela izinkomo zamadoda,
Zulu omnyama ondlela zimhlophe,
Wena kaPhunga noMageba,
Wena kaMjokwane kaNdaba,
Wena wenkayishana kaMenzi eyaphuza umlaza ngameva,
S'thuli sikaNdaba,
S'thuli sikaNkombane,
Wena kasihhawuhhawu siyinkondlo bayikhuzile ngoba ikhuzwe abaphansi nabaphezulu,
Wena kanogwaja omuhle ngomlenze,
Wena kaMbambelashoba,
Ndabezitha!

Zondi

Izithakazelo zakwa-Zondi

Nondaba,
Gagashe,
Mancinza,
Nhlab'shile Luqa,
Bhambatha,
uMancinza intombi yabuyela esokeni!

Ziqubu

Izithakazelo zakwa-Ziqubu

Khathini,
Biyase,
Ngonyama yenduna,
Luphondo!

Sikhakhane

Izithakazelo zakwa-Sikhakhane

Mboma kaMqhele,
Mathula,
Nzimase,
Sdwaba esinembobo,
Wena sango elingezantsi,lapho besa khona imilomo,
Wena owangena nesikhuni emanzini sivutha, waphuma naso sivutha,
Wena kaMboma os'hlahla samila edwaleni,
Wena kaSoqhafuza, umlung'odla izinkobe,
Wena nyoka eyacaca emthini ingenazinyawo,
Inkomo esengelwa emeveni ngoba wayisengela ethungeni iyalikhahlela,
Wena okhishwa ngenoni emgodini,
Wena ophatha amakhosi uma esedukuzela,
Wena owahlabana ngokwehlula izinyanga nezanuse,
Wasuka lapho waxhoshiswa ngokaSenzangakhona, ngezinkomo zekhethelo,
Wakhushulwa, awabanankosi, ngoba inkosi yakho kunguNodumehlezi kaMenzi,
Mboma,wena wase Nkandla!

Xulu

Izithakazelo zakwa-Xulu

Makhathini,
Xabhashe,
Donda wasEnkweleni,
Khuhla phansi njenge khowandlovu,
Ntulikabongwa ubonga yena uzona umlomo,
Wena owashaya phansi kwavela abantu nezinkomo,
Sonkophe,
Sombizi!

Sibiya

Izithakazelo zakwa-Sibiya

Ndaba,
Gumede
Sibiya ngenkomo, abafokazana bebiya ngamahlahla,
Nina bakwankom'isengelwa emaweni,
Ingasengelw'esibayeni akuyon'eyakhona.
Gumede kaNdaba,umanyelela njengentombi iy'esokeni,
Mkhananda owafinyelela kubalondolozi,
Wemuka noGodokazi way'eMfolozi.
UHhiya kwabanani,
Okwaphwekwa esendlini,
Kwaze kwephulwa esendlini,engazange afe ukufudumala,
Mgxebe!
Khathi!
Nina bakaSotobe kaMpangalala!

Shange

Izithakazelo zakwa-Shange

Dumakude,
Mdima,
S'bhodla bakhothe umlomo abafokazane,
Mfazi omabelemade,
Oncelisa ingane ngaphesheya komfula,
Wena ogeza ngensipho kapondo,
Mathanga abushelelezi angenangqwayimane,
Phangandawo,
Nojoma,
Owaduma ngomlenze abanye beduma ngensonyama!

Qwabe | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Qwabe

Gumede,
Wena kaMalandela kaluzumana,
Phakathwayo kaKhondlo kaMncinci,
Osidlabehlezi kaPhakathwayo
Abathi bedlumuntu bemyenga ngendaba,
Bethi dluya kubeyethwe umakoti ubeyethe kabukhuni,
Wena owabuza intaba ngabomu wathi ntabani leya?
Zaphendula icathalala zathi "uNgoye Gumede,uNgoye Phakathwayo",
Wena waseMthandeni ezweni loju nezinyosi,
Mpangazitha ozikhangayo,
Mnguni kaYeyeye,
Khondlo,
Wena kaNjakaba kaSophana,
Meseni kaMusi ,
Mkhayiphe kaGodolozi!

Nzuza

Izithakazelo zakwa-Nzuza

Mahlobo,
Mshazi,
Debelimdaka, Bomvula,
Wena owahlaba iso lesilo ngomuso wahlaba elengonyama,
Nozishada kaMaqhoboza,
Owaqhoboza izinkomo zamadoda,
Umajiya kaDiniZulu kaMsuthu,
Mudli!

Ntuli

Izithakazelo zakwa-Ntuli

Godide,
Mphemba,
Ndlela kaSompisi,
Sothole,
Gudukazi uyiNcwayo,
Khuboni,
Sompisi owaphemba ngamakhand'amadoda,
Abanye bephemba ngomlilo,
Nina base Lenge,
Enabonakala ngefu lezintuli,
Kwabe kunguSompisi kaGuqa, kaMasalela,
Mazimuzimu enidla'abantu,
Mgwabini wemikhonto,
Umahlatshwa ebuhleni njengethole,
Umagaju njengengwe,
Inhlangu eyeqa iphindaphinda,
Umanxeba angamanxuluma,
Kwasa bemhlaba uGwabini, waphika,
Lang'elaphum'endlebeni yendlovu,
Nyaka wumbe,
Lophum' endlebeni yengwenya,
Unonjiyelwa,
Kulala uhlangothi lubomvu,
Ugodo olumuka namankayiya,
Langa!

Nzama

Izithakazelo zakwa-Nzama

Wosiyane,
Gcugcwa,
Mashiza, Dingila,
Mkhandi wensimbi,
Nina enidume ngokugcagca insimbi amanye amakhosi edume ngesithembu,
Wena owawela ngelibanzi kwasala izindondo zacoshwa abafokazane,
Nina bakwamfazi kashaywa ngemvubu kodwa ushaywa ngombhombolo wesidwaba,
Zukula kaNombhoco,
Gcugcwa kaNcameni,
Ncameni kaNozaca,
Nina baseNtendeni!

Nkomo

Izithakazelo zakwa-Nkomo

Yengwayo,
Mageza, Lajani,
Vezi, Phaphe,
Mahlabezula,
Nkundlande!

Ngwane

Izithakazelo zakwa-Ngwane

Sangweni,
Zikhali,
Masumpa,Ndungunde,
Masengasileke,
Hlongwane,
Ndukuzinobulongwe, Mntungwa,
Nina enibahle njengezihlabathi zolwandle,
Siyane,
Mnqobokazi,
Songobese!

Ngidi

Izithakazelo zakwa-Ngidi

Hlomuka,
Bophela,Busane
Fuyane, Mazinga,
Mlalazi kaNoxhaka,
Laka lathengwa ngembuzi,
Imbuzi kwakungeyempongo,
Wena bhaka laseMakhasi,
Wena nyoka zakhwela emthini zingenanyawo,
Wena nkomo zehla ngelengiso estikini,
Wen'okandunu mabukwa yombili abasezitheni nabasekhaya,
Dlokwe lendlovu,
Jiji Mankononkono,
Geza ngenhla abafokazana begeza ngezansi,
Mnguni!

Ngubane

Izithakazelo zakwa-Ngubane

Mbomvu,
Somahhashi
Nyoniyezwe
Nomafu,Myaluza,
Ngcukumane,
Zikode elimhlophe,
Matomela,
Nzombane,Ngogozabantu,
Nomasikisiki,nyon'esindwa isisila sayo,
Ndoda kaNyamazane,
KaSodlelezi esadl'amabele amhlophe sawashiya nenkehlane,
Ngcingcw'ephuza kwezid'iziziba,
Uma ingaphuza kwezimfushane umlomo ungabuya nodaka,
Vathu oluphezulu ngoba oluphansi olwabafokazane,
Nina baseMabovini okwakhala inkomo kwakhala imbuzi kwasha imizi,
Nomaphikwane!!!

Ngema

Izithakazelo zakwa-Ngema

Mngadi,
Madlokovu,
Ntusi yenkomo,
Nene,
Wena nasentendeni yesandla uyanela,
Muji,
Sthenjwa,
Madlokov'esengweni,
Sabel'uyabizw eNkonjeni ubizwa abamhlophe ukuzokhuluma ngomhlabathi wakini kaMalandela,
Sthuli sasengweni!

Ngema clan, Ngema izithakazelo, Ngema clan names - tags

Nene

Izithakazelo zakwa-Nene

Sthenjwa,
Vezi ,
Nqoyi, Mngadi,
Ngema,Madlokovu,
wena waseNgweni,
Ntusi yenkomo,
Goda elimnyama elihamba libahila amanqina namaqakala,
wena wasemfule,
Sithuli sasengweni esingasho lutho kumuntu,
Mathanga akahlangani ahlangana uma ebona umyeni,
Mashiya amahle ngathi azoshumayela,
Madlokovu kangakanani ngoba nasentendeni yesandla uyanela!

Ngcobo

Izithakazelo zakwa-Ngcobo

Mapholoba,
Nyuswa,
Fuze, Mavela,
Mafuz'afulele njengefu lemvula,
Mashiya amahle ngath azoshumayela,
Dambuza, Mthabathe,
Mabhala ngozipho abanye bebhala ngepensela,
Malal'efake umunwe endunu,
Avuke ekuseni awuncinde akhombe ilanga,
Mavulankungu kuvel'ilanga,
Sididane,
Ngongoma,
Maqadi amakhulu,
Mbili!

Ndwandwe

Izithakazelo zakwa-Ndwandwe

Zwide kaLanga,
Mkhatshwa,
Okhabangezinde nezimaqhukubezana,
Nkabanhle,
Wena wase Gudunkomo,
Wena owasezikhotheni, ezingakhothi ngamlomo, ezikhotha ngomkhonto kaZulu,
Nkomo ayihlatshwa , uyothi ungayihlaba yophe amasi njengo mbhelebhele,
Sandla sivikumkhonto njengehawu,
Hlubi,
Sandla simnene,
Somaphunga,
Nonkokhel'abantu bahlatshwe njenge zinkomo!

Ndlovu | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Ndlovu

Gatsheni,
Boya benyathi, obusonga busombuluka,
Mpongo kaZingelwayo,
Nina bakwaNdlovuzidl'ekhaya, ngokweswel'abelusi,
Zaze zeluswa intombi uDemazane,
Nina bakwaKhumbul’amagwala,
Nina bakwaDemazane Ntombazana,
Nina bakwaS’hlangu sihle,
Mthiyane,
Ngokuthiy'amadoda emazibukweni,
Nina bakwaMdubusi!




Ndlovu clan names, Ndlovu clan praises, izithakazelo zakwa Ndlovu, gatsheni clan names, gatsheni clan praises, Ndlovu boyabenyathi, Ndlovu clan history, Ndlovu clan

Mtimande

Izithakazelo zakwa-Mtimande

Madonsela,
Lubambo lunye,
Zingaba mbil’ufuz’ekhabonina,
Masango makhulu nawabantu nawezinkomo,
Nina bakwa Malambule,
Okwathi uMalambule ebanga noMswazi nathi, "Malambule phambili!"

Mtshali

Izithakazelo zakwa-Mtshali

Hlabangan'elimhlophe okwezihlabathi zolwandle,
Wena owangena nesikhuni emanzini sivutha waphuma sivutha futhi.
Magalel'agase njengengonyama,
Matshing'angacoshi kucosh'abafokazane,
Khondlo!

Mthimkhulu

Izithakazelo zakwa-Mthimkhulu

Hadebe,
Bhungane,
Wena owamila edlukwini lapho okungamilwa khona,
Mashiya amahle,
Mashiya amahle njenge nyamazane,
Mashwabada,
Wena owashwabadela inkomo ne'mpondo,
Yathi mayifika emphinjweni yadlamalala,
Umkhulu Bhungane!

Mthethwa

Izithakazelo zakwa-Mthethwa

Dingiswayo,
Nyambose,
Magaga onsibansiba,
Mfolozi emnyama inketha baweli nabawelayo bayayiqokelela,
Nina bakanhlamba kangicelani ngoba angiceli lutho lomuntu,
Wena okalugagane oluhlabangaphi ngoba phela lumhlaba ngale,
Thulisa kuyozwakala,
Nkonyane yenkosi,
Hlangalezwe,
Nina baka Xaba kaMadangu,
KaNkomo enenekazi,izothandandana nayiphi na?
Izothandana neyakithi Eyengweni,
Khubaze, Jobe kaKhali,
Magezang'obisi lwenhlu abanye begeza ngamanzi,
Amabekankosi,
Nzimezimnyama,
Nina bakaGeza kaJakada,
Maphoswa kubusa,
Nina basezansi,
Mazila Mbolwane!

Msweli

Izithakazelo zakwa-Msweli

Nxele,
Muthwa,Seme,
Snono, Dingiswayo,
Zikode,
Nongalo waseMashobeni,
Dlovunga,
Sgubhu somkhonto,
Lond'elihle elingawadli amahlali,
Mpindela,
Mpisela yakoNgonyama eyadela umkhonto yathatha izembe ngoba lingumasheshisa,
Wena mageza ngegolide kube kuphuza abafokazane ngeaznsi,
Xasibe, Nxasana,
Mpande!

Msomi

Izithakazelo zakwa-Msomi

Msomi!
Gasa,
Thabelo,
Nyawose,
Phingoshe,
Mangamahle,
Nomndayi,
Singila,
Hlombe,
Meyiwa omalala ngokulala bavuka bakhomba ilanga,
Nina enehla ngomzungulu wasala wabola,
Nina bakwa gcogcobala,
Amakhosi amakhulu asezilozini ezibuka umuntu engathi ziyamjamela,
Abakanyoni ezimnyama ezimaphik'abomvu!

Mpungose

Izithakazelo zakwa-Mpungose

Khuba,
Tetemane,
Wena wephahla elinhlokonhle,
Gawozi,
Sgquma ndawonye njengengulube,
Mnukwa,
Phungul'uyasindwa,
Nyoni esindwa sisila sayo,
Slwane,
Wena wendlov'enamandla abayishaya baze bayishiya amasende bethi ifile kanti iyaphila,
Yaqhubeka yabandisa abantu,
Mabhala ngozipho abanye bebhala ngosiba,
Magadlela,
Somvumasi!

Msezane

Izithakazelo zakwa-Msezane

Mashoba,
Vezi ngokuvez'amanzi,
Wena owaphuma'esiqwini somganu kwaphuz'abafo nabafokazane,
Ntumbese kaPhothela,
Nina besandla esibuyekeyekana,
Skhuba abandi abathekeli,
Nina eningathekeli nto yamuntu,
Nkomo kazephusi zisengwa ubusika nehlobo,
Mgidi kaNgonyama wena ,taba emil'umhlanga,
Nina bentab' mile ekhanyisel'eNingizimu,
Evimbil'eNyakatho,
Mashob'ezithole!

Mnyandu

Izithakazelo zakwa-Mnyandu

Gedeza,
Nongalaza,
Nondelamzimba, ewudelel'abezizwe,
Bhobholumtshingo KaPhenyana,
Buthela, Mlimandlela,
Thangameza, Bomphankomo,
Mpangazitha!

Mnqayi

Izithakazelo zakwa-Mnqayi

Mashiya,
Catheya,
Mkhweli wentabend'engakhwelwa mfazi,
Nyon'emnyam'enjengamandongonyo,
Nsele ka Lindamkhonto,
Nhlabathi,
Mgwalantshani wena owagwalantshela emabeleni omfazi!

Mngoma

Izithakazelo zakwa-Mngoma

Ceng'elihle elintamonde,
Mabhala obhala ngozipho abanye bebhala ngepensela,
Bozini,
Khongisa,
Dodoza,
Makhiwane,
Khala lembube elikhany'entabeni zokhahlamba,
Ntamonde ingaba mfisha yeza nonina,
Ukholokholo isibongo esingabongwa ngabaLandakazane,
Amalala alala nomunwe emuva avuke ancinde akhomb'izulu kwafiphal'ilanga,
Babuz'abakhunkuli bathi ubhula ngani abanye bebhula ngamathambo!

Mngadi

Izithakazelo zakwa-Mngadi

Ngema,
Madlokovu,
Ntusi yenkomo,
Nene,
Wena nasentendeni yesandla uyanela,
Muji,
Sthenjwa,
Madlokov'esengweni,
Sabel'uyabizw eNkonjeni ubizwa abamhlophe ukuzokhuluma ngomhlabathi wakini kaMalandela,
Sthuli sasengweni!

Mncube

Izithakazelo zakwa-Mncube

Khambule,
Mzilankatha,
Inkatha kayingen'endlini,
Yangena kubola izinkaba zabantwana,
Nina bakaNkomo zilal'uwaca,
Ezamadojeyana zilal'amankengana,
Mlotshwa,
Malandel'ilanga umaliyoshon'emaNcubeni,
Mpangazitha, Magasolo,
Nina basebuhlen'obungangcakazi,
Abadl'embeleni wenkomo kungafanele,
Kwakufanel'udliwe ngabalandakazi,
Nina bakaDambuza Mthabathe,
Nina basemaNcubeni enabalekel'uShaka naziphons'emfuleni,
Kwakhuz'abantu benifihla,
naphenduk' abakaKhambule,
Nafik' eSwazini naphenduk'uNkambule,
Msuthu,
Mncube onsundu ngezinyawo zakho,
Wen'oyithath'iNkosi uyibek'enhlabelweni,
Nina baseSilutshana,
Nin'enakhelana noMbunda,
Nina bakaMaweni,
Nzimande,
Mncaphayi, Shezi,
Malangatsha!

Mkhize | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mkhize

Gcwabe,
Khabazela,kaMavovo kaZihlandla,
Gubhela,
Mumbo omnhlophe,
Wena waseMbo,
Wena okhanya amasi esiswini,
singela,
Nhlama eyaphelel' etsheni,
Ngunezi,
Mumbo ombulazi,
Nina enadla umuntu nimyenga ngendaba,
Sibi side esimajembelezana,
Sibi side esimaphandla esaphandl'abeNguni bavungama,
Nina bengwaz' emabhudle,
Eth' isabhudla yabuye yaphinda yabhudla
Malala amahle,
Nin' enalala nomunwe,
Navuka nakhwif'ilanga.
Nzalo kaSambela,
Nina bakaSidaphudaphu ngokubadaphunela,
Nzalo kaLuzalo!

Mkhwanazi

Izithakazelo zakwa-Mkhwanazi

Spheshu,
Madubandlela,
Somlomoti,Sodilakazi,
Nkwaliyenkosi,
Ndonga,Shamase,
Mwelase,Sontuli,
Somkhele,Lele,
Khowa,Mayanda,
Dlebhu wabeSwazi,
wena owagula wamis'intamo,
Mashukumbeya, Mthendeleka,
Mtubatuba wena owawulobolela amadoda,
Wena owathenga istimela,
Ninemali nina Bakhwanazi,
Veyane,
Mpandeyamadoda,
Mpande ayiphikiswa oyiphikisayo uyazithwala,
Gwagwa liyagwagwa umbane wezulu,
Owaciba ngomkhonto eSikhwebesini kwapheph'inkosi yamaNtungwa,
Owasingath'ihwahwa kodwa wangaledlulisel'mlonyeni,
Mgidla, Lomafu,
Nkwenkwezi,
Sikhumba kaMthethwa kaMantewane,
Gagisa!

Mhlongo

Izithakazelo zakwa-Mhlongo

Makhedama,
Soyengwase,
Nina bakaBhebhe kaMthendeka,
Nina bakaSoqubele onjengegundane,
Nina baseSiweni,
KwaMpuku yakwaMselemusi,
KwaNogwence webaya,
Dlomo weNdl'ende,
Sihlangu samavaka seswel'ababhemu,
Wen'owalala nomunw'endunu, wavuka wawuncinda wawukhomb'ilanga,
Makhul'emini abafokazana bekhul'ebusuku,
Zingwazi zempi yakwaNdunu,
Njoman'eyaduk'iminyakanyaka,
Yatholakal'onyakeni wesine,
Yabuye yatholakala ngowesikhombisa,
Langeni,
Owavel'elangeni!

Memela

Izithakazelo zakwa-Memela

Gambu,
Msuthu,
Ntethe,
Mathamahle,
Sikhakha simantwenguntwengu ngokudliwa yinundu,
Ngwekazi kaLanga,
Nontuli!

Mdlalose

Izithakazelo zakwa-Mdlalose

Nyanda wephandla,
Khwenta,
Madlula,
Mgabashe
Bhudukuziwisa,
Phangakufa,
Dikane,
Wena wephahla elinhloko-nhle,
Sphungulo say'Ongoye,
Magutshwa laph'engefekhona,
Wena kanhlangothi zibomvu amanxeba,
Wena webhaca elithanda impi ngoba ladla uDayi kaSkhova!

Mchunu

Izithakazelo zakwa-Mchunu

Macingwane,
Yeyesa,
Phakade,
Mnguni wena wase Ngonyameni,
Jama kaSilwane
Wena kaNogida ngobambo ezinye izintombi zigida ngomshayelo!

Mbatha

Izithakazelo zakwa-Mbatha

Ndabezitha,
Shandu kaNdaba,
Sontshikaze,
Gumbi lamagwala,
UShandu akangakanani,nasentendeni yesandla engahlala,
Nasothini lomkhonto uyenela,
Mthiya ngenkomo abafokazana bethiya ngamahlahla,
Shandu owalima insimu wayilimela izinyoni,
Zase zimbonga zathi tshiyo! tshiyo!
Bhabha Magwaza,
Nkentenkente,
Olwakhela izintaba zase Nhlazatshe,
Kwaze kwaphuma abafazi bengabhincile,
Bathi ingabe lolu nkentenkente lwenzani,
Ndaba koMkhulu,
Ndabezitha!

Mbhele

Izithakazelo zakwa-Mbhele

Godide,
Mphemba,
Ntuli,
Ndlela kaSompisi,
Sothole,
Gudukazi uyiNcwayo,
Khuboni,
Sompisi owaphemba ngamakhand'amadoda,
Abanye bephemba ngomlilo,
Nina base Lenge,
Enabonakala ngefu lezintuli,
Kwabe kunguSompisi kaGuqa, kaMasalela,
Mazimuzimu enidla'abantu,
Mgwabini wemikhonto,
Umahlatshwa ebuhleni njengethole,
Umagaju njengengwe,
Inhlangu eyeqa iphindaphinda,
Umanxeba angamanxuluma,
Kwasa bemhlaba uGwabini, waphika,
Lang'elaphum'endlebeni yendlovu,
Nyaka wumbe,
Lophum' endlebeni yengwenya,
Unonjiyelwa,
Kulala uhlangothi lubomvu,
Ugodo olumuka namankayiya,
Langa!

Mbanjwa

Izithakazelo zakwa-Mbanjwa

Sokhela,
Nyon'emyama,
Eyabizwa ngekhwela yasabela yathi tshiyo,
Gqabela kavezi,
Wena ozalisa abafazi baliwe amadoda abo,
Mzukuzeli ulwandle aluwelwa luwelwa zinkonjane ezindizela phezulu,
Mpazela,
Sisho wena nkanyezi yezulu,
Mzekwa,
Galaza,
Magujwa,
Dindela!

Mazibuko

Izithakazelo zakwa-Mazibuko

Khondlo,
Mwelase,Nzima,
Wena owangena nesikhuni emanzini waphuma naso sivutha,
Wena ongaweli ngezibuko,owela ngezihlangu zamadoda,
S`gawuli semithi emide nemifushane,
Mgabhamafu ohamba ubugwathugwathu emafini,
Nzimalamase ngobulandakazi,
Obuhlasehlase ithambo elagedla ezintabeni,
Okwathiwa ngoba nakhu esevula izibuko lokuwela kwathiwa nguMwelase,
Hlathikhulu,
Manzezulu, Phuthini,
Khuhlase kaMgabhi!

Mathaba

Izithakazelo zakwa-Mathaba

Mcambi,
Mbuyazi!

Masuku

Izithakazelo zakwa-Masuku

Ndwandwe,
Zisongo,
Mkhatshwa,
Zwide kaLanga,
Nhlane,
Mthondo wethusi uyacwebezela,
Thunda bathole abafokazane,
Snqamu sobhedu,
Maphanjwa!
Mgano owamila emini ebusuku wawohloka,
Wena owaguda inkomo nethole layo,
Sihlahla esingahlalwa zinyoni,
Zwide KaLanga.

Masondo

Izithakazelo zakwa-Masondo

Nyambose,
Mthethwa,
Dingiswayo,
Donga dilika,
Mathangana amahle afanele ukwenziwa,
Nina enalandela amasondo ezinyamazane,
Nina eniphuza amanzi emichachazweni!

Manqele

Izithakazelo zakwa-Manqele

Duyaza omhlophe njengezihlabathi zolwandle,
Mthonga weNdlovu,
Mpangazitha oziphangayo,
Mtholo,
Mahloko,
Diza kaMatoto,
Mkhawulez'ukuwela,
Mlotshwa,
Mahloko,
Phakathi kaMhawana,
Sgagu,
Khethankomo,
Mfolozi emnyama inkethabaweli,
Sthanda,
Mnkonyeni,
Wena wembange,
Wembangalala kankomo elala kalukhuni,
Mkhutshana kaSodondo kaNcungu,
Thanga limndindi,
Limndindinini ngokwethekela,
Wena ndlwana ezimbana zikaSomnguni ezimahlikihlikana,
Mkhatshwa,
Nxumalo!

Majola

Izithakazelo zakwa-Majola

Mchunu,
Macingwane,
Ngqulunga,
Nyanda yemkhonto,
Ndabezitha,
Phakade,
Yeyesa,
Ndlela zabedluli nabaGodusi,
Sobiya ngomthongwana abafokazana bebiya ngamahlahla,
Mabonw'abulawe!

Majozi

Izithakazelo zakwa-Majozi

Mqamu,
Mabelemade wena owancelisa ingane ngaphesheya komfula,
Gwanyana,
Mbhuli,
Mabhulangwe wena owabhula izingwe wabhula izingonyama,
Ngoza Lukhozi,
Maphiliphili mbheka phansi onjengesambane!

Mahlaba

Izithakazelo zakwa-Mahlaba

Mbunjwa,
Nsukuza, Shengele,
Cindi!

Mahaye

Izithakazelo zakwa-Mahaye

Nodange,
Ntombela,
Ntanzi!

Magwaza

Izithakazelo zakwa-Magwaza

Yengwayo,
Njinji,
Mabhulu,
Wen'okajika khothama,
Gidizela wena waMantando,
Manqondo!

Magubane

Izithakazelo zakwa-Magubane

Nkomose,
Dibanto, Jiyane,
Thole, Sothole
Snquma, Didiza,
Mzilankatha Ndlandla,
Nhlun'emhlophe egezwa ngobisi
Ithi ingaba bomvu kube eyomlandakazi,
Malinga owalinga amatshe aba zintaba,
Msenganduna namathokazi!

Magagula

Izithakazelo zakwa-Magagula

Mthombeni,
tshwala-minyela,
gojela,
bahlali linda,
mkhonto,
dunjwane,
mzilanhlizinyo
Msuthu!

Mafulela

Izithakazelo zakwa-Mafulela

Mafobo,
Ndondakusuka,
Ngwane!

Maduna

Izithakazelo zakwa-Maduna

Mdlalose,
Nyanda wephahla!

Maduma

Izithakazelo zakwa-Maduma

Maduma,
Mthiyane!

Madonsela

Izithakazelo zakwa-Madonsela

Mtimande,
Lubambo lunye,
zingaba mbil’ufuz’ekhabonina,
Masango makhulu nawabantu nawezinkomo,
Nina bakwa Malambule,
Okwathi uMalambule ebanga noMswazi nathi, "Malambule phambili!"

Madondo

Izithakazelo zakwa-Madondo

Mnquhe,
Wena waseQhudeni,
Zikode kaNgaba,
Mwelase,
Mpukane kaMgedeza,
Wena ongawudli umbele odliwa abalandakazi,
Wena ongaweli ngezimpambosi, owela ngezibuko!

Madela

Izithakazelo zakwa-Madela

Longode,
Ndaba, Gqigqqi,
Jange kaHhoyiyane,
Wena kaNzamela!

Madlala

Izithakazelo zakwa-Madlala

Sishi,
Mpumuza,
Hlokohloko, Bhengu,
Khabalidaka,
Nodlomo!

Made

Izithakazelo zakwa-Made

Zimbu,
Ngwane,
Zimase, Mkhandela
Ngalonde!

Machi

Izithakazelo zakwa-Machi

Goba,
Lawu, Lisela,
Ndenza, Mbonwa,
Mbusi kaJolwayo!

Mabuza

Izithakazelo zakwa-Mabuza

Ludonga,
Sidwaba siluthuli,
Mshengu!

Mabuyakhulu

Izithakazelo zakwa-Mabuyakhulu

Ndiyema,
Mlando kawulandwa,
Mdotshana!

Mabuya

Izithakazelo zakwa-Mabuya

Msibi,
Ndlondlo, Ngwenya,
Mntimande!

Mabizela

Izithakazelo zakwa-Mabizela

Mshengu,
Shabalala,
Ndimande!

Mabaso

Izithakazelo zakwa-Mabaso

Mntungwa,
Mbulaz'omnyama,
Nina bakaBhej' eseNgome,
Nin' enadl'umuntu nimyenga ngendaba,
Nin' enadl' izimf'ezimbili ikhambi laphuma lilinye,
Lobengula kaMzilikazi,
Mzilikazi kaMashobana,
Shobana noGasa kaZikode,
Zikode kaMkhatshwa,
Okhatshwe ngezind' izinyawo nangezimfushanyana,
UMkhatshwa wawoZimangele,
UNyama yentini yawoZimangele
Mabaso owabas' entabeni kwadliwa ilanga lishona,
BaNtungw' abancwaba,
Zindlovu ezibantu,
Zindlovu ezimacocombela,
Nin' abakwaMawela owawel' iZambezi ngezikhali,
Nin' abakwaNkomo zavul' inqaba,
Zavul' inqaba ngezimpondo kwelaseNgome zahamba,
Nin' enalukudl' umlenze kwaBulawayo,
Mantungwa Aluhlaza,
Mantungwa Amahle,
Bantwana benkosi,
Nin' abakwaNtokela,
Inkubele abayihlabe ngamanxeba,
Abakhule ngezinyawo ezimfishanyana nezimaqhukulwana,
Inyang' abathe beth' ifil' uZulu kanti isiyetheswe,
Yetheswe ngoNyakana kaMpeyana,
UBando abalubande balushiy' uZulu,
UNtshwintshwintshwi kaNoyanda noNdaba,
UNkone evele ngobus' emdibini,
Ndabezitha!
Maqhaw' amakhulu!

Mabanga

Izithakazelo zakwa-Mabanga

Gumede,
Dlodlo,Langa,
Mthiyane,
Mpangazitha!

Luvuno

Izithakazelo zakwa-Luvuno

Malembe,
Mthiyane, Cebisa,
Dladlami, Makhaza, Mlotshwa,
Ndawonde, Jele, Nhlapo,
Khabela, Mchwechwe
Madlamalala!

Luthuli

Izithakazelo zakwa-Luthuli

Mshibe,
Madlanduna,
Abadl'insikazi belambile,
Ngoze ngikwenze owangenza khona,
Nina eningawadl'amasi ningawanikiwe,
Nesab'amas'ehla ngendololwane,
Nina bakwaMashiza,
Ndlwan'enhle,
Sigencagenca mbaz'ebukhali,
Malal'aqhamuke ngezansi,
Zingwazi ezidla inyama abanye bedl'inyamazane,
Mavel'enkomeni abanye bevel'ebantwini,
Luthuli lwezinkomo,
Mshibe kaNonopha,
Mshibe kaMakhiph'inj'efukwini kuzalele yena,
Donda!

Lukhele

Izithakazelo zakwa-Lukhele

Mdluli,
Nyoka, Nzimande
Mhlanti weNdlunkhulu!

Lushozi

Izithakazelo zakwa-Lushozi

Gcwensa,
Ndimande, Mzulwini,
Bhebhula!

Lembede

Izithakazelo zakwa-Lembede

Ndima,
Bayeni,
Sibhuzi esimqala!

Linda

Izithakazelo zakwa-Linda

Cebekhulu,
Mbhekane!

Langa

Izithakazelo zakwa-Langa

Sothole,
Sodumase,
Madevu aqgabul'inkomishi,
Phokophalala mnikolusha ngoba oludala lumbangela isilungulelo,
Shiy'abantu,
Nyongo yendlovu,
Madl'umlenze adele isidumbu,
Madubandlela,
Ngwane,
Mcwayi,
Gubhazi, Mlindeli,
Somaphunga,
Mdlaka!

Lamula

Izithakazelo zakwa-Lamula

Zinyane,
Mthembu!

Kweyama

Izithakazelo zakwa-Kweyama

Vezi,
Mnembe,
Mgabadeli,
Wena owawela ngezibul'elikhulu elawela amakhosi!

Kunene

Izithakazelo zakwa-Kunene

Madonsela,
Mtimande,
Lubambo lunye,
zingaba mbil’ufuz’ekhabonina,
Masango makhulu nawabantu nawezinkomo,
Nina bakwa Malambule,
Okwathi uMalambule ebanga noMswazi nathi, "Malambule phambili"!

Kubheka

Izithakazelo zakwa-Kubheka

Khathide,
Masobode,
Wena owasobodela udlubu nokhasi,
Mgwaqo awedlul'esibayeni, ngoba kuvalwe ngamakhanda amadoda,
Mbend'ebomvu enjengetolwane,
Boya obuningi obungangenyathi,
Mbokod'ebomvu kaMagayiza esunduza abeSuthu namaNdebele,
Sicabha esihle esakhothwa izinyoni zakwaKhathide,
Sombheshane,
Makhunga, wena owakhunga izimbila emgedeni, zaphuma zingenamisila,
Nanamuhla azinawo umsila ngesimanga sikaMaKhunga,
Ndolwane,
Magonondo!

Khwela

Izithakazelo zakwa-Khwela

Ndulini,
Mgabhazi,
Sicubu kasosiwa, wasosa uyosihlawula!

Khuzwayo

Izithakazelo zakwa-Khuzwayo

Gumede,
Qwabe,
Mnguni kaYeyeye,
Khondlo,
OSidlabehlezi bakaPhakathwayo
Abathi bedla, bebebeyenga umuntu ngendaba,
Bethi, "Dluyeya ngenhlana, umalokazana ubeyethe, kayikhuni sidingida yoyodaba!"
Kanti bahlinz'imbuzi,
Malandela, ngokulandel’ izinkomo zamadoda,
Phakathwayo!

Khumbuza

Izithakazelo zakwa-Khumbuza

Ndosi,
Nombedu,
Nkomo kayivuswa,
Nkom’isengwa ilele,
Wayisenga imile iyakhahlela,
Squnga esihle esingahlalwa nyoni,
Siqunga esizalela amasakabula
Mkhokheleli owakhokhela isizwe ekugqilazweni,
Dubandlela!
Vico akagezanga,
Obuye nensil'emfuleni,
Ngob'ethembe ukugeza ngobisi,
Magaye ongangolwandle!

Khumalo | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Khumalo

Mntungwa,
Mbulaz'omnyama,
Nina bakaBhej' eseNgome,
Nin' enadl'umuntu nimyenga ngendaba,
Nin' enadl' izimf'ezimbili ikhambi laphuma lilinye,
Lobengula kaMzilikazi,
Mzilikazi kaMashobana,
Shobana noGasa kaZikode,
Zikode kaMkhatshwa,
Okhatshwe ngezind' izinyawo nangezimfushanyana,
UMkhatshwa wawoZimangele,
UNyama yentini yawoZimangele
Mabaso owabas' entabeni kwadliwa ilanga lishona,
BaNtungw' abancwaba,
Zindlovu ezibantu,
Zindlovu ezimacocombela,
Nin' abakwaMawela owawel' iZambezi ngezikhali,
Nin' abakwaNkomo zavul' inqaba,
Zavul' inqaba ngezimpondo kwelaseNgome zahamba,
Nin' enalukudl' umlenze kwaBulawayo,
Mantungwa Aluhlaza,
Mantungwa Amahle,
Bantwana benkosi,
Nin' abakwaNtokela,
Inkubele abayihlabe ngamanxeba,
Abakhule ngezinyawo ezimfishanyana nezimaqhukulwana,
Inyang' abathe beth' ifil' uZulu kanti isiyetheswe,
Yetheswe ngoNyakana kaMpeyana,
UBando abalubande balushiy' uZulu,
UNtshwintshwintshwi kaNoyanda noNdaba,
UNkone evele ngobus' emdibini,
Maqhaw' amakhulu!




Khumalo clan names, Khumalo clan praises, izithakazelo zakwa Khumalo , mntungwa clan names, mntungwa clan praises, Khumalo clan history, Khumalo clan

Khuluse

Izithakazelo zakwa-Khuluse

Hlongwa,
Gabhise,
Mtumaseni, Khawula,
Mdindela!

Khubisa

Izithakazelo zakwa-Khubisa

Nkomo,
Ncube!

Khobeni

Izithakazelo zakwa-Khobeni

Mphemba,
Onanana boselesele, abaphumel' eshashalazini,
Bahlangabezana nomoya nezulu,
Kwabhekwana!

Khoza

Izithakazelo zakwa-Khoza

Mlotshwa,
Msuthu,
Mkhathini,
S'phan'abantwana,
Ndlel'ehamb'ekhaya,
Eyanqamula kwaMlandakazi,
Mancencence,
Hlabisa odlulayo,
Ngoba olele akahlatshiswa,uyidla aze ayiqede,
Wena wakaMpahl'emhlophe,
Ingaba bomvu isiyonake,
Ntshingwayo,
Mangena, Mlilo,
Skotana,Mabona,
Nomageja, Sokhabase,
Ntshamase,
Ndlandla!

Kheswa

Izithakazelo zakwa-Kheswa

Mnguni,
Nozulu liyasa liyasibekela,
Mngun'omuhle wakwaMchumane,
Mpofane,
Mchumane ,ngelengele,
Liyasa liyasibekela,
Nozulu, Mpangazitha,
Maqhaqhambi wezulu eliphezulu,
Izimpofana zawela uThukela nomlazane onameva,
Neza Nimachochombela njengekwindla,
USuthu Oluzalela izinja lungazalela izinzule luyahlanya!

Khawula

Izithakazelo zakwa-Khawula

Hlongwa,
Gabhise, Ntombela,
Gidela, Mtumaseli,
Ntanzi!

Khathide

Izithakazelo zakwa-Khathide

Kubheka,
Masobode,
Wena owasobodela udlubu nokhasi,
Mgwaqo awedlul'esibayeni, ngoba kuvalwe ngamakhanda amadoda,
Mbend'ebomvu enjengetolwane,
Boya obuningi obungangenyathi,
Mbokod'ebomvu kaMagayiza esunduza abeSuthu namaNdebele,
Sicabha esihle esakhothwa izinyoni zakwaKhathide,
Sombheshane,
Makhunga, wena owakhunga izimbila emgedeni, zaphuma zingenamisila,
Nanamuhla azinawo umsila ngesimanga sikaMaKhunga,
Ndolwane,
Magonondo!

Khathi

Izithakazelo zakwa-Khathi

Nandisa,
Mbende, Sotobe,
Phakathwayo, Sibiya,
Phathakahle!

Khanyeza

Izithakazelo zakwa-Khanyeza

Ngwane,
Bhengu, Ngcolosi,
Dlabazane,
Nima enigeza ngobisi abanye begeza ngamanzi!

Khanyile

Izithakazelo zakwa-Khanyile

Sothole,
S'tshopo,othi udl'inkomo kanti udl'impisi,
Umashaya umuntu aphindele lapho aphuma khona,
Odl'isinkwa esinothotho,
Mahamba kancane Sogodi,
Phondo olukhulu elavuma kwavuma amadoda,
Shalashala elihle elithukuvuma ukulandula,
Ntunjwa kaLanga,
Mthiyane,
Ndwandwe,
Zikode, Mabhuqa,
Ngwane,
ULanga ongenandlebe angaba nendlebe weza nonina,
Inhliziyo eyasala ezaleni kwasa bayicosha ngakusasa!

Khambule

Izithakazelo zakwa-Khambule

Mzilankatha,
Inkatha kayingen'endlini,
Yangena kubola izinkaba zabantwana,
Nina bakaNkomo zilal'uwaca,
Ezamadojeyana zilal'amankengana,
Mlotshwa,
Malandel'ilanga umaliyoshon'emaNcubeni,
Mpangazitha, Magasolo,
Nina basebuhlen'obungangcakazi,
Abadl'embeleni wenkomo kungafanele,
Kwakufanel'udliwe ngabalandakazi,
Nina bakaDambuza Mthabathe,
Nina basemaNcubeni enabalekel'uShaka naziphons'emfuleni,
Kwakhuz'abantu benifihla,
Nafik' eSwazini naphenduk'uNkambule,
Msuthu,
Mncube onsundu ngezinyawo zakho,
Wen'oyithath'iNkosi uyibek'enhlabelweni,
Nina baseSilutshana,
Nin'enakhelana noMbunda,
Nina bakaMaweni,
Nzimande,
Mncaphayi,Shezi,
Malangatsha!

Khaba

Izithakazelo zakwa-Khaba

Ngobese,
Mqungebe!

Jiyane

Izithakazelo zakwa-Jiyane

Mkhathini,
Magolwane, Zikode,
Mzilankatha,
Phangela koqhoqhoqho,
Mashishwana,
Mbopha kaSthayi,
Gome kamshebe,
Mandlazi othab'izolo,
Mahlinza!

Jili

Izithakazelo zakwa-Jili

Masengwa,
Qabase ,Vilakazi,
Mphephethwa,
Nkom'esengw'ilele ngoba uma imile iyakhaba,
Nomjoli, Binda,
Ntombi engaqomi kwaJili iyogana impaka nesikhova,
Gqagqangene!

Jele

Izithakazelo zakwa-Jele

Nonyanda,
Luvuno, Nguboyengwe,
Gasa, Malembe,
Mthiyane, Cebisa,
Dladlami, Makhaza, Mlotshwa,
Ndawonde, Nhlapo, Khabela, Sokhulu,
Skhangane esakhang'amadoda
Nkala, Vumisa,
Mpandane!

Jamile

Izithakazelo zakwa-Jamile

Nsele,
Nkamzwayo,
Mehloluhlaza!

Jama

Izithakazelo zakwa-Jama

Dlamini,
Mzizi,
Jama Ka Sijadu
Nomane, Mtikitiki,
Cubungulashe,
Ndabazamthethwa, Nsukunsuku,
Ntabuyanyuka, Sandluluba,
Nkosi!

Jali | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Jali

Sijongo,
Phumela,
Ngcolosi!



Tags: jali izithakazelo, jali, jali clan names, jali clan praises, jali

Hlubi

Izithakazelo zakwa-Hlubi

Dlamini,
Nkosi, Ludonga,
Mavuso!

Hlophe

Izithakazelo zakwa-Hlophe

Samela,
Thumbeza kamyeni,
Ntombi zenda ngonyezi,
Ezabafokazana zenda ngobumnyama,
Mahlekwana,
Nina enahlek'umuntu edlula ngendlela,
Dlezi!

Hlongwane

Izithakazelo zakwa-Hlongwane

Ngwane,
Masumpa,
Masenga sileka,
Nduku Zinobulongwe,
Zikhali ezingalingani nezamaxhegwana,
Nina bakaSangweni elingawelwa abafokazana liwelwa izinkonjane zasemaNgwaneni,
Sang'elibanzi elingavulwa abantukazana ngoba livalwe ngezihlangu zamadoda,
Nina bakaMatiwane,
Abaqhobosha ithole elintanga zimashumi,
Ligwalagwala lakithi elimadolo abomvu!

Hlongwa

Izithakazelo zakwa-Hlongwa

Khuluse,
Gence, Shozi,
Gabhisa, Mtumasela,
Langa, Mbasha,
Wena owehla ngomzungulu wasala wabola,
Khawula!

Hlengwa

Izithakazelo zakwa-Hlengwa

Mashasha,
Nongubo, Shingweni,
Mlebuka, Sijamane,
Dumakude, Mbuyisa,
Ncokela,
Mngcenge!

Hlomuka

Izithakazelo zakwa-Hlomuka

Ngidi,
Bophela,Busane
Fuyane, Mazinga,
Mlalazi kaNoxhaka,
Laka lathengwa ngembuzi,
Imbuzi kwakungeyempongo,
Wena bhaka laseMakhasi,
Wena nyoka zakhwela emthini zingenanyawo,
Wena nkomo zehla ngelengiso estikini,
Wen'okandunu mabukwa yombili abasezitheni nabasekhaya,
Dlokwe lendlovu,
Jiji Mankononkono,
Geza ngenhla abafokazana begeza ngezansi,
Mnguni!

Hlela

Izithakazelo zakwa-Hlela

Madlula,
Kunene, Mphumela,
Maqeda kaNkani,kadabula iziziba,
Hangala,
Malakubuswa, Hlangakazi,
Nyongo yenyathi,
Mashiya amambi,
Nhlonhlonthi,
Ngcwingcwi Ezikhotha komude ngoba komfishane ziyagoba!

Hlatshwayo

Izithakazelo zakwa-Hlatshwayo

Mhayise wakoLanga,
Ngwanya, Siyendana,
Cebisa kaMabhengeda,
Ugid'gogweni ovala emnyango ngamakhanda amadoda,
Mgogodlana,
Nina enanqoba ibuhto lakwaGob'izembe,
Ngele!

Hlabisa

Izithakazelo zakwa-Hlabisa

Ngotsha,
Mdinwa, Vilakazi,
Songiya, Somfula
Bulawayo!

Hadebe

Izithakazelo zakwa-Hadebe

Bhungane,
Bhungane kaNsele,
Zikode, Gob’izembe,
Makhulukhulu, Mehlomakhulu,
Umkhulu Bhungane,
Ziyengane eziyeng’umuntu, zimyenga ngendaba,
Mthimkhulu,
Mashiya amahle, amade anjengawenyamazane,
Mafuz'afulele njengelifu lemvula,
S'goloza esimehlo abomvu esibheka umuntu kube sengathi siyamujamela,
Ndlubu zamil’ebubini, ngoba zesab’ukwehlela,
Ingab’emhlabeni zesabani?
Nina enindlebe zikhanya ilanga,
Nina enindlebe zinhle zombili,
Nina bosiba olude olungakhothami endlwaneni kodwa kwezinde luyakhothama,
Nina bomagawula imithi emincane emikhulu ivele iziwele,
Mahlubi amahle,
Nina maHlubi anzipho zimnyama ngokuqhwayana,
Mashwabadela owashwabadela inkomo kanye nezimpondo zayo,
Ngelengele!

Gwamanda

Izithakazelo zakwa-Gwamanda

Yenga,
Sochumase!

Gwala

Izithakazelo zakwa-Gwala

Mphephethe,
Khilane, Nkondlwane,
Nzimande!

Gwagwa

Izithakazelo zakwa-Gwagwa

Mlambo,
Qunga!

Gwacela

Izithakazelo zakwa-Gwacela

Mbili,
Mhlanga!

Gumede

Izithakazelo zakwa-Gumede

Mnguni,
Qwabe,
Mnguni kaYeyeye,
Osidlabehlezi bakaKhondlo kaPhakathwayo,
Abathi bedla, babeyenga umuntu ngendaba
Abathi "dluya kubeyethwe",
Kanti bahlinza imbuzi,
Bathi umlobokazi ubeyethe kayikhuni,
Sidika lolodaba,
Phakathwayo!
Wena kaMalandela,
Ngokulandel' izinkomo zamadoda,
Amazala-nkosi lana!
Mpangazitha!

Gumbi

Izithakazelo zakwa-Gumbi

Skhende,
Jele,
Ngubo yengwe.
Somkhanda, wena owakhanda amadoda,
Wena ka-Mathumb'ayiphanyeke,
Ntongande, Mdakane,
Mehl'enkomo, Ntini,
Nozingelayo,
Ndandali,
Wena kaNgoni,
Mlotshwa!

Guma

Izithakazelo zakwa-Guma

Siyaya,
Mangena!

Gule

Izithakazelo zakwa-Gule

Malambule,
Nselenduna!

Goqo

Izithakazelo zakwa-Goqo

Ndaba,
Mwelase ongaweli ngazibuko owela ngezimpambosi zomfula,
Nomvikela kaNokulamba kaDelwa,
Sobahle, Dubandlela
Ndongadilika kuphuz'izimpohlo,
Godo olungahlalwa nyoni oluhlalwa amankankane kuphela,
Amalala amahle alalanomunwe endunu avuka awuncinda akhomba ilanga,
Lwembu olumahwatha othi ungaluthinta luhwathabale!

Gobhozi

Izithakazelo zakwa-Gobhozi

Nyuswa,
Ngcobo,
Fuze!

Goba

Izithakazelo zakwa-Goba

Jangaza,
Mbambo,
Mageza!

Gininda

Izithakazelo zakwa-Gininda

Nyembezi,
Shamase!

Gina

Izithakazelo zakwa-Gina

Magadlela,
Mhlungu,
Bukhosini!

Gedeza

Izithakazelo zakwa-Gedeza

Mnyandu,
Nongalaza,
Nondelamzimba, ewudelel'abezizwe,
Bhobholumtshingo KaPhenyana,
Buthela, Mlimandlela,
Thangameza, Bomphankomo,
Mpangazitha!

Gebashe

Izithakazelo zakwa-Gebashe

Ngcaweni,
Mnguni!

Gcwensa

Izithakazelo zakwa-Gcwensa

Ndimande,
Mzulwini, Shozi,
Dumisa,
Mlokothwa!

Gcwabaza

Izithakazelo zakwa-Gcwabaza

Thusi,
Sishange, Makhanya,
Mlotshwa!

Gcumisa

Izithakazelo zakwa-Gcumisa

Gcumisa,
Ngwazi!

Gcabashe

Izithakazelo zakwa-Gcabashe

Qwabe,
Mnguni kaYeye,
Mhlathuze,
Njonjo, Masimula
Hlobo lukhulu lwadl'amasi lwaze lawashiyel'esiyevini,
Thamb'elimanephu!

Gazu | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Gazu

Sotobe,
Qwabe, Gumede,
Ndaba,
Mpangalala 
Mkhunjini 
Mathula 
Mgxebe!

Gcaba

Izithakazelo zakwa-Gcaba

Thembela,
Nombela,
Mbuso!

Gaxa

Izithakazelo zakwa-Gaxa

Gubevu,
Nokhala, Msuthu,
Giyana, Maduna,
Diba!

Gatsheni

Izithakazelo zakwa-Gatsheni

Ndlovu,
Boya benyathi, obusonga busombuluka,
Mpongo kaZingelwayo,
Nina bakwaNdlovuzidl'ekhaya, ngokweswel'abelusi,
Zaze zeluswa intombi uDemazane,
Nina bakwaKhumbul’amagwala,
Nina bakwaDemazane Ntombazana,
Nina bakwaS’hlangu sihle,
Mthiyane,
Ngokuthiy'amadoda emazibukweni,
Nina bakwaMdubusi!

Gasela

Izithakazelo zakwa-Gasela

Gasela,
Chiliza,
Mvemve,
Mtungwa,
Sdudu somfaba,
Ndlovu ezidla ekhaya ngokweswela umelusi,
Mdunge!

Gasa

Izithakazelo zakwa-Gasa

Msomi,
Gasa, Meyiwa,
Thabela, Vezi,
Nophacwa,
Wena owaphica Umfazi kwasa ekuseni kwazekwa indaba,
Onondabula zixuku zakoNdwandwe,
Wena owehla ngomzungulu wasala wabola,
Mndayi!

Gamede

Izithakazelo zakwa-Gamede

Magadlela,
Mkholwa, Sebenzekhaya,
Mbebe!

Gama

Izithakazelo zakwa-Gama

Mlangeni,
Shabangu,
Mbokane, Mdluli,
Manyoni!

Fuze

Izithakazelo zakwa-Fuze

Fuze,
Dlomo!

Gabela

Izithakazelo zakwa-Gabela

Mkhondo,
Mpangazitha,
Mahlasela,
Vezi kanoNene,
Uvezi akangakanani ngoba nasentendeni yesandla uyenela,
Zikhundl`ezimbili, esokulala nesokuthamela,
Nina bakonkomo zeza nomungu njengamabele,
Maqomboli kakhohlwa zindlela abadala zibakhohliwe,
Wena wakasilengela ntabeni engakhe ntabeni,
Nsele kaLinda mkhonto!

Fakazi

Izithakazelo zakwa-Fakazi

Fakude,
Fihlela!

Dunge

Izithakazelo zakwa-Dunge

Chiliza,
Mkhathini!

Duze

Izithakazelo zakwa-Duze

Ndaba,
Seyama, Luvuno,
Gayela!

Dumisa

Izithakazelo zakwa-Dumisa

Gcwensa,
Ndimande!

Duma

Izithakazelo zakwa-Duma

Ntenga,
Mthombeni,
Lwandle kaluwelwa luwelwa zinkonjane kuphela zona ezindiza phezulu,
Ngongolozi owaphekwa netshe,
Kwavuthwa lona kuqala,
Thabisa,
Mvenya!

Dumakude

Izithakazelo zakwa-Dumakude

Mngcobo,
Nzimase,
Mpunz'edl'emini,
Ebusuku iyalala,
Luhagane olwahaga umfazi esibunjini kwaze kwasa ethwibisheka,
Msongi wensimbi waybeka ekhanda,
Nyawo!

Dube

Izithakazelo zakwa-Dube

Dube elimthende,
Nzwakele, Khushwayo,
Maqhama, Lushozi,
Mbuyazi akathekeli kubafokazane,
Silwane esihle,
Mageza ngobisi abanye begeza ngodaka!

Dubazana

Izithakazelo zakwa-Dubazana

Mwelase,
Mbansa ngesandla ebantwini,
Wena kaCala,
Wena ongawelanga ngazibuko,
Wena owawela ngezimpambosi zomfula
Khondlo!

Donda

Izithakazelo zakwa-Donda

Ngonyama, Masinga,
Thusini, Manqele,
Mzimela!

Doyisa

Izithakazelo zakwa-Doyisa

Bika,
Khoso, Mazengezi,
Ndlela zabadluli,
Nono, Mzoboshi,
Mvubu!

Dlungwane

Izithakazelo zakwa-Dlungwane

Mpithikeza,
Mathaba,
Ndlalakuhle, Nhlab'shile,
Luqa,
Zondi,Nondaba,
Gagashe!

Donda

Izithakazelo zakwa-Donda

Ngonyama, Masinga,
Thusini, Manqele,
Mzimela!

Dlungwane

Izithakazelo zakwa-Dlungwane

Mpithikeza,
Mathaba,
Ndlalakuhle, Nhlab'shile ,
Luqa,
Zondi,Nondaba,
Gagashe!

Dlungwana

Izithakazelo zakwa-Dlungwana

Mpithikeza,
Mathaba,
Ndlalakuhle, Nhlab'shile ,
Luqa,
Zondi,Nondaba,
Gagashe!

Dludla

Izithakazelo zakwa-Dludla

Nolanga,
Skhakha somfazi,
Nsukunganye,
Cebisa, ocebisa abafokazana ngozuka
Ndwani, Noyivalela,
Ndaba zamanina,
Sibunyana siluhlazana intebe,
Mandondo weNkethe,
Jaja, Maphambukela,
Mbayimbayi, Mbuya,
Madlodlongwane,
Sikhonkwane, Ntanjana,
Mmemezi, Tonisi,
Maxolo!

Dludlu

Izithakazelo zakwa-Dludlu

Mtima,
Mzomba,
Sikhakhane!

Dlomo

Izithakazelo zakwa-Dlomo

Mkhabela,
Dinangwe,
Bhelesi, Khweba,
Malala nomunwe endunu,
Avuke ancinde akhwife eMpumalanga,
Abuye ancinde akhwife eNtshonalanga,
Sikhaba esingangenkomo!

Dlodlo

Izithakazelo zakwa-Dlodlo

Mpangazitha,
Mbanjwa, Mdladlana,
Mabanga, Mtingi,
Bangile, Mthiyane,
Mathabela!

Dlangalala

Izithakazelo zakwa-Dlangalala

Dlangalala,
Galu!

Dlamlenze | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Dlamlenze

Shamase,
Nzima!

Dlamini | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Dlamini [Zulu]

Sibalukhulu,
Mdlovu, Magaduzela,
Magaga kaNsele,
Wena owashisa umuntu ngesikhuni esibunjini kwaze kwasa eyobayoba,
Mgoqo ovimb'esangweni nansi impi,
Izwe lafa ngathini na?
Wena owabonela empunzini ukuthi kuyabalekwa ngoba yona yabaleka yaziphonsa ocingweni,
Ngonyama!



Dlamini clan names, Dlamini clan praises, Dlamini praises, Dlamini izithakazelo

Dladla

Izithakazelo zakwa-Dladla

Mgabadeli,
Owagabadela izinkundla zwakwaBulawayo,
Gadlela, Dwala,
Mpembe, Mhlophe,
Vezi, Dladla,
Mhlophe, Nyazitha,
Magalel'agoqe njengeshongololo!

Dhlomo

Izithakazelo zakwa-Dhlomo

Mkhabela,
Dinangwe,
Bhelesi, Khweba,
Malala nomunwe endunu,
Avuke ancinde akhwife eMpumalanga,
Abuye ancinde akhwife eNtshonalanga,
Sikhaba esingangenkomo!

Dimba

Izithakazelo zakwa-Dimba

Dukada,
Fenya, Fanisa,
Mabhalangozipho,
Nkundlande,
Mnguni!

Cibane

Izithakazelo zakwa-Cibane

Cibane,
Shongololo!

Coka

Izithakazelo zakwa-Coka

Mzimkhulu,
Qandela,Manatha,
Khathazo!

Cindi

Izithakazelo zakwa-Cindi

Mahlaba,
Mashinini!

Chule

Izithakazelo zakwa-Chule

Nxele,
Msweli!

Chonco

Izithakazelo zakwa-Chonco

Gambushe,
Shay'imamba,
Nyongande ziy'emhlubulweni,
Mabhala ngozipho abanye bebhala ngamapensela,
Wen'ohlab'inkomo wathi iyagxuga kant'uthand'inyama,
Mfomubi!

Chiya

Izithakazelo zakwa-Chiya

Galweni,
Wohlanga,
Magangath'indlela kuvele udonga!

Chili

Izithakazelo zakwa-Chili

Lushaba,
Mthuli,
Lushaba lwenkosi,
Ngwenya,
Mgwazi kaQhaqhela,
Mcwashi,
Sithole esaya kwaMpanza sabuya sesixhekethisile,
Bhebheza wena wasezilovini!

Chiliza

Izithakazelo zakwa-Chiliza

Mdunge,
Chiliza,
Shabalala,
Zisuka zibekwa,
Bhoyiya,
Mdzakudza,
Hlule hlophe,
Wena owadunga amanzi baphuza abafokazana,
Dunge elihle, dunge elimhlophe!
Mkhathini,
Ngubonduna!

Chibi

Izithakazelo zakwa-Chibi

Tibane,
Mlambo,
Mful'omkhulu ongawelwa muntu,
Uwelwa zinkonjane kuphela,zona ezinamaphiko!

Chagwe

Izithakazelo zakwa-Chagwe

Mshengu,
Nzima, Mayane,
Gugushe!

Chamane

Izithakazelo zakwa-Chamane

Wosiyane,
Nzama,
Mashiza,
Dingila,Chube,
MaChube amahle,
Nombhoco, Chube,
Gcugcwa,
Zukula kaNombhoco,
Zukula, nina baseS'Chamaneni,
Wena owawela ngelibanzi kwasala izindondo zacoshwa abafokazane,
Nina bakwamfazi kashaywa ngemvubu,
Kodwa ushaywa ngombhombolo wesidwaba,
Mkhandi wensimbi,
Nina enidume ngokugcagca insimbi amanye amakhosi edume ngesithembu,
Gcugcwa ka-Ncameni,
Ncameni ka-Nozaca!

Cele

Izithakazelo zakwa-Cele

Ndosi,
Nombedu,
Khumbuza,
Nkomo kayivuswa,
Nkom’isengwa ilele,
Wayisenga imile iyakhahlela,
Squnga esihle esingahlalwa nyoni,
Siqunga esizalela amasakabula
Mkhokheleli owakhokhela isizwe ekugqilazweni,
Dubandlela,
Vico akagezanga,
Obuye nensil'emfuleni,
Ngob'ethembe ukugeza ngobisi,
Magaye,
Magaye ongangolwadle!

Cambi | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Cambi

Mathaba,
Mbuyazi!

Cebekhulu | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Cebekhulu

Gobeni,
Nsele,
Mangethe Zikode kaPhikela,
Wena Wasetsheni,
UZwane akadlelanga phansi wadlela emkhombeni wezinyamazane,
Edla im'hlambi yezinkomo zamadoda,
Ndlangashushwana ngokudla amaNdebele,
Bathi uZwane udleni kwaMtambo?
Kuthiwa udle izinjana zimbili zigcwele umdakana,
Ntshosho!
Wena kaMafu kawalingani,
Aphansi naphezulu,ngoba aphezulu angubo ngubo,
Ntsele kaLinda kaMkhonto,
Awungilinde ngilande ezami eZungeni,
Mthanti,
Nduna ngokuthwal' isila sensele,
UNtsele kangakanani,
Ngoba nasothini lomkhont' angahlala.
Isikhova singathi,"hhi" sibona imihlambi yezinkomo nabantu,
Nin'enadlel'encazeni,
Nin'eniphakel'umyeni odengeleni,
Ngoba ningabenkosi.
Zikode kaNdabansele,
Mabhayi kawalingani nawangaphansi nawangaphezulu,
Mangethe,
Nina bakaVezi Owadl'isihlahla njengengwababane,
Zwane,
Phikela wengwe,
Nselenduna nina basetsheni laseNtshenteka,
Mandaba,
Ukub'uMandaba wayengehlanga phezulu saso buswa ubani?
Zinkomo zakwaLinda ezimhlane ugcwele udaka,
Ezathi zidl'ubhoqo kanti ziyawuhlakulela Ntshosho,
Nina BaseMangweni!


Cebekhulu clan, Cebekhulu clan names. Cebekhulu clan praises, izithakazelo zakwa Cebekhulu 

Caluza | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Caluza

Mnguni,
Ndlela,
Wena owawela uThukela neMpofana!

Buthelezi | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Buthelezi

Shenge,
Sokwalisa,
Mnyamana kaNgqengelele,
Phungashe,
Sondiya,
Mnandingamondi,
Wena owadliwa zindlovukazi zamlobolela,
Nina zinyawo ezimahhele,
Enaganisa izintombi nanganye nangambili!

Buleni | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Buleni

Sgwaza,
Nkomedl'abantu,
Sgwaca esagwac'ethafeni,
Mlomula!

Bophela | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Bophela

Hlomuka,
Bophela,Busane,
Fuyane,
Mazinga!

Blose | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Blose

Ndelu,
Madiba,
Dimba, Duma,
Mseleku,
Phonsel 'obusuMajonjobela oThunga ligcwala lingethiwanga ligcwala ukuhlakanipha,
Bohlela,
Noncengwa,
Wena owancengwa izintombi zathi,"sicela usishade Blose",
Chobile,
Wena owachoba izintwala zenkosazana,
Shinga,
Akushinganga mina kwashinga isibongo!

Biyela | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Biyela

Ntshangase, Menziwa,
Njezi ka Xhoko!
Ndabezitha!
Mvundlane wasoKhabeni,
Mbeng'osinda abosi,
Mgazi!

Biyase | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Biyase

Khathini,
Ziqubu,
Ngonyama yenduna,
Luphondo!

Bhebhe | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Bhebhe

Makhedama,
Soyengwase,
Nina bakaBhebhe kaMthendeka,
Nina bakaSoqubele onjengegundane,
Nina baseSiweni,
KwaMpuku yakwaMselemusi,
KwaNogwence webaya,
Dlomo weNdl'ende,
Sihlangu samavaka seswel'ababhemu,
Wen'owalala nomunw'endunu, wavuka wawuncinda wawukhomb'ilanga,
Makhul'emini abafokazana bekhul'ebusuku,
Zingwazi zempi yakwaNdunu,
Njoman'eyaduk'iminyakanyaka,
Yatholakal'onyakeni wesine,
Yabuye yatholakala ngowesikhombisa,
Langeni,
Owavel'elangeni!

Bhengu | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Bhengu

Ngcolosi!
Wena wakwaDlabazane,KaNgwane,
KaNephu kaLamula,
Nyawo zigezwa ngamazolo,
Nina enivuka nixubhe ngelala,
Shongololo,
Wathi uyalithinta lahwaqabala,
Ngabe siyakudla sesab'imilenzelenze,
Nyawo zeshongololo kaziphumuli,
Sigampu,
Ngwane, ingwani ngwadi,
Abayibone ngesond'ukuthi iwelile,
Jali,
Nina enilala nomunwe,
Nivuke nikhwif'ilanga,
Mmemezi kaHlangabeza,
Ngcolosi!